zulu.632.parenting (2)
Okwabazali
umhlahlandlela wokwenza kahle
BONA ZULU - September 2006
Inkinga
INTO yokuqala oyicabangayo uma wopha ukhulelwe kuba yilena: "Isisu siyaphuphuma." Ukopha ukhulelwe kungasho ukuthi kukhona okungahambi kahle kodwa kungabi wukuthi isisu siyaphuphuma kanti yinkinga engaxazululeka lena uma uthola usizo lokwelashwa.
Kuningi okungenza ukuba wophe. Nakhu okujwayelekile:
Amachashaza egazi
Angabonakala uma unezinsuku eziyisithupha kuya kwezingu-10 ukhulelwe. Adalwa yiqanda elivundile elingena esibelethweni.
Awophi kakhulu kulolu hlobo lokopha kanti kungafana nokomuntu osezinsukwini zakhe. Kuyaziphelela kanti omama abazihluphi ngako ngoba kungenzeka basuke bengakaboni ukuthi bakhulelwe.
Ukugula
Izilonda esithweni sangasese nezifo ezithathelana ngokocansi zingenza wophe ngisho ngabe zingahlangene nokukhulelwa.
Ukuphuphunyelwa yisisu
Yinkinga ekhathaza iningi labalinde ukuthola abantwana lena ikakhulu uma owesimame enamasonto angu-12 ekhulelwe. Umama wopha kakhulu kwenzeke alunywe yisisu.
Udinga usizo lokwelashwa uma wopha ngalolu hlobo, okusho ukuthi kufanele kukuthuse. Bonana nodokotela noma uye emtholampilo uthole usizo.
Ingane ekhulela emashubhwini
Nakule nkinga, okhulelwe ulunywa yisisu. Wopha esanda kuthola ukuthi ukhulelwe kanti iqanda elivundile lisuke lihleli ngaphandle kwesibeletho - okuvame ukuba kube kwiFallopian tube.
Iqanda liqhumisa amashubhu ngesikhathi likhula umama ophe. Lokhu kuyingozi kakhulu kanti kumele uthole ukwelashwa noma kanjani.
Izinkinga zomzanyana
Uma usunesikhathi ukhulelwe, ukopha kungadalwa wukuthikamezeka komzanyana (ukwehlukana kwawo nesibeletho) nontwentwesi olumboze intuba eya esibelethweni. Siyingozi isimo esinjengalesi kanti sidinga ukuba sibhekwe esibhedlela umama aphumule ngokwanele.
Ukuthola usizo
Ukubonakala kwamachashazi egazi uma usanda kukhulelwa kujwayelekile, akuthathi isikhathi eside kanti akufanele kukukhathaze. Ukopha kakhulu (unamasonto angu-12 ukhulelwe) kuthathwa njengophawu lokuphuphuma kwesisu kanti kumele uphuthume kudokotela, kumbelethisi noma emtholampilo uma unale nkinga.
Ukopha usunesikhathi ukhulelwe nako kumele kuthathelwe izinyathelo ezisheshayo ngoba kungenzeka kubekhona inkinga. Ukuthola usizo kungayiphephisa ingane.[z]
Ukopha ukhulelwe kungasho
ukuthi kukhona okushaya amanzi
kodwa kungabi wukuthi isisu
siyaphuphuma kanti yinkinga
engalapheka lena...
Okomama
nobaba....
yokopha
nokudlala
Intwasahlobo
UBUSIKA sebudlulile manje sesithokozela ilanga! Ngabe yini ezokwenziwa yizingane zabafana nezamantombazane"
Zithokozise njengoba isimo sezulu sivuma! Sekuyisikhathi sokudlala ngaphandle. Elangeni sithola uVitamin D kanti kuningi eningakwenza ngaphandle.
Bhukudani uma nine-swimming pool ekhaya. Uma ningenayo, thatha izingane niye kwi-swimming pool yomphakathi. Kulezo zindawo kukhona onogada nabatakuli kanti kungadingeka ukuba ukhokhe imadlana encane.
Uma uhlala ngasolwandle, thatha izingane uyozithokozisa khona. Qiniseka ukuthi izingane ziyakwazi ukubhukuda ngaphambi kokuba zingene emanzini.
Uma zingakwazi ukubhukuda, mazidlale esihlabathini.
Makube khona imidlalo enizoyidlala. Imidlalo edlalwa ngaphandle imnandi kakhulu ehlobo. Ningadlala ndawonye njengomndeni noma izingane zijoyine i-club yezingane zidlale ibhola, i-cricket nokunye.
Obaba bangasisebenzisela ukwenza okuthile nezingane zabo lesi sikhathi. Bangakwenza noma sezibuyele esikoleni.
I-TV ikahle ngoba inezinhlelo ezifundisayo. I-Takalani Sesame isiwine imiklomelo eminingi ngenxa yegalelo layo ekufundiseni izingane. Bheka izinhlelo zeTV uthole ukuthi izingane zingabukelani.
BONA ZULU - September 2006
nguNONHLANHLA KHUMALO
u
t
sasekuseni
BONA ZULU - September 2006
Ukubaluleka kwesidlo
EKUSENI siba matasa kakhulu size sikhohlwe wukwenza izinto ezithile. Uma ezintweni esizikhohlwayo kukhona nesidlo sasekuseni, kungadingeka ukuba wenze okuthile ukuze usithole lesi sidlo.
Ocwepheshe bezokudla nabezempilo beluleka ngokuthi isidlo sasekuseni yisona esimqoka kakhulu. Sinika ingane amandla ewadingayo ukuze ifunde, idlale yenze nokunye.
Isidlo sasekuseni kumele sibe nama-carbohydrates anika amandla. Esikhathini samanje kulula ukuqinisekisa ukuthi izingane zakho zidla isidlo sasekuseni esingadingi ukuphekwa. Ephalishini elinobisi ingane ithola wonke umsoco oyigcina iphapheme kuze kube semini.
Okunye ongakwenza wukuyinika isithelo ne-yoghurt. Iphalishi linika amandla esiwadinga sonke ekuseni.
Ucwaningo lukhomba ukuthi abaningi basadla isidlo sasekuseni ngendlela ababenza ngayo beseyizingane - uma wawungasitholi isidlo sasekuseni usemncane, awuzihluphi ngaso noma usumdala. Isikhala saso usivala ngokudla ama-snacks anoshukela akhuluphalisayo.
Ukuqhumisa
... akufanele kube buhlungu
ISIKHATHI sokuqhumisa kwengane siyawuphula umoya. Iyatetema ngenxa yezinhlungu esuke izizwa ekubeni akulula ukusigwema lesi sikhathi esiyingxenye yokukhula kwayo. Ngeke uzigweme izinhlungu kodwa ungenza zibe ngcono.
Indlela obona ngayo uma ingane iqhumisa
Ezinye izingane azibi nankinga uma ziqhumisa kanti ezinye azikuthandi ukudla. Ingane ingatetema kubonakale ukuthi ayiphathekile kahle ilume yonke into ehlangana nayo.
Yenza kube ngcono
Ama-teething rings: Kungenzeka ukuthi into yokuqala ocabanga ukuyitholela ingane yi-teething ring. Ingayiluma kanti amanye ama-teething rings ungawafaka efrijini. Khumbula ukuwagcina ehlanzekile.
I-teething gel: Thola incazelo ekhemisi eliseduze ngama-teething gels. Aphephile ezinganeni kanti angazisiza.
Ukudla okubandayo: Izinhlungu zingadamba uma uyinika ama-purees abandayo njengoba isuke ingakuthandi ukudla. Okubandayo kudambisa izinhlungu ezinsinini. Uma uyinika isithelo, siqandise efrijini kuqala ngaphambi kokuba isidle.
Ayihlale yomile: Izingane zikhipha amathe uma ziqhumisa. Sebenzisa ama-bib azoyigcina yomile ugcobe uVaselina ezindebeni nasesilevini ukuze izindebe zingaklayeki kuqaqambe nesikhumba.
Okomama nobaba....
u
BONA - September 2006
BONA - September 2006
t
Udaba lwe-
ODOKOTELA nababelethisi bakhuthaza abakhulelwe ukuba bayisebenzise. Kodwa ngabe uyazi ukuthi i-folic acid isiza ngani nokuthi yini eyenza kube semqoka ukuyisebenzisa ngesikhathi ukhulelwe"
IYINI" I-folic acid ayisiwo amaphilisi okwelapha kodwa iyi-supplement.
I-folic acid isohlwini lwama-supplements akuVitamin B kanti itholakala ezitshalweni.
Idlala indima esemqoka ekwakhekeni kombungu nokuyinto eyenzeka ezinsukwini ezingu-28 ukhulelwe.
UYIDINGELANI" I-folic acid ingagwema ukuzalwa kwengane ikhubazekile.
Ucwaningo lubuye lukhombe ukuthi i-folic acid ingagwema ukuphuphuma kwesisu, ukuzalwa kwengane isikhathi singakafiki nokuzalwa kwengane inesisindo esiphansi, isifo senhliziyo nezinye izinhlobo zomdlavuza.
UNGAYISEBENZISA NINI" I-folic acid ikulungele, ukhulelwe noma ungakhulelwe. Isemqoka kakhulu uma usanda kukhulelwa.
Uma uhlela ukuthola umntwana, kungakuhle uqale ukusebenzisa i-folic acid.
Bonisana nodokotela wakho noma usokhemisi ngohlobo ongalusebenzisa nokuthi ungasebenzisa engakanani. Amanye ama-multivitamins abesimame ane-folic acid ngakhoke bheka ama-labels ngesikhathi uwathenga.
YITHOLE EKUDLENI! Uma ungawasebenzisi ama-vitamin ane-folic acid, kungumqondo omuhle ukubonana nodokotela wakho uma ungaphilile. Kungenzeka ukuthi okukuphethe kuyizimpawu zokukhulelwa ezingaphela uma usuqale ukusebenzisa amaphilisi.
I-folic acid ungabuye uyithole ngokudla ukudla okunomsoco okunama-veg anamaqabunga aluhlaza, ubisi, ukolweni nenyama.[z]
folic acid
Okomama
nobaba....
