ZULU.625.legalapr
BONA ZULU - April 2006
Uthini Umthetho
Inkunzi yenkomo
Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule ngaya eMthatha ngiyobonana noyi-agent yokudayiswa kwemfuyo ngoba ngifuna ukuthenga ezinye izinkomo nezinkunzi ezimbili. Wangithatha wangiyisa komunye umlimi bangikhombisa izinkunzi ezimbili. Eyodwa yayibomvu enye imnyama ngathanda emnyama ngaze ngayikhomba nokuyikhomba. Baxoxa bobabili wase ethi umlimi ngingayithenga ngo-R1 000.
Ngabanika imali savumelana ngokuthi ngiyoyilanda lapho sengithole into yokuyithutha. Emva kwamasonto ambalwa ngaphindela kulowo mlimi neloli lokuyithwala. Ngeshwa kwabe sekukhona inkunzi emnyama kuphela. Ngenqaba ukuyilayisha emotweni ngahamba ngayoxoxisana nomlimi.
Wamangala uma ngimtshela ukuthi ngathenga ebomvu kodwa yena wagcizelela wathi ngakhomba emnyama.
Ngabuyela emumva ngiyobonana noyi-agent kwezokuthengiswa kwemfuyo, yena owavele wakhumbula ukuthi ngathenga inkunzi ebomvu wethembisa nokuthi uzongisiza uma kwenzeka lolu daba luya enkantolo.
Namanje angikayitholi imali yami ekubeni nenkuzi ayikho kimina. Ngiyavuma ukuthi kwenzeka iphutha, kodwa ngifuna ukubuyiselwa imali noma ngithole inkunzi engayithenga.
Xolise X, Mthatha
lAbantu bayawenza amaphutha uma benza amabhizinisi kodwa umthetho uhlale ukhona ukubhekana namaphutha avelayo.
Miningi imikhakha yokwenzeka kwamaphutha: ukwenza isibonelo, kungenzeka iphutha lenziwe wumuntu oyedwa noma bobabili abathintekayo. Iphutha ngalinye lithathwa ngendlela ehlukile.
Uma kungabantu bobabili abenze iphutha, lokho kwaziwa ngokuthi yi "mutual mistake."
Emthethweni i-mutual mistake kulapho oyedwa enze iphutha esivumelwaneni sekontileka, ngoba omunye engaqondi ukuthi isicelo sakhe asizwakalanga kahle komunye.
Uma bobabili befinyelela esivumelwaneni esincike emcabangweni owodwa ngento yamanje noma eyedlule futhi lowo mcabango ungesilo iqiniso, ikontileka ithathwa njengengekho.
Uma umuntu kukhona akucabangayo, ukuthatha kancane lokho okwamukeleka njengeqiniso ngaphandle kobufakazi. Lokhu kusho ukuthi uzokwazi ukubeka eceleni noma ukusula ikontileka ngezizathu zephutha.
Kufanele ube nobufakazi bokuthi ikontileka yayiphezu kwemibandela yomcabango owodwa; umcabango wawungesilo iqiniso; ekubeni ingqikithi yalo mcabango yayibalulekile esivumelwaneni sokuthenga nokudayisa.
Lokhu kusho ukuthi ukube wena noma umdayisi nabona kwakuyinkunzi okungesiyo, ngabe akuzange kuthengiselwane.
Kuyacaca kufanele umangalele umlimi ukuze akubuyisele imali yakho. Thola ummeli, uma unenkinga ngalokho - shayela ehhovisi labeScorpion eliseduze nawe. [z]
Lolu sizo nilwethulelwa uBONA naboPhiko loFezela
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
Sibhalele: Ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060. AbeScorpion bazonika wonke umuntu obhalele le ngosi yomthetho 'Uthini Umthetho' ivawusha yamahhala yemizuzu engu-30 yokubonana nommeli wabo kwelinye lamahhovisi abo noma baxoxisane ngocingo.
