zulu.652.muthi
Ukuhlalwa AMADLOZI ESIBELETHWENI
Wayesejahe ukuthola ingane waze walala nesangoma
OWESIMAME uthi kwathiwa ngeke abathole abantwana ngokwenqaba kwakhe ukwamukela ubizo lokwelapha ngokwesintu.
Uneminyaka eko-40 kanti useneminyaka engu-18 eshadile.
Eyokwelapha wayengayizwa kwakuyizwa phezu kokutshelwa ukuthi kungani abaphansi bamvala isibeletho. Wayesefuna nanokwehlukanisa nomyeni wakhe.
Ephusheni watshelwa ukuthi nasemshadweni omusha ngeke abathole abantwana. Walilalela iphupho, wayoqeqeshelwa ubungoma.
Aqhubeka amaphupho. Kwelinye watshelwa ukuthi ahambe aye endaweni ekude. Lapho wayezofike abonane nesangoma esidala esasizomsiza sehlise izinhlupheko zakhe.
Wahamba usuku lonke. "Emva kokubonana nalesi sangoma, ngaba nelinye iphupho elangenza ngakhala lapho ngicabanga ukuzibulala," kuqhuba yena.
"Ephusheni ngatshelwa ukuthi mangiye ocansini naso leso sangoma ukuze ngikwazi ukuthola abantwana.
"Angizange ngize ngisho lutho kumyeni wami ngalokho, ngahamba ngayobona isangoma futhi.
"Ngesikhathi ngisitshela ngaleli phupho, sethuka kakhulu.
"Sathi kungokokuqala eminyakeni engu-50 selapha ukuba senze le nto enzima kangaka.
"Sasishadile, kanti njengami singafuni kube khona into ezophatha kabi umndeni waso."
Ngesikhathi esevakasha okwesithathu, wasithola naso sesihambisana nalowo mqondo. "Sangexwayisa ngokuba ngihloniphe okushiwo amadlozi, saqhubeka sathi siyakukholwa engakuphupha ngoba sobabili sasingazani ngesikhathi kuqala lawa maphupho.
"Emva kokuya naso ocansini, ngakhulelwa ingane yaso. Ngazizwa sengathi ngiyaphupha lapho sengibeletha ingane yomfana phezu kokuba abantu babethi sengimdala ukuba ngingathola ingane.
Emva kwalokho waphupha eshada nesangoma naso simakhela umuzi.
"Angikholelwa esithenjini, futhi angifuni ukuphatha kabi umyeni wami," kusho lona wesimame. Kwakuthi lapho kwedlula izinsuku ezingaphezu kwezimbili engasibonanga isangoma, aqalwe yizinhlungu esifubeni. "Kwakuthi lapho sengikhulumile naso ocingweni noma sengisivakashele, ubuhlungu buphele.
Ufuna ukuthola enye ingane - kodwa nomyeni wakhe manje.
Okwenza kube nzima wukuthi usenothando lwalesi sangoma. "Ngiyamthanda naye uyangithanda futhi," esho isangoma.
IMPENDULO KA-FORCE
Ngokosiko lwethu indoda ivumelekile ukushada isithembu, kodwa owesimame ngeke ashade abesilisa abangaphezu koyedwa.
Indodana yakhe iyadinga ukwazi isibongo sangempela sikababa wayo nokuthi yiluphi usiko okufanele ilulandele nezingane zayo.
Isixazululo salona wesimame wukuba axhumane nelungu elidala lomndeni wakhe bahlele umhlangano nabomndeni womyeni wakhe. Kulo mhlangano wale mindeni yomibili kuzofanele akhiphe izimfihlo zakhe akhulume iqiniso.
Kufanele kuthunyelwe ithimba labantu esangomeni basazise ukuthi 'sona' unkosikazi womuntu. Emva kokuba le mindeni isikhumelene umlotha, lona wesimame nesangoma kuzodingeka ukuba benze usiko bacele amadlozi abaxolele [z]
Bhalela uForce Khashane kuleli kheli: Muthi Talk, Box 473014, Parklands, 2121, e-mail: muthi@caxton.co.za
UKWELAPHA NGAMAKHAMBI
Ngatshelwa ephusheni ukuthi angilale nesangoma esasingelapha ukuze ngithole
abantwana
EZEMITHI
IMBELEKO
Abesimame abangakwazi ukuthola izingane kufanele benzelwe imbeleko. Le mbeleko yenziwa ngesikhumba sembuzi kanti kudala kwakubelethwa ngayo ingane.
Kwakuthi lapho owesimame engabatholi abantwana - kuthiwe kungenxa yamadlozi, kuhlatshwe imbuzi kwenziwe imbeleko ukuze kunxuswe amadlozi.
Lo mcimbi kufanele wenzelwe kubo kamakoti, akhulunyelwe u-anti wakhe nomalume emadlozini.
