zulu.651.winnie
SEKUPHELE iminyaka emithathu uWinnie ashada indumezulu yomshado - ngabe ukhulelwe? Umbuzo wokuqala lowo abakwaBONA abambuza wona ngesikhathi sihlangana nalo mdlali weGenerations e-restaurant e-Auckland Park eGoli ntambama ngoLwesihlanu likhipha umkhovu etsheni.
Umyeni wakhe uThabo wayesanda kumshiya kanti indlela ambuka ngayo ngesikhathi emshiya yakubeka ngokusobala ukuthi bathandana ngempela.
Ngendlela abathandana ngayo kufanele ukuba ngabe sebekhona odado abagijima ekhaya lakwaModise.
U-Winnie wazihlekela wathi abanazingane kanti futhi akakhulelwe. Waqhuba wathi umama wakhe ohlala eShowe, KwaZulu-Natal, lapho uWinnie ekhulele khona nezingane zakubo eziyisikhombisa, naye uhlale ebuza ukuthi uyobathola nini abazukulu.
Ngokosiko kufanele ukuba ngabe sebenayo ingane manje kodwa lo mdlali omatasa wenza izinto ngesikhathi sakhe.
Akaqali ukwephula "imithetho yamasiko". Wahlala noThabo emva kokuhlangana naye.
Uthi ukuhlala ndawonye kwakungesiyo "inkinga" ngaleso sikhathi nakuba umndeni wakhe awufihlela lokho.
Abazali bakaWinnie, oZwelakhe noBongekile, lokho bakwaze ngesikhathi uThabo eselobola enza uWinnie uNkk Modise ngokusemthethweni.
Asibuyele kweyezingane. Ngabe bazomthola nini usisi noma ubhuti laba bashadikazi?
"Sasifuna ukugxila kithina kuqala njengabashadikazi ngaphambi kokufaka umuntu wesithathu empilweni yethu. Sesikhulile manje kanti kuningi esikufunde emshadweni," kusho uWinnie.
Wathi bazozama kulo nyaka ukuthola umntwana.
Uthi usejahe kabi ukuthola umntwana kaThabo ngoba uyindoda eqotho emnene.
"Ngesikhathi sihlangana ngangifuna umuntu onjengaye, umuntu onozwelo," kusho uWinnie ekhuluma ngendoda ahlangana nayo ngo-2002 kwiGrahamstown Arts Festival e-Eastern Cape.
UThabo uyintatheli yeTV esebenza ngaphansi kweSABC. Uhambela amazwe ngamazwe ebhala ngemicimbi emqoka yezepolitiki.
Uma eye phesheya uthengela uWinnie izingubo neziqedaphunga.
Ukuphana kwakhe akusona kuphela isizathu esenza ukuthi uWinnie amthande. Uthando lwakhe nokholo lwakhe lwenza wabona ukuthi nguyena Mr Right wakhe.
"Sathandana ngazi ukuthi uZelwe Kabusha kanti ngangilokhu ngizibuza ukuthi ngizokwenzani ngalo mfundisi," kusho uWinnie ehleka.
Kodwa kwathatha uWinnie izinyanga ezimbili ukuthi naye azinikele kuNKULUNKULU. Baya esontweni njalo ngamaSonto, bebambene ngezandla.
Babambana ngalezo zandla kukuhle noma kukubi - emshadweni wabo babhekane nalezo zimo zombili.
U-Winnie uthi nakuba behleli kahle, kukhona izingqinamba ababhekana nazo njengoba kwenzeka kuzo zonke izithandani.
"Umshado ungifundise ukuzwa engitshelwa kona ngingahluleli, ngifunde okuningi ngomkhwenyana wami," kusho uWinnie.
"Uma sinezinkinga, siyaxoxa sithandaze - yilezo zinto zombili esizaziyo eziyikhambi lokuxazulula izinkinga zethu."
U-Winnie, owaqala ukubonakala kwiTV kwiBackstage ngo-2003 edlala indawo yengane ehlala esitaladini, wayekhonze amaphathi engakahlangani noThabo.
"Kwadingeka ukuba ngishintshe kanti ngibonga uNKULUNKULU ngokuzalwa kwami kabusha ngoba bengingeke ngikubone ukubaluleka kokushiya amaphathi, ukube Yena akangihlanganisanga noThabo," kusho uWinnie oneminyaka engu-33.
Sengathi noKhethiwe angathola umuntu ozomthanda ngokweqiniso.
Selokhu uKhethiwe Buthelezi ethulwa ezigidini ngezigidi zababukeli kwiGenerations ngo-2005, akakaze abe nenhlanhla othandweni.
Wahluleka ezama ukuthi uTau Mogale owayengumqashi wakhe akhethe yena kunoKarabo Moroka. Emva kwalokho wathandana no-Ace, owayesebenzela isigelekeqe esinguJack Mabaso.
Wabuye wathandana noSibusiso Dlomo nokuyinto eyacishe yaqeda ubungani bakhe noNtombi.
Le ntokazi yabuye yenza iphutha elikhulu yathandana no-Adam owayidumaza ngesikhathi ethandana nenye intombi.
Ugcine kuDumisani owayeshade nonkosikazi owayenesikhwele esibi enodadewabo okhohlakele.
Pho kudalwa yini ukuthi uKhethiwe angazitholeli indoda ekahle?
"Uhlangana namadoda angamfanele adlala ngaye ngoba ebona ukuthi uphuma emakhaya," kusho uWinnie.
"Kodwa noKhethiwe ubuye abe yisitha sakhe uqobo. Akazi lutho ngothando kanti ukholwa yikho konke akutshelwa amadoda," kusho yena.
Ngabe yena nomyeni wakhe bahlela ukwenzani ngeValentine's Day?
Akukho abakuhlelile okwamanje, kodwa uWinnie uthi akwaziyo wukuthi bazoba sekhaya babukele amaDVD.
Lokho kuzwakala kuyindlela enhle yokuqala ukuzama ingane abayidingayo. [z]
Indaba: Siyabonga Ngcangisa
Izithombe: Ivan Naude
ISIHLABANI SAKHO
U
no
U-Winnie Modise akafani noKhethiwe adlala indawo yakhe ngoba useyitholile indoda yamaphupho akhe. Usitshela ngoThabo nezinhlelo zabo zokuthola abantwana
Uma ku-khona okunga-hambi kahle siya-xoxa sitha-ndaze
U-WINNIE UDALULA IZIMFIHLO
ZAKHE ZOTHANDO
Ngikhumbula... Amagama uThabo awasho mhla siqala ukubonana. Wathi kukhona lapho engazela khona kanti ngangazi ukuthi wayekhuluma iphutha.
Mhla sikhiphana okokuqala... saya e-Eastgate Mall imimoya yethu yezwana. Sabuye sahlangana izikhathi ezine singakathandani.
Umyeni wami... uyindoda emadodeni kanti ngesikhathi sihlangana wazakhela ugazi ngobumnene nokuzotha kwakhe.
UThabo... wayedalelwe mina.
Njengabashadikazi sithanda...
ukuchitha isikhathi sethu eGold Reef City sidlale ama-games njengezingane.
