zulu.634.yourlifeguide_legal
YAZI AMALUNGELO AKHO
Kule nyanga: inkampani oyikweletayo ayikwazi ukudla izimpahla zakho uma uhluleka wukukhokha
NGINGAYITHOLA IMPAHLA YAMI"
Nginebhizinisi lami kanti sidinga amakhomphyutha ukuze sigcine amarekhodi. Njengoba amakhomphyutha ebiza, ngawathenga ngesikweleti.
Kwathi uma inkampani yami inqwamana nenkinga yezimali, ngaya kwengathenga kubona ngabachazela ngesimo sami. Bathi bazongandisela isikhathi sokukhokha kwehle nemali engiyikhokha ngenyanga.
Emva kwenzinsuku ezimbalwa ngafika ehhovisi ngathola amakhomphyutha engekho ethathwe engathenga kubona. Kwathi uma ngibashayela ucingo bathi amakhomphyutha ayobuyela kimina uma sengiqede isikweleti. Bathi ngokwesivumelwano engasisayina, inkampani inelungelo lokuthatha amakhomphyutha uma ngihluleka wukukhokha.
Lezo zinto zisesivumelwaneni, kodwa angikholwa wukuthi kuhle abakwenzayo. Amakhomphyutha anayo yonke imininingwane eqondene nebhizinisi lami. Ngizoyithathaphi imali yokukhokha uma ngingasenalo nebhizinisi"
ISELULEKO SOFEZELA
Okwenziwa yinkampani kuphambene nomthetho. Kwakufanele bakubhalele incwadi babasele imali emva kwayo uthole amasamanisi.
Emasamanisini wawuzotshelwa ukuthi khokha isikweleti noma nibonisane ngokuthi ungakhokha kanjani.
Ngamanye amazwi kwakufanele bakuxwayise ngezinyathelo abazokuthathela zona ukuze uzame ukuzivikela.
Abakwenzayo kuyihlazo ngoba wazihlupha nangokuya kubona wabatshela inkinga yakho!
Impahla yehhovisi lakho kwakufanele bayithathe ngemvume yenkantolo.
Yebo baqinisile kwelokuthi impahla ngeyabo uma isikweleti singakapheli kodwa kufanele bakhumbule ukuthi bona "banelungelo lobunini" - kanti nawe "unelungelo lokuba notho". Ngamafuphi: ikhomphyutha ngeyabo, kodwa uwena onelungelo lokuyisebenzisa.
Amakhomphyutha bangawathatha kuphela uma bengafakaza enkantolo ukuthi bawathathe ngoba bebona ukuthi uzowacekela phansi. Kuyacaca ukuthi wawungeke ukwenze lokho.
Okubhalwe esivumelwaneni akusho lutho - abakwenza kuphambene nomthetho kuphela.
Kufanele amakhomphyutha abuye ingakakhulunywa indaba yokukhokhwa kwesikweleti.
Lokho kungenzeka kalula - umthetho uyakuvuna kodwa uzoludinga usizo lommeli. [z]
FUNDA ISIVUMELWANO NGOKUCOPHELELA!
Emva kokuntshontshwa kwemoto yami, ngafaka isicelo sokukhokhelwa imali enkampanini yami yomshuwalensi. Kodwa imoto yatholakala sengisifakile isicelo sekudaleke umonakalo omkhulu kuyona kanti ngangithi kufanele ibuyele kimina njengoba kuyimina engangikhokhela umshuwalensi. Bathi ngenza okuphambene nomthetho ngokungabatsheli ukuthi amaphoyisa aseyitholile. Manje kufanele ngikhokhe imali yomshuwalensi ngikhokhele nemoto. Ngenzenjani ukuze ngiphume kulolu taku"
ISELULEKO SOFEZELA
Ngeshwa, inkampani yomshuwalensi ayinacala kulolu daba. Kwakufanele uyitshele ukuthi imoto isitholakele nokuthi isingakuwena emva kokuba isikukhokhele imali. Kungenzeka ukuthi ngesenzo sakho wawungaqondile ukwenza okuphambene kodwa ngeke uzivikele ngalokho.
Sizophinda sinxuse abafundi bakaBONA bafundisise izivumelwano ngokucophelela - baqinisekise ukuthi bayayiqonda imigomo nemibandela bengakasayini.
UTHINI UMTHETHO
ESITHOMBENI KULINGISIWE
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legal Advice, Box 32083, Mobeni, 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
Senze yonke imizamo ukuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
