zulu.617.petrol
NGESIKHATHI ngiqala ukushayela ngeminyaka yo-1970 u-petrol wawubiza u-9 cent ilitha. Kusukela ngaleso sikhathi sesande kakhulu isibalo sezimoto emgwaqweni kanti akunasiqiniseko sokuthi usazotholakala yini u-petrol eminyakeni ezayo. Ohulumeni emhlabeni wonkana sebebonile ukuthi inkulu imali abangayenza ngabashayeli.
Isimo sibukeka sisazoba muncu kanti akufanele sizithembise ukuthi inani lika-petrol liyoke lehle. Esingakwenza wukuzama ukuba siwusebenzise ngokuwonga. U-petrol osethangini lakho wuphathise okwemali esebhange usebenzise ilitha ngayinye ngokuyonga.
Indlela elula nesebenzayo ekongeni u-petrol wukungayisebenzisi kakhulu imoto yakho.
Kodwa lokho akusho ukuthi ngeke usakwazi ukuzikhipha ngeSonto ngemoto yakho. Zithokozise ngemoto yakho kodwa qaphela ukuthi yimalini edleka ngesikhathi ushayela ube nesiqiniseko sokuthi uthola okukahle ngemali yakho.
Zihambele ngezinyawo uma uvakashela umngani wakho oseduze.
Uma kungenzeka sebenzisani imoto eyodwa nabangani noma nabantu osebenza nabo ukuze nihlanganyele emalini ka-petrol. Ngelinye isonto ningasebenzisa imoto yakho nisebenzise eyomngani ngesonto elilandelayo uma niya emsebenzini.
Ngaleyo ndlela uzokonga imali ka-petrol, yokusevisa imoto, yokuguga kwamasondo nezinsimbi zayo.
Uma ilitha ka-petrol ibiza R5,80 imoto yakho ihamba u-10 kilometres ngelitha eyodwa, usebenzisa cishe u-60c ku-petrol kuphela ngalelo nalelo kilometre olihambayo.
Ngo-40-kilometre owuhamba uya emsebenzini ukhokha u-R24 nsuku zonke, noma u-R480 ngenyanga.
Ngokujoyina umngani wakho inyanga izophela uno-R240 owonge ngo-petrol kuphela - kanti nenani lemoto yakho lizothi xaxa uma usuyidayisa ngoba izobe ihambe amakhilomitha ambalwa.
Njengoba usuzame ukwehlisa izindlela ozihamba kungenasidingo, uthini ngalezo zikhathi okudingeka ukuba uhambe ngazo ngemoto" Ungawonga kanjani u-petrol"
Izeluleko...
Imoto yakho ayihlale isesimweni esihle. I-air filter engcolile noma ama-spark plugs aphelile kungenza imoto iwudle kakhulu u-petrol.
Qiniseka ukuthi amasondo emoto anomoya ofanele. Uma engenamoya imoto iwudla kakhulu u-petrol kanti asheshe aphele.
Bheka ukuthi amasondo emoto yakho aphela ngokulinganayo yini wenze i-wheel alignment uma engapheli ngokulinganayo. Lokho kuzokongela imali enhle ku-petrol nasemasondweni.
Bheka ukuthi u-petrol udleka kangakanani. Ngaleyo ndlela uzokwazi ukubona uma kunenkinga uyilungise.
Ungayidumisi imoto bese uhlala kuyona ngoba uthi uyayifudumeza. Yidumise uyiyeke imizuzwana embalwa ukuze uwoyela ukhuphuke ufike kuzo zonke izindawo enjinini bese ushayela ngokuyincenga igeji layo lokushisa lize likhombise ukuthi injini isishisa ngokufanelekile.
Kugweme ukuhamba ume. Uma i-robot oya kulona libomvu ungayi kulona usundiza ngoba kuzodingeka ukuba usebenzise ama-brakes ukuze ume - lokho kumosha u-petrol. Phakamisa unyawo lwakho lwangakwesokudla kancane ulwehlise ngokuluncenga uye erobhothini kahle ulinde ukuba likuvulele.
Izindlela ozihambayo zihlele ngendlela osebenzisa ngayo u-petrol. Uhambo olude emgwaqweni onguthela wayeka ludla u-petrol omncane kunohambo olufushane oluhamba phakathi kwezakhiwo.
Ungawunyatheli ngamawala u-petrol. Wunyathele kahle uwuyeke uma indawo yehlela.
Khuphula amagiya ngokushesha ingaze iphelelwe amandla injini. Uma amandla enjini ehla endaweni ekhuphukayo, faka igiya eliphansi unyathele u-petrol ngendlela obuwunyathele ngayo kunokuthi uwunyathele kakhulu.
Shayela uvale amafasitela.
Uma unemoto eyiveni engamboziwe, yimboze ngoseyili. Uma ungenawo useyili, shayela imoto yakho uyivule indawo engemuva uma uthatha uhambo olude ngoba uma ivaliwe ibamba umoya.
Ungazifaki izinto okuthiwa zonga u-petrol ngoba azisebenzi! Ungawuhlanganisi u-petrol wakho nezinto esizibona zikhangisiwe - abakhiqizi bawo bachitha imali eningi bewuthuthukisa ukuze usebenze kahle.
Abanye bethu bathanda ukushayela bagijime kanti sikhona isikhathi nendawo yokukwenza lokho. Ukugijima kukufaka ezindlekweni zika-petrol nezamathikithi enhlawulo kanti kuyingozi.[z]
Ukonga u-petrol
Izindlela eziphusile zokonga imali
U-petrol osethangini lakho wuphathise okwemali yakho esebhange ukuze lelo nalelo litha lisebenze ngokuyikho...
indaba nesithombe nguGAVIN FOSTER
NGENHLA: Glug, glug, glug! Kuzwakala lo msindo uma ufaka u-petrol emotweni yakho...kodwa kukhona ongakwenza ukuze wonge imali.
BONA ZULU - November 2005
u
Uthini Umthetho
Lolu sizo nilwethulelwa uBONA naboPhiko loFezela
Okumele ukwenze uma ufakwe ohlwini lwabangakhokhi kahle
Ngiyikhasimende lenkampani othenga kuyona ngeposi kanti ingifake ohlwini lwabangakhokhi kahle. Ngicabanga ukuthi lokho kwadalwa ubudedengu bayo.
Yangithumelela izimpahla ezingaphezu kwengangizi-odile.
Ngayiphindisela emuva leyo engangingayidingi kodwa benqaba ukwehlisa isikweleti sami. Senginesikhathi ngikhokha ngethemba lokuthi ngelinye ilanga bazongithumelela isitatimende esifanele.
Bebehlale bebeka izaba nezethembiso abangazifezi kanti kuthe emva kwesikhathi bangesabisa ngokungifaka ohlwini lwabangakhokhi kahle.
Ngayeka ukukhokha ngoba ngingazi ukuthi yimalini esengiyikhokhile nengiyikweletayo.
Angibalekeli ukukhokha kodwa ngeke ngikhokhele izinto engingazithenganga. Ngisalinde isitatimende esifanele.
Ningangisiza""
MP, Masimula
Uma ufakwe ohlwini lwabangakhokhi kahle ngeke usakwazi ukuthenga ngesikweleti.
Kuzodingeka ukuba ulusukumele ngokushesha lolu daba ukuze kulungiswe iphutha.
AbeScorpion Legal Panel bavame ukunika abafundi izeluleko abangazisebenzisa bagweme nezindleko zabammeli.
Sinenkinga ngama-credit bureau ngoba avame ukungabambisani kahle nabantu.
Athola izikhalo zamalungu omphakathi kanti iningi lazo lisuke lingesilo iqiniso noma kube wukuthi abantu abawuqondi kahle umthetho.
Ngenxa yaleso sizathu, ama-credit bureau avame ukungazithatheli zinyathelo izikhalo zabantu.
Ngenxa yalokhu esesikubalile, singakweluleka ngokuthi zama ummeli ozokuphenyela ukuthi ufakwe ngempela yini ohlwini lwabangakhokhi kahle akusize ukuze igama lakho likhishwe kulolo luhlu.
Uma igama lakho lingekho, ummeli uzokusiza aqinisekise ukuthi kule-account yakho ukhokhela izimpahla owazithenga awukhokhi imali engaphezulu kwaleyo oyikweletayo.
Kuzodingeka ukuba ummeli umnike zonke izincwadi namarisidi owawathola ukuze kube lula ukulungisa lolu daba.
Uma unofakazi, iya naye kummeli. Lokho kuzokwenza libe nesigqi icala lakho kukongele isikhathi nemali.
Uma unenkinga ekutholeni ummeli, xhumana nehhovisi labeScorpion Legal Protection eliseduzane nawe.[z]
BONA ZULU - November 2005
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
Sibhalele: Ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060. AbeScorpion bazonika wonke umuntu obhalele le ngosi yomthetho 'Uthini Umthetho' ivawusha yamahhala yemizuzu engu-30 yokubonana nommeli wabo kwelinye lamahhovisi abo noma baxoxisane ngocingo.
Hlela izindlela zakho wonge
