zulu.640.yourlifeguide_stars
ESITHOMBENI KULINGISIWE
AMANDLA OKUPHILA
USis Sarah
uzokusiza aphendule yonke imibuzo yakho aduduze nabalusizi
Bhalela kuleli kheli:
Ask Sis Sarah,
Box 32083, Mobeni
4060.
Qaphela:
USis Sarah
akaqeqeshelwe ukuxazulula
izinkinga ezithinta impilo.
UMNTWANA WAKWAPHINDANGENE
Umholi wezepolitiki
(wazalwa ngo-August 27, 1928)
Umntwana uzalwa yiNkosi uMathole Buthelezi noMntwana uMagogo kaDinizulu, ongudadewabo weNkosi uSolomon kaDinuzulu kanti wajoyina i-ANC Youth League ngo-1950, wasungula i-IFP ngo-1975. Kule minyaka uMntwana ugxile ekulweni ne-AIDS.
IZINKANYEZI
Lindela uthando phakathi kwakho nomaqondana wakho uqiniseke ukuthi lokho nikulungele. Akufanele kube khona ongagculisekile. Izinsuku zothando: 6, 7.
Hlolisisa indlela obukeka ngayo nokuziphatha kwakho. Kufanele ubukeke kahle ukhange ukuze umuntu wakho abambelele kuwena. Izinsuku zothando: 8, 9.
Nixhumene ngokwengqondo nangokomzimba, yisikhathi esihle sokuzijabulisa kusihlwa, nizikhiphe nishaywe wumoya. Izinsuku zothando: 11, 12.
Buyisanani uma nibe nokungaboni ngaso linye. Fundani ukubekezelelana uma nihilizisana. Izinsuku zothando: 13, 14.
Yiba nozwelo umcabangele umaqondana wakho. Mthengele isipho esimfanele, umenze ahambisane noshintsho lwakho. Izinsuku zothando: 15, 16.
Yisikhathi esihle sokuba ndawonye niqhube ubudlelwane benu. Uthando lwenu selusezingeni lokufinyelela eqophelweni elisha. Izinsuku zothando: 17, 18.
Okumqoka okumele ukwenze wukuchitha isikhathi nomaqondana wakho. Uma ungawedwana, uzomthola ozovala leso sikhala. Izinsuku zothando: 19, 20.
Uthando ludlala indima emqoka empilweni yakho. Ungawabukeli phansi amandla alo: lungakunika isibindi kodwa lubuye lukuhlomekise. Izinsuku zothando: 21, 22.
Mthande ngokwedlulele umuntu wakho. Kungenzeka uthathe amandla wenze izinto ngesineke uma ungumuntu wamaphathi. Izinsuku zothando: 23, 24.
Kuyenzeka ungamqondi kahle umuntu wakho, kodwa mthande enjalo. Ongakwenza wukumkhombisa ukuthi ubaluleke kangakanani. Izinsuku zenhlanhla: 26, 27.
Uthando olukahle yilolo oluhlanganisa okuphathekayo nothando. Yisikhathi sokusebenzela ukuphucula lezo zinto ezimqoka. Izinsuku zothando: 1, 2.
Kusemahlombe akho ukwenza kubonakale umehluko phakathi komuntu oyisithandwa nongumngani. Yilokho okuzonenza nibambane. Izinsuku zothando: 4, 5.[z]
IZINKANYEZI
