zulu.620.gerrard
USteven Gerrard
Sinethulela ukapteni weLiverpool
NDAWANA thile kunesithombe sikakapteni weLiverpool uSteven Gerrard egqoke izimpahla zebhola ze-Everton. Lesi sithombe sashicilelwa ngesikhathi esaqala ezakhela igama kwiLiverpool kanti sadala okukhulu ukuvungama phakathi kwabalandeli bekilabhu.
UGerrard kwakufanele abe “ngumfana weLiverpool” noma yinini - pho wayengaba kanjani wumlandeli wezitha zabo ezinkulu?
Encwadini yempilo yakhe, uGerrard uchaza kabanzi ukuthi lesi sithombe sathathwa kanjani.
“Kubaba wawuba ngeziBomvu ngoba ngaphandle kwalokho wawungafa,” kubhala yena encwadini yakhe. Kodwa njengakweminye imindeni yendawo, babengeke bathande into eyodwa bonke.
“Umalume uLeslie wayengumlandeli wokuqina we-Everton - ethenga amathikithi esizini, izikhafu, amafulegi nokunye okuningi. Kwakuthi njalo umalume uma ephuma emidlalweni yeqembu lakhe, angiphathele izimpahla ze-Everton ngemizamo yokuba ngibe wumlandeli wezakhe ezi-Blue.”
Ngesikhathi lesi sithombe sikaGerrard edlubhe izingubo eziphelele ze-Everton sishicilelwa, abantu abaningi babecabanga ukuthi akusona esangempela. “Esami sangempela. Sathathwa ngo-1987,” kusho yena encwadini.
Indebe
UGerrard owayeneminyaka eyisikhombisa ngaleso sikhathi wayehamba nomalume wakhe eyobuka imidlalo ye-Everton nokwambeka ethubeni lokuwina omunye wemincintiswano kwadingeka ukuba athathwe isithombe kanye nendebe yeligi neyeCharity Shield eGoodison, okuyinkundla ye-Everton.
“Ngelinye ilanga umalume uLeslie wangithengela izimpahla ezintsha engazigqoka ngaqonda eGoodison ngihamba naye, ngamshiya esadideke kanjalo ubaba.
“Manje njengoba sengingoweLiverpool, sengithi lapho ngibheka emumva ngizibuze ukuthi yini yona lena engangiyenza.”
Waphunyuka engozini
Wayeneminyaka engu-9 ngesikhathi ebonwa yilabo abathungathela iLiverpool amathalente.
Ubaba kaGerrard wayenza noma yimuphi umsebenzi ukuziphilisa - owokubeka isitini, owokusebenza emgwaqweni neminye.
“Ngangingumuntu owayezihlakaniphele ngokwase-mgwaqweni kodwa futhi ngingelona uhlupho, ngaphandle nje kwamafasitela ambalwa ayefile,” kusho uGerrard.
Ibhola yiyonanto eyamsindisa. Wayelidlala kwenye indawo eyayiseduze kwalapho kwakulahlwa khona udoti nokuyilapho acishe wangalithola ithuba lokuqhubeka nokudlala.
“Sasizidlalela ibhola nomngani wami ngelinye ilanga lakhahleleka layongena otshanini obude,” kusho kukhumbula uGerrard.
Ngesikhathi eyolanda ibhola, wema phezu kwemfoloko yasengadini eyayisigqwalile. “Yangihlaba ngalimala kwaba buhlungu sengathi ngihlatshwe yinaliti enobuthi.”
Umonakalo wawumkhulu kangangoba esibhedlela babefuna ukumnquma ubhozo ukuze angangenwa yi-gangrene.
Ngenhlanhla umqeqeshi wesikimu sentsha yeLiverpool nowayengumdlali weLiverpool uSteve Heighway nguye owajutshwa wabanqabela ukuba benze into efana naleyo.
UGerrard wadlala umdlalo wakhe wokuqala esikimini esikhulu seLiverpool ngoNovember 30, 1998.
Ngesizini yodumo kwiLiverpool ka-2000/01 eyaziwa ngokuthi yi-“treble season,” wayesedlale izikhathi ezingu-50 esikimini esikhulu, washaya amagoli alishumi, iLiverpool yawina isicoco seligi neseFA Cup.
Kwifayineli ye-UEFA Cup bedlala ne-Alavés, uGerrard washaya igoli lakhe lokuqala lefayineli nokuyilapho iLiverpool yawina ngo-5-4.
Ekuqaleni kwesizini ka-2003, uGerrard wayesezakhele elikhulu igama kwiLiverpool nokuyilapho futhi wagcina esethathe isikhundla sobukapteni kuSami Hyppia.
ILiverpool yayibhekene nesikhathi esinzima, kwahlongozwa nokuba uGerrard asuke e-Annfield ukuze akwazi ukuyofeza izinhloso zakhe.
Emva kwalokho kwafika uRafael Benitez okunguye owanxusa uGerrard ukuba ahlale e-Annfield ukuze kubonakale ukuthi imenenja entsha yini eyayingayenza.
Ingcindezi
Ngasekuqaleni kwesizini ka-2004/5 iLiverpool yayisazabalaza ngaphansi kwabaphathi abasha. Ukuthengiswa kukaMichael Owen eya kwiReal Madrid kanjalo nokulimala komdlali waphambili uDjibril Cisse kwenza isimo sedlulela. UGerrard naye walimala, kwathi kufika isikhathi sokuthi usengadlala ngoNovember, iLiverpool yabe isiphumile kwiPremier League isibhekene nengcindezi yokuba ilwele ukuhlala kwiChampions League.
UGerrard wakulungisa lokho ngokuba igalelo lakhe lenze iLiverpool ifinyelele ezingeni lomkhumula-jezi ngegoli alishaya ekude namapali emizuzwini emihlanu yokugcina lapho behlula khona i-Olympiakos.
Umdlalo wefayineli bedlala ne-AC Milan e-Istanbul…
Ngesikhathi sekhefu, iLiverpool kwakuyibhedela njengoba yayehlulwa ngo-3-0. UBenitez wenza ushintsho, kubandakanya nokushintsha u-Gerrard amdlalise phambili - nokwenza leli qembu livuke emaqandeni.
Emizuzwini eyisithupha yokuqala kwesiwombe sesibili, iLiverpool yashaya amagoli amathathu kwaba ngu-3-3. UGerrard nguye owashaya igoli lokuqala. Umdlalo waqhubeka, iLiverpool yagcina isiwinile lapho sekushaywa amaphenathi.
Amagoli
UGerrard waqokwa njengomdlali obalulekile kwi-UEFA ngaphansi kwesizini ka-2004/05.
Ngesizini eyalandela waholela iLiverpool ekutheni iwine iFA Cup, washaya amagoli amabili kwifayineli bedlala neWest Ham.
Lawo magoli enza uGerrard ukuba nguyena mdlali kuphela ukushaya amagoli kuyo yonke imiqhudelwano emikhulu - iFA Cup (2006 vs West Ham United), League Cup (2003 vs Manchester United), UEFA Cup (2001 vs Deportivo Alaves), neChampions Cup (2005 vs AC Milan).
Njengamanje iLiverpool ibhekene nezinkinga, kodwa ngoMay uGerrard waphikisa amahlebezi okuthi ufuna ukushiya ayodlala kwenye ikilabhu ngoba ethi, “angikaze ngibe nokuthokoza”. UGerrard futhi unesinye isizathu esimenza ahlale. Ngokubeka kwakhe encwadini yempilo yakhe, uthi isifiso sakhe ngaphambi kokuba athathe umhlalaphansi wukuthola “ukubongwa” yimenenja yakhe uRafael Benitez - yena othi akamncomi lo kapteni wakhe ngoba ufuna ukuba amenze umdlali ongcono nophambili![z]
BONA ZULU – July 2007
indaba ngu-ISAAC KWELA
izithombe ngabeGALLO IMAGES/GETTY IMAGES
Le nsizwa engalibheki ipali izinikela kangangoba ayinendaba nokulimala. USteven Gerrard ngumdlali wasesiswini. Ngabe wake waba ngumlandeli we-Everton? Uyazi ukuthi walimala ubhozo wacishe wangaba ngumdlali webhola?
Okumkhuthazayo kumnike amandla
UGerrard uthi into emkhuthaza kakhulu ekudlaleni kwakhe ngumzala wakhe ongasekho u-Jon-Paul Gilhooley.
UGilhooley owayeneminyaka elishumi nguye owayemncane kunabo bonke abafa enhlekeleleni yaseHillsborough - uGerrard yena ngaleso sikhathi wayeneminyaka engu-9. Le nhlekelele yesibhicongo yamkhathaza kakhulu emphefumulweni. “Uma ngidlula kule ndawo, ngifikelwa wumunyu nosizi,” kusho yena.
u
BONA ZULU – July 2007
KUDE KWESOBUNXELE NANGENHLA: UGerrard edlala ngaphansi kwe-English Premiership League.
Ukapteni weLiverpool uthi okwakumhla-nganisa ne-Everton sekwedlula.
t
BONA ZULU – July 2007
Angikaze ngibe nokuthokoza
Imidlalo yamazwe
UGerrard waqala ukudlala imidlalo yamazwe omhlaba ngosizo lukaKevin Keegan bedlala ne-Ukraine ngoMay 31, 2000, ezinyangeni ezingu-18 emva kwemidlalo engu-44 aqala ukudlalela isikimu esikhulu seLiverpool.
UGerrard wayengomunye wabadlali abathathu beLiverpool ekanye no-Michael Owen no-Emile Heskey, abashaya amagoli emdlalweni wodumo wokuhlungela imidlalo yeWorld Cup ngoSeptember 2001 ngesikhathi beshaya iGermany ngo-5-1 nokungumdlalo i-England eyawuwina ekuhambeni.
UGerrard yamphuthela iWorld Cup ka-2002 ngenxa yokulimala - kanti futhi kwake kwaba khona nokwesabela ukulimala sekusele izinsuku ezimbalwa kuqale iWorld Cup ka-2006 eGermany.
UGerrard wahlolwa kwatholakala ukuthi ungumqemane ekutheni adlale okokuqala ngqa kwiWorld Cup, kanti waqala emdlalweni lapho bashaya khona iParaguay ngo-1-0. Waqhubeka futhi ngokushaya amagoli amabili emidlalweni ye-group yabo kulowo mqhudelwano wendebe yomhlaba.
Ungomunye futhi wabadlali abathathu be-England amaphenathi abo avinjwa nguRicardo Pereira emdlalweni wama-quarter-final nokungumdlalo owawinwa yi-Portugal.
