zulu.650.muthi
ezemithi yesintu
Konke ngemali
'yenhlanhla'
IZINYANGA nezangoma zivame ukushona zingazidalulanga izimfihlo zokwelapha kwazo. Uzozwa udaba olwenzeka kwelinye lamazwe angomakhelwane bethu elisenyakatho yeLimpopo River...
"Umkhulu wayelapha ngamakhambi," kubhala omunye umfundi.
"Eseshonile, izinto ayezisebenzisela ukwelapha abantu zaphonswa emfuleni ezinye zabekwa emgedeni.
"Ukulahlwa nokubekwa kwezinye kwenziwa ngokomyalo wakhe esaphila.
"Wathi isizathu esenza ukuba athi ezinye azilahlwe emfuleni wukuthi wahlala emfuleni iminyaka embalwa ngesikhathi eqeqeshelwa ukwelapha.
"Izinto azithola esesemanzini kufanele ziphindele emanzini kulawo mathongo ayemnike zona."
Isipho esibalulekile
Phezu kwalokho, umkhulu wayeshiyele umzukulu wakhe isipho esibaluleke kakhulu.
"Wangishiyela isikhwama esasinezinhlamvu zemali endala. Ngokuhamba kwesikhathi ngezwa ukuthi watshela omalume ukuthi leyo mali mabayinike mina ngoba ngiyigazi lakhe.
"Bengakangitsheli omalume ukuthi kufanele ngithathe le mali, ngangike ngizibuze ukuthi umkhulu wayeyibekelani. Ngaleso sikhathi ngangithi uyaziqoqela nje le mali. Manje ngiyabona ukuthi sikhulu isizathu esasenza ukuba ayibeke.
"Ngazitshela ukuthi kusho ukuthi le mali yayibaluleke kakhulu.
"Ngaya enyangeni yaseMalawi ngiyobuza ngayo le mali yakhombisa ukuba nesifiso sokuyithenga kimina kodwa yangasho ukuthi izoyithengelani.
"Ngokuhamba kwesikhathi, enye indoda yathi nayo ifuna ukuyithenga.
"Emva kokuba ngenqabe ukuba ingikhokhele ngesithuthuthu sayo, yangithembisa ukuthi izonginika isizumbulu semali.
"Konke lokhu kwangikhombisa ukuthi yinkulu indaba yale mali.
"Ngagcina sengiye ensizweni emhlophe eyathi nakuba ngingathola imali enhle ngayo, okumqoka kakhulu wukuthi ngeyamathongo."
Ngabe lokhu kwakusho ukuthini" Yilokho umfundi afuna ukukwazi.
Izibusiso namandla okwelapha
Kulezo zinhlamvu zemali kukhona u-sixpence waseRhodesia onezimbazo ezimbili eziphambene, eyodwa inemicibisholo emithathu, ama-shillings aseMpumalanga ye-Africa anebhubesi kanye nopeni oyisiliva.
"Ngabe umkhulu wayenzani ngale mali"" kubuza umfundi.
Umngani wami oyintatheli wathi ngabe kade ayidayisa le mali ngoba kusho ukuthi umkhulu walo mfundi wayengafuni ukuba ahlupheke!
Kodwa mina ngithi le mali umfundi makayibeke endaweni ephephile angayidayisi.
Uma kwelashwa ngamakhambi, izinhlamvu zemali endala yizona ezixhumanisa abelaphi namadlozi.
Le mali inezibusiso namandla okwelapha.
Okusempeleni, abelapha ngamakhambi le mali bayifihla lapho belaphela khona.
Idluliselwa ezizukulwaneni ngezizukulwane emndenini.
Ngalokhu angizami ukudalula izimfihlo zokwelapha noma ukusiza labo bantu abangacabanga ukugqekeza lapho izinyanga zelaphela khona batshontshe le mali ukuze babe namandla okwelapha.
Le mali "iyavikelwa" kanti ungazithola usukwenkulu inkinga uma uzama ukuyintshontsha! [z]
nguFORCE KHASHANE
Bhalela uForce ngemibuzo onayo ngemithi yesintu kuleli kheli: Talking Muthi, Box 473014, Parklands, 2121 noma umthumelele i-e-mail kwethi: muthi@caxton.co.za
BONA ZULU - October 2007 93
