zulu.1299.rhoo
Uyayibona inethi
UMA uke waphatha isibongo sakwa “Radebe” abantu bavele bacabange umdlalo webhola lezinyawo. Kodwa kukhona elinye ilungu lomndeni kaLucas “Rhoo” Radebe elibambe iqhaza kolunye uhlobo lomdlalo – unethalente elidlula ngisho elikaRhoo owadlalela iBafana Bafana neLeeds.
Lo mdlali esikhuluma ngaye nguDikeledi “DK” Radebe, udadewabo kaLucas omncane odlala i-netball.
Ubuchule bakhe bokujikijela ibhola enethini sebumenze wawina imiklomelo embalwa – usanda kuvotelwa njengomdlali ovelele emiqhudelwaneni ye-netball yesifunda.
Uyena futhi owayehamba phambili ngokufaka amagoli angu-120 waqopha irekhodi elisha ngesikhathi efaka amagoli angu-60 emdlalweni owodwa.
“Bonke abafowethu abayisikhombisa babedlala ibhola kanti kumele babonge ngoba ngiyintombazane, ukuba bekungenjalo, bengizobakhombisa ebholeni,” kusho kuncokola uDK, onguthunjana emndenini wakwaRadebe onabantwana abangu-10.
Ukholwa wukuthi wukuzinikela kwakhe kulo mdlalo okwenza adlale kahle. “Ngingumdlali ogcina imithetho ongakaze alove ejimini kanti ngiyamlalela umqeqeshi wami,” kusho uDK.
Wumsebenzi awenzayo nokuba ngumama wekhaya okwenza ukuba uDikeledi angakwazi ukudlala kwamanye amaligi.
Esikhundleni salokho, udlala eqenjini labeSA Revenue Services egatsheni lasePitoli lapho esebenza khona njengomsizi wemenenja.
Noma kunjalo, ukumela elaseSA emiqhudelwaneni yamazwe omhlaba kuseyiphupho lakhe.
Ukuzethemba
UDikeledi ubonga umama wakhe u-Emily njengoba ethanda lo mdlalo. U-Emily wayeneqembu le-netball ngesikhathi besahlala eDiepkloof, eSoweto.
“Waqala ukudlala i-netball eneminyaka eyisishiyagalombili,” kusho u-Emily Radebe.
Uthando lwalo mdlalo lwabuye lwavuseleleka kuDK ngesikhathi ehlangana noHazel Gumede, ongomunye wabadlali be-netball esiziqhenya ngabo nongomunye wabaqeqeshi abaseqophelweni eliphezulu eSA.
“Ngiqale ukuzethemba emva kokuhlangana noHazel. Wangenza ngakwazi ukufaka amagoli ngobunyoninco,” kusho uDK.
Uma uDikeledi engadlali i-netball ubukela i-tennis, imijaho ne-rugby. Kodwa ngumdlalo webhola awuthanda kakhulu kanti isizathu salokho asifuniselwa.
“Ngangingaphuthelwa wukubukela ibhola ngesikhathi uLucas esadlala kwiChiefs nakwiBafana Bafana,” kusho yena.
Akaphuthelwa yimidlalo lapho iChiefs isuke idlala khona nePirates, iCeltic noma neSundowns.
“Ngenza isiqiniseko sokuthi ngisenkundleni uma kudlala la maqembu,” kusho uDK.
Uyavuma ukuthi uke “atotoswe” njengoba enguthunjana wakwaRadebe – kanti uLucas usamtotosa namanje.
U-DK ushade noSeun Nkosi ocula kwiHoly Rock, iqembu elicula umculo woKholo. Abajahile ukulingisa abazali bakaDK abanezingane ezingu-10.
“Ngeke ngikwazi ukwenza lokho okwenziwa abazali bami. Singathanda ukuthola abantwana ababili, umfana nentombazane,” kusho uDK.
Okwamanje usagxile kwi-netball, lapho egabe khona ngejubane nobude bakhe. [z]
BONA ZULU – October 2007
Unguthunjana emndenini wakubo kanti uzakhela igama kolunye uhlobo lomdlalo…
indaba nguFORCE KHASHANE
izithombe nguMAC MOGOROSI
Uthunjana wakwa-
Radebe!
Umfaki wamagoli edlala.
NGENHLA: U-Seun umyeni kaDikeledi ucula eqenjini elicula umculo woKholo.
KWESOBUNXELE: U-DK nezindondo zakhe. Wayekanye nomfowabo omdala.
BONA ZULU – October 2007
U-DK nabazali bakhe, uJohannes no-Emily. Ngumama wakhe u-Emily owamnika ugqozi lokudlala i-netball.
