ZULU.627.yourstories_maintenance
OKWENZA
OBABA
BANGONDLI
Umthetho uthi abazali kumele babe nesandla ekukhuliseni izingane zabo, kodwa obaba bavame ukungondli. Ngabe lokho kudalwa yini? Kungenziwani ukuze obaba bondle?
ZONKE izingane zinelungelo lokuthola ukudla, lokufunda nokuba nekhaya. Kusemahlombe kamama nobaba ukunakekela ingane yabo, ngisho noma bengasathandani noma bengashadile.
Umthetho, ngisho namasiko ethu, uthi obaba kumele bakhiphe imali yokondla izingane zabo kodwa kubukeka sengathi abaningi abakwenzi lokho, izingane zondliwa ngemali yesondlo sabantwana nempesheni kagogo.
Bangu-20 000 obaba okufanele ukuba ngabe bagqunywe emajele ngenxa yokuhlulwa wukondla izingane zabo - inkantolo yezondlo ikhiphe lelo nani lezincwadi zokuba baboshwe.
Ngabe kudalwa yini ukuthi obaba bakhethe ukufunwa yingalo yomthetho kunokuthi benze okufanele bakwenze?
U-Liz Dooley ongumqondisi kwiFamily Life Centre - inhlangano eseGauteng ehlomisa imindeni ngokuyinika izeluleko ibuye ibe nemihlangano - uthi kukhona obaba abathi ngeke bondle uma kungavumelekile ukuthi baxhumane nezingane zabo.
"Omama abafuni ukuthi obaba bavakashele izingane ubaba agcine esethi uma engeke akwazi ukuchitha isikhathi nengane, ngeke ayondle," kusho uLiz.
UThabo Mkhwanazi, ubaba ongayondli ingane yakhe, uthi akakwazi ukondla ingane angayazi. Wezwa ukuthi intombazane ayethandana nayo inengane yakhe isibelethile kanti umndeni wayo wawusufuna inhlawulo yawo kuyena.
"Kwathi uma ngizama ukubona ingane, banginqabela. Bathi kuzodingeka ukuba ngihlawule kuqala ngaphambi kokuyibona.
"Nganqaba emva kwalokho kwadingeka ukuba ngivele enkantolo," kusho uThabo.
"Ngingayikhokhela kanjani ingane engingakaze ngiyibone? Phezu kwalokho, angazi noma le ngane ngeyami ngempela yini ngoba wayeqomile," kusho yena.
Abanye obaba abafuni ukondla ngoba bakholwa wukuthi omama bezingane zabo bakhohlakele abayisebenzisi imali ezidingweni zengane.
Ubaba owaxoxisana nabakwaBONA wacela ukuba igama lakhe lingadalulwa wathi imali yokondla ingane kwakugangwa ngayo umama wengane eyisebenzisela ukulungisa izinwele nezinzipho zakhe.
Lo baba osefake isicelo sokuba ingane ihlale naye manje uthi kwi-account yakhe yakwaWoolworths kwakuthengwa amabhulukwe angu- "size 38" kunokuthi kuthengelwe ingane ukudla nezingubo.
"Umthetho uthatha ngokuthi omama yibona abangcono ekunakekeleni izingane nokuthi yibona okumele banikwe imali yesondlo. Kodwa kokunye akunjalo."
USibusiso Mthethwa ungomunye wobaba abangafuni ukondla ingane yakhe kwezintathu anazo.
"Angingabazi ukuthi ingane ngeyami, kodwa umama wayo angimethembi," kusho uSibusiso.
"Inkantolo yathi imali mangiyifake kwi-account kamama wengane kodwa ngeke ngikwenze lokho ngoba uyagembula. Uzogembula ngemali yengane."
Kunokumnika imali, uthi kungcono ingane ihlale naye.
Omunye ubaba owaxoxisana nabakwaBONA nguThomas Mkhandawiri onezingane ezimbili osadivosa. Nakuba ekholwa wukuthi obaba kufanele bondle izingane zabo uma besebenza, uthi abanye omama banonya basebenzisa izinkantolo ukuze balwe nobaba bezingane.
"Abantu besimame banonya. Abanqeni ukukuhlukumeza ngokufuna imali enkulu," kusho yena.
Njengamanje inkantolo yezondlo zezingane inamacala angu-110 000 okumele iwaxazulule. Le nkantolo inqumele obaba abangu-76 000 ukuba bakhokhe izondlo.
I-Family Life Centre inalo usizo elunika abazali ukuze bagweme ukuma kolayini bezondlo abade ezinkantolo. Ngosizo lomxazululi ozimele, abazali banikwa ithuba lokubuyisela eceleni ukungaboni kwabo ngaso linye babe nohlelo lokondla izingane zabo.
Isivumelwano okufinyelelwa kusona sigunyazwa yinkantolo.
Uhulumeni sewusungule uhlelo olubizwa nge-Isondlo Campaign
olwenza ukuba kusheshe ukuqulwa kwamacala ezondlo.
Ngokwezibalo ezikhishwe yiDepartment Of Justice And Constitutional Development, lo mkhankaso ube yimpumelelo.
Kodwa baningi omama abakhala ngokuthi lo mkhankaso uhamba ngonyawo lonwabu - ubaphula nomoya. Omunye wasitshela ukuthi kwadingeka ukuba athathe ilivu engakhokheli ukuze aye enkantolo - ubaba wengane akafikanga, kwalahlekelwa yena.
Kodwa abantu abahlukumezeka kakhulu yizingane. U-Thomas Mkhandawiri uthi: "Uma kubhekene izinkunzi ezimbili, kuguga inhlabathi. Kuhlukumezeka izingane uma abazali bazo belwa." [z]
Indaba: Nomusa Ncembe
6 AMAQINISO OKUNGENZEKA UNGAWAZI NGESONDLO
Ubaba wengane kufanele ondle ingane yakhe ngisho noma umama wengane eshada okwesibili.
Uma ubaba wengane engasebenzi engakwazi ukondla kodwa enabazali abangondla ingane, bangakhokhiswa imali yesondlo.
Ukukhokha imali yesondlo nokuchitha isikhathi nengane yizinto ezimbili ezihlukene. Uma umama engafuni ukuba ubaba abone ingane, ubaba akaqhubeke akhokhe imali yesondlo. Angaya enkantolo acele ukubona ingane.
Uma ubaba ecabanga ukuthi ingane akusiyo eyakhe unelungelo lokucela ukwenza i-test ezokhomba ukuthi ngeyakhe yini.
Isicelo semali yesondlo sifakwa lapho ingane ihlala khona (hhayi lapho kuhlala khona ubaba). Isibonelo, uma ingane ihlala eThekwini, ubaba ehlala eGoli kuzodingeka ukuba aye eThekwini azikhokhele yena izindleko zokuhamba ukuze avele enkantolo.
Uma izindleko zokukhulisa ingane zikhula, umama ucela inkantolo inyuse imali yesondlo.
Umthombo: A Simple Guide To South African Family Law, by Nthabiseng Monareng (SiberInk)
UDABA OLUSEMATHENI
INDLELA YOKUTHOLA ISONDLO
Ukuze uthole imali yesondlo enkantolo, uNthabiseng Monareng ubhale encwadini ethi A Simple Guide To Family Law ukuthi yilezi zinyathelo ezilandelayo okumele uzithathe:
1. Umama kumele abophe ubaba wengane enkantolo yezondlo, okuyinkantolo yemantshi eseduze. Isiphathimandla esibhekene nezondlo sizomsiza ukuze agcwalise amafomu.
2. Ubaba wengane uzothunyelwa incwadi emnika usuku azovela ngalo enkantolo.
3. Ngalolo suku kuhlangana abazali bengane nesiphathimandla sezondlo kuzanywe ukuba kufinyelelwe esivumelwaneni ngemali ubaba wengane azoyikhokha.
4. Uma bengavumelani, icala liya enkantolo kube iyona ezothatha isinqumo ngemali okufanele yondle ingane - kulokho kubhekwa nerenti ekhokhela indawo okuhlala kuyona umama nengane - emva kwalokho inkantolo ibheka ukuthi abazali bahola malini. Imali okufanele ubaba ayikhokhe incika emholweni wakhe kubhekwe nokuthi uzokwazi yini ukuziphilisa emva kokukhipha isondlo.
Uma ubaba engavumi ukukhokha, umama angambopha. Emva kwalokho uzocelwa ukuba aphinde avele enkantolo. Uma engaveli, kuthathwa lezi zinyathelo ezilandelayo:
Imali ibanjwa emholweni wakhe.
Kungadliwa umuzi wakhe udayiswe - kodwa yinkantolo kuphela engenza lokho.
Kungenzeka aboshwe.
