zulu.654.health
ezempilo
Ingozi yokuphuza ngokweqile
Phuza isobho!
Kuyizindaba ezinhle ukuzwa ukuthi ukuphuza isobho elingenawo ama-kilojoule amaningi ngaphambi kokudla kungasiza ngokwehlisa isisindo somzimba. Ngokwabacwaningi basePennsylvania State University, khetha isobho elinama-kilojoules angu-400-600 ukuze usuthe. Lolu cwaningo lwakhombisa ukuthi abantu badla ama-kilojoules ehle ngo-20 percent kulelo sobho.
BONA ZULU - August 2007
NgokukaJoe Griffin ongudokotela wengqondo nongomunye wababhali beHow To Master Anxiety kufanele uhleke uma uhlushwa wuvalo nokwesaba! Imbangela yalokho wukuthi ukuhleka kukhulula i-diaphragm efinyelayo uma ukhathazekile. Bukela ihlaya elizokuhlekisa kwiTV, ukhumbule okuthile okwake kwakuhlekisa, noma ushayele umngani onamancoko ucingo.
Hleka uphile
IQINISO:
Hlukana nosawoti!
Ngokwabacwaningi baseHarvard Medical School eMelika, ungaphila isikhathi eside uma ungawudli usawoti. Ocwaningweni lwabo abalwenza iminyaka engu-15 kubantu abangu-3 000 abane-high blood-pressure, kwatholakala ukuthi ikota yabo ayikho engozini yokuphathwa yisifo senhliziyo noma i-stroke - kunalabo abasawudla usawoti kanti abayingxenye eyodwa kokuhlanu baphila isikhathi eside.
Qaphela, ukuphuza weqise ngempelasonto kuyingozi. Abesimame abaphuza iziphuzo ezidakayo ezingaphezulu kwezine ngelanga, noma ezingu-22 kuye kwezingu-27 ngesonto basengozini yokuphathwa umdlavuza webele ngokuphindaphindeke ka-130 percent ngokocwaningo olwenziwa eDernmark. Kodwa ukuphuza ngempelasonto kuphela kuyingozi kakhulu ngoba uphuza weqise.
Isisindo sekhanda lomuntu elilingene singu-3,6kg
Hlala uphilile noPatricia McCracken
IQINISO:
Phumuza iTV yakho
Ngokwabacwaningi baseColumbia University eMelika, kalela izingane isikhathi sokubukela iTV uma ufuna ukuba ziphucule impilo yazo. Bathola ukuthi mancane amathuba okuthi izingane ezineminyaka engu-14 ezichitha amahora amathathu ngosuku zibukela iTV ziye enyuvesi kunalezo ezichitha ihora elilodwa. Izingane ezikhonze iTV azizihluphi ngokwenza izinto ezinhle ezingaba nomthelela omuhle ekukhuleni kwazo.
Zama lo mdanso wokukhumbula...
...usebenzise amehlo! Chitha imizuzwana engu-30 ngosuku ugijimise amehlo akho ezinhlangothini zonke ukuze uphucule umqondo wakho ngamaphesenti angu-10, ngokusho kwabacwaningi baseManchester Metropolitan University. Bathi lokho kukhuthaza ubuchopho ukuze busebenze kahle.
Isibeletho sinwebeka ngokuphindaphindeke ka-500 kusayizi waso ojwayelekile
BONA - August 2005
