zulu.624.teen
U-FAT CHARLIE
Yilwa nodlame!
YINKINGA lena. Udlame lubhokile ezikoleni zaseSA! Amagama esesiwajwayele lawa, akunjalo" Sonke siyazi ukuthi abezindaba banehaba abeqiwa zindaba kanti uma sebebhala abanqeni ukubika into engekho.
Kodwa imibiko enjengalena isijwayeleke kakhulu kanti noFat Charlie usekhathele ukuyizwa.
Konakelephi bafundi" Yini eyimbangela yokuthi niziphathe ngale ndlela"
"Thina siziphethe kahle! Asiyingeni eyobuqhwaga! Asiyiphathi imimmese nezibhamu ezikoleni, siyabahlonipha othisha bethu," kusho abafundi uma beziphendulela."
Kuhle lokho bafowethu nodadewethu. Bakhona abaziphethe kahle kodwa banye basuke besikhohlisa...
Okokuqala nje kuzodingeka ukuba silikhulume iqiniso. Kuyenzeka kube khona udlame ezikoleni ezingama-high school. Lukhona emhlabeni wonke.
Izigameko ezimbi ezenzeka eSA ziyenzeka nakwamanye amazwe. Kukhona izikole ezisemadolobheni eLondon naseNew York, Paris naseBuenos Aires ezenza ukuba izikole zethu ezinodlame zibukeke zinjengendawo yokungcebeleka uma uziqhathanisa nazo.
Kodwa lokho akusho ukuthi kufanele sihlale sisonge izandla sithi akukho esingakwenza ngesimo esibhekene naso.
Esingakusho wukuthi intsha yaseSA ingcono ngokuba nodlame uma uyiqhathanisa neyakwamanye amazwe emhlabeni.
Le nkinga inkulu kakhulu kanti kufanele sivume ukuthi intsha enodlame ayigcini ngokuba nodlame nje kuphela kodwa ibuye ingabacabangeli abanye abantu ayicabangi nokuthi izenzo zayo zizoba namthelela muni.
Yingakho nje lesi sikhathi sempilo yenu singesinzima bafowethu nodadewethu. Nididekile kanti phakathi kwenu kukhona abafuna ukuziphathisa okwezingane ezizokhula zinezimilo eziqoqekile. Izinguquko ezenzeka emizimbeni yenu kanjalo nendlela enicabanga ngayo kwenza ukuba nicabange ukwenza izinto ezingalungile ezingaphezu kwamandla enu enigcina ninamahloni ngazo uma sezizwakala.
Baningi abantu abazama ukulawula impilo yakho ngokukushayela imithetho kanti akekho onendaba nemizwa yakho. Ngabe bayasazi isimo obhekene naso njengamanje" Awusenandaba nokuthi eminye yaleyo mithetho abayishayayo izosiza wena. Akufanele ukuba ulokhu ukhala uma ufuna ukuphathwa njengomuntu omdala.
Ngabe yini oyenza emva kokudideka komqondo wakho" Uhlanganisa enye intsha edideke njengawe utshale umoya wokuba nenze izinto ezingasile ezizodala uthuthuva esikoleni.
"Kodwa mina anginadlame," uwena futhi lowo osagcizelela lokho. "Angidali thuthuva."
Kulungile sizovuma ukuthi aninalo uthuthuva bafowethu nodadewethu. Kodwa nakhu okufanele nikwazi...
Akubalulekile ukubheka ukuthi kudalwa yini ukuthi abanye abantu abasha babe nodlame. Kungenzeka kube wukuthi bahlukumezekile baphethwe kabi emakhaya bese bekhiphela isibhongo sokuhlunyezwa kwabo ezinganeni abafunda nazo, noma kokunye kube wukuthi imiqondo yabo ibuswa yimicabango yokweba nokubulala.
Okusemqoka kakhulu wukuthi balimaza abanye abantu ngezenzo zabo. Khumbula ukuthi nawe unecala uma ungathathi zinyathelo ukuze kulunge isimo uma esikoleni senu kuneziqhwaga nabafundi abanodlame.
NINGAKHOHLWA bafowethu nodadewethu ukuthi odokotela bengqondo bathi iziqhwaga ziziphatha ngendlela eziziphatha ngayo ngoba nazo zikhule zihlushwa yiziqhwaga - kodwa ngabe lokho kuyawenza umehluko uma sezishaye omunye umuntu"
Okubalulekile wukunqanda umkhuba wazo.
Uma kunodlame esikoleni ofunda kusona kungekho sinyathelo osithathayo ukunqanda lokho kusho ukuthi nawe uyahambisana nalo.
Kufana nabantu abangayingeni eyokuvota ngesikhathi sokhetho - isenzo sabo sichaza ukuthi abanandaba nokuthi ubani obusa izwe. Labo bantu abalisebenzisi ilungelo labo lokukhala uma izinto zingahambi kahle (ngoba bakhethe ukungabi yingxenye yokuthathwa kwezinqumo ngokungavoti).
Uma ungayingeni eyokulungisa izinkinga, akufanele ukhale uma abahlukumezi sebehlukumeza wena.
NgokukaFat Charlie labo bantu bangcole ngaphezu kweziqhwaga! Nasemalokishini, abantu abathanda ukubonakala namaqembu ezigelekeqe bangcole ngaphezu kwawo.
Uma sibuyela kweyeziqhwaga, "abangani" bazo bavame ukuzincoma bazikhuthaze uma zihlupha abanye abantu. Iziqhwaga ngabe azikho ukuba abekho abantu abazikhuthazayo.
U-Fat Charlie wake wakhuluma kakhulu ngeziqhwaga. Kule nyanga siphezu kolunye udaba, udaba lodlame olusezikoleni.
ABANTU bavame ukuthi intsha iyikusasa lezwe okusho ukuthi inamandla okuqinisekisa ukuthi ikusasa liqhakazile lingcono. Kodwa ukuthi iyikusasa akusho ukuthi kufanele ihlale isonge izandla ilinde kuze kufike usuku engalwazi lapho izinto ziyolunga khona.
Qala namuhla uhlelele ikusasa.
Qala namuhla ulwe nodlame esikoleni! Unamandla okulwa nalo ngoba ontanga yakho abaluphehlayo.
Lokho akusho ukuthi sebenzisa udlame ekuxazululeni inkinga yodlame! Funa abantu ozobambisana nabo nilwe nalo. Yini engenziwa yiziqhwaga uma nihlangana nibe ngu-20 noma 30 niye ehhovisi likathishanhloko nimbikele ngazo"
Uma nihlangana, iziphathimandla zesikole zizophoqeka ukuba zilusukumele udaba lwenu. Akekho umuntu okuzothiwa uyigwala ngokucela usizo lukathisha uma ehlukunyezwa esikoleni.
Abantu abangamagwala yilabo abamayo babukele ngesikhathi abanye abafundi bedlala ngabanye.
Intsha ivame ukukhala ngabantu abacekela phansi impilo yayo noma abafuna ukuyilawula - uma kunodlame esikoleni khombisa abanye abafundi ukuthi uyakwazi ukulawula impilo yakho ngokulwa nalo.
Kungenzeka singabi namandla okulwa nodlame nobugebengu ezweni esiphila kulona kodwa esikoleni singakwazi ukulwa nalezi zinto.
Okuxakayo wukuthi sithukuthela kalula uma kunokungaboni ngaso linye phakathi kwethu nabazali bethu - kodwa asenzi lutho uma izingane esifunda nazo zisihlukumeza.
Hlelela ikusasa lakho. Ungalwa nodlame esikoleni ngokungavumi ukulubekezelela. Sukuma wenze isiqiniseko sokuthi abahlukumeza abanye bayajeziswa. Ungakwenza kalula lokho. [z]
BONA ZULU July 2008
Emaphephandabeni kugcwele izindaba zokwanda kodlame ezikoleni, kodwa amandla okulwa nalo asezandleni zakho. Nakhu ongakwenza ukuze wenze umehluko...
Amaqembu ezigelekeqe "anamandla" ngoba asebenza eliqembu labantu abaphila ngokuhlupha abanye ukuze kungabonakali ukuthi bayizahluleki. Kodwa singalwa nawo ngokuhlangana sibumbane sibe munye njengawo.
Fundani kuwona nibumbane. Iqembu lenu makube yiqembu elizokwakhiwa yilabo bantu abalwa nezenzo zamaqembu ezigelekeqe - iqembu lenu makube yiqembu elizokhuthalela ukuya esikoleni liyofunda elingayingeni eyokulwa nabanye abafundi - alikho iqembu eliyoba namandla okuninqoba.
FUNDA KUWONA
HLAKANIPHA
Funda ezinhlanganweni zomphakathi nasezinhlakeni zezepolitiki. Uma kukhona abafana (namantombazane) abaluhlupho esikoleni, bhala phansi konke abakwenzayo, bhala usuku, isikhathi nendawo okwenzeke kuyona abebekwenza, ubhale namagama abo. Thatha ikhophi yaleyo ncwadi uyinike uthishanhloko uma seniyohlangana naye. Leyo ncwadi izoba ngubufakazi bento enikhala ngayo.
Uma engathathi zinyathelo, dluliselani izikhalo zenu kwiziphathimandla zemfundo, lokho kuzoba wubufakazi bokuthi uthishanhloko unolwazi ngokwenzekayo.
BONA ZULU July 2008
ASIZWE UVO LWAKHO
Ngabe isikole ofunda kusona sinenkinga yokuhlushwa wudlame" Ngabe ucabanga ukuthi yini edala lokho" Yini oyenzayo ekulweni nalo"
Bhalela uFat Charlie. Thumela incwadi yakho kuleli kheli: Fat Charlie, Box 32083, Mobeni, 4060.
