zulu.62.letternov
WINA
AMAHAMPA EZINTO ZOKUBHALA
Ewine ihampa ka-R2 500
Bhala...
Zwakalisa uvo lwakho:
l bhalela kuleli kheli: Letters to the Editor, Box 32083, Mobeni, 4060
l i-fax: 031-912-2720 l i-e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
Ungabunqoba ubuphofu
UKUTHI umuntu wazalwa ehlupheka akusho ukuthi kufanele aze afe ehlupheka. Lokhu ngikubhekise kubantu abaningi bakuleli abazithola bekulesi simo. Unomqondo, unezandla, ungenza noma yini ofuna ukuyenza uma uthanda!
Kodwa kufanele ube nezinhloso - njengokuhlala esikoleni ube nothando lwemfundo.
Kufanele ukwazi ukubekezela - ngoba ayikho into eza kalula empilweni.
Uma uzama, ungazikhipha ekuhluphekeni. Ungabunqoba ubuphofu.
Khumbula, ubuphofu abusona isizathu sokujikela ebugebengwini. Abayizigebengu abazona ngenxa yokuthi bayahlupheka, kodwa ngenxa yokuthi bavilapha ukusebenza.
Akusekude ukuba izenzo zabo zibafake ezinkingeni.
Siyabulela Mpikwa, Fort Jackson
I-PaperMate yithuluzi elibalulekile esikhathini sanamuhla kanti ngumkhiqizo ofanele abantu beminyaka yonke.
I-PaperMate iyaqhubeka futhi ukusiza ivuselele izimpilo zabantu bakuleli ngohlelo lwayo lokufundisa - i-PaperMate Literacy Project nokuyilapho amaphesenti amathathu okuthengiswa komkhiqizo wabo enikelelwa emnyangweni wezemfundo
ukuze kusizakale abantu
bakwazi ukufunda nokubhala.
Abe-JEL yibo abasabalalisa
umsebenzi wabe-PaperMate.
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike futhi elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
Ukuba ngumuntu kunokusangana kwakhona!
Ewine ihampa
ka-R1 500
UTHI uke ucabange ukuthi wawuyocabangani ngabantu ukube wawuyisilwane?
Bheka indlela esiziphatha ngayo…
Sinike indlu yamahhala nemoto, uzosibona sesiqala sesibhemela insangu kuleyo ndlu, bese sigingqa leyo moto. Kungani? Ngoba asikaze sizisebenzele lezi zinto. Uma ngithola imali yesondlo sikahulumeni ukuze ngizondle mina nezingane zami - noma ngikhala ngale mali ngithi incane, kodwa okubuhlungu wukuthi kuyona ihlale ikhona eyokuphuza utshwala.
Kunamakhondomu amahhala kodwa sihlale sinezizathu zokungenzi imizamo yokuwathola.
Ukukhalaza yinto eyohlale ikhona engeke yaphela.
D Peterson, e-mail
izincwadi
BONA ZULU – November 2007
Izingozi zemigwaqo
Nginombono engicabanga ukuthi ungenza kunciphe izingozi zomgwaqo kuleli. Kufanele amaphoyisa omgwaqo abe khona kuyona yonke imigwaqo, abe namasosha ukuze awasize.
Kulabo abasebenzisa amatekisi ngithi: uma umshayeli ehamba ngejubane elingavumelekile kufanele nimtshele ehlise ijubane. Ningalokothi ningene etekisini yomshayeli odakiwe.
Abantu abahamba ngezinyawo nabo kufanele baqaphele.
S Kuse, Grahamstown
u
t
izincwadi
Yilwa nobugebengu
Ngicabanga ukuthi sonke kufanele sizibeke icala uma sekuziwa ngasebugebengwini, kanjalo nabezobulungiswa nohulumeni. Izigebengu akufanele ukuba zithole ibheyili ngoba kubukeka sengathi lokhu yikho okwenza isimo sedlulele. Abantu abathenga izimpahla zokwebiwa yibo abakhuthaza izenzo zobugebengu. Kufanele babike izigebengu emaphoyiseni. Ngaleyo ndlela bangasebenzisana ngokubambisana namaphoyisa ukuze bagweme ubugebengu. Sonke masilweni nobugebengu ukuze sithokozele inkululeko esayilwela sonke.
N Gandela, Flagstaff
BONA ZULU – November 2007
Ngokwami iqhawe kufanele libungazwe. Kwathi lapho ngifunda udaba lukaMama u-Elsie Mpatlanyane oshicilelweni lukaMay 2007, ngazizwa nginokuziqhenya.
Wangikhumbuza ugogo wami, naye okholelwa ekuzithuthukiseni yena nabanye ngokusebenzisa izandla zakhe.
UMama u-Elsie uyisibonelo esihle kakhulu sesiqubulo seBONA Empowerment esithi: South Africans have no business being poor.
Iqiniso wukuthi ziningi izindlela umuntu angazisiza ngazo!
KuMama u-Elsie sibona owesimame owenza izinto ezinkulu ezenzela yena nokuba kusizakale abanye.
Uma singafundi lutho kwabesimame abafana naye - ngeke siphinde sifunde.
UNKULUNKULU AkuBusise Mama u-Elsie!
Millicent Magxunyane, Joburg
Amaphathi emva komngcwabo (after tears)
Ngikhathazekile impela ngamaphathi abantu abawenza emva kokufihla abathandiweyo babo. Ngabe lena iyona ndlela esikhombisa ngayo ukudabuka kwethu ngokushiywa abathandiweyo bethu?
Mmakwena Mabokela, Dibeng
Okunye ngemingcwabo…
Iningi labantu likhathazwa yizindleko ezibizayo zemingcwabo - ikakhulu ezidalwa wukudla okudliwa abantu abasuke beze emngcwabeni. Ngabe ukupha abantu ukudla kubalulekile?
Empeleni singasho ukuthi yinto esiphelelwe yisikhathi. Lo mkhuba yinto eyayenziwa kudala lapho abantu babehamba izinsuku eziningi bephuma ezindaweni ezikude - ngezinyawo noma ngezinqola ezazidonswa yizinkomo. Kwakuthi emva komngcwabo bese belala lapho kulelo khaya ngenxa yokukhathala, banikwe nokudla.
Namuhla njengoba sekukhona izimoto, amabhasi, izitimela namabhanoyi, ukuhamba akuseyona into enzima. Ngabe mhlawumbe sesingasho ukuthi ukuba nephathi emva komngcwabo yinto osekumele siyiyeke?
Ngaphandle kwalokho, uma abantu beza emngcwabeni ngoba bezobona ukuthi nhloboni yokudla okuzodliwa - pho ubani obadingayo?
PD, Mdantsane [z]
Viva Mama Elsie!
(kanye neBONA Empowerment Club!)
Ukuphuza
Ukuphuza utshwala emphakathini yinto esithanda ukudlanga.
Okokuqala ukuphuza utshwala kwenza umqondo wakho ukhohlwe kalula. Uvuka ekuseni ungazi ukuthi ufike kanjani ekhaya ebusuku izolo nokuthi ithange lemoto uligcwalise kanjani.
Kubuhlungu ukungakhumbuli ukuthi yini oyenzile. Ngisho ungaba wumuntu othula kanjani, kodwa utshwala buyakushintsha ngesikhathi uphuza ugcine usunomsindo.
Kodwa phezu kwalokho abantu basaqhubeka nokuphuza.
Impendulo yalokhu wukuba ufune usizo lochwepheshe. Uma unenkinga yokuphuza, sekuyisikhathi sokuba uyeke ukuphatha kabi umndeni wakho, kube khona okwenzayo ukuze uzelaphe!
Tlatshane Mositsa, Roossenekal
ITHIMBA LABABHALI
BONA WEBSITE
www.bona.co.za
IHHOVISI ELIKHULU (DURBAN)
19-21 Joyner Road, Prospecton
Box 32083, Mobeni, 4060
Ucingo: 031-910-5745; Fax: 031-912-2720
E-mail: bona@dbn.caxton.co.za
UMhleli Owengamele: Lorna King
Umsizi woMhleli: Patricia McCracken
UMhleli wesiZulu: Manqoba Dlamini;
Zanele Mbatha
UMhleli wesiSuthu: Lerato Zulu;
Moeketsi Letsohla
UMhleli wesiXhosa: Dumisani Ntshentshe;
Ntombikhona Kwebulana
UMhleli Ohluzayo: Marie Gurr
Umqondisi wezobuciko: Jozia Lorek
Abahlela izithombe: Jenny Weideman;
Clive Thompson; Kyle Young
UNobhala: Ellen Gumede
Business Development Manager
Christine Marot Tel: 031-910-5723
JOHANNESBURG
Caxton House, 368 Jan Smuts Ave,
Craighall, Johannesburg, 2001
Ucingo: 011-889-0600
UMhleli: Force Khashane
INtatheli: Teddy Gomba
IZINKINGA EKUKHANGISENI
JOHANNESBURG
368 Jan Smuts Avenue, Craighall, 2196
Ucingo: 011-293-6000 Fax: 011-789-9656
DURBAN
19-21 Joyner Rd, Prospecton, 4110
Ucingo: 031-910-5700 Fax: 031-902-8829
CAPE TOWN
36 Old Mill Rd, Ndabeni, 7405
Ucingo: 021-530-6270 Fax: 021-531-3795
IZINKINGA EKUTHOLENI IBHUKU
RNA
12 Nobel Street, Industria, 2093
Box 101, Maraisburg, 1700
Ucingo: 011-248-3500 Fax: 011-474-3575
CLASSIFIEDS
Tel: 011-293-6076 E-mail: logang@caxton.co.za
IZINKINGA ZOKUTHUNYELELWA IBHUKU NGEPOSI
Box 725, Maraisburg, 1700
Ucingo: 011-473-8700 Fax: 011-474-5479
UKUTHUNYELWA KWEZINDABA
Indaba ungasithumelela nge-e-mail ethi: bona@dbn.caxton.co.za noma uyithumele kuleli kheli: BONA Submissions, Box 32083, Mobeni, 4060
NGEMINCINTISWANO NEMITITILIZO
Xhumanani noChristine Marot kule nombolo: 031-910-5723; e-mail: christinem@dbn.caxton.co.za
