zulu.615.eagles
Kungenzeka bangabi negama elihle, kodwa abama-Eagles benza konke okusemandleni ukwakhela abagibeli bezithuthuthu igama elihle…
KWAKUKHONA isikhathi lapho ukugibela isithuthuthu kwakumataniswa nabelungu abayizikhondla abagqoke ama-denim namajakhethi esikhumba angcolile. Kwakuyizi ‘ngelosi zesihogo’ zoqobo okwakudingeka ukuba ugudluke endleleni yazo. Ababekwenza ekukhuthazeni ukungezwani kwezinhlanga kwakungeke kubawinele imiklomelo, kanti futhi babezibandakanye nasezenzweni zobugebengu.
Manje izinto sezishintshe kakhulu emhlabeni nokuyilapho uthola laba bagibeli besungula amakilabhu ezithuthuthu zabo.
Nakuba kusekhona abafuna ukugqama emaphepheni ngokungekuhle kodwa kukhona labo abazimisele ngokwenza okuhle emphakathini.
Lokhu kusiletha eSoweto nokuyindawo eyikhaya le-Eagles Bike Club, lapho umongameli wale kilabhu uRixon Makhubela esitshele ukuthi umphakathi wabagibeli bezithuthuthu usungena ezingeni elisha.
“Lokhu kumayelana nokudala uxolo,” kusho yena. “Sesibonile ukuthi izithuthuthu zethu ziyithuluzi lokudala uxolo, kanti sesisize izinkulisa zakule ndawo ukuba ziqoqe izimali.”
Le kilabhu eya ikhula ngamandla eSoweto, East Rand, West Rand, Pretoria nasendaweni eseduze neVaal River, isithakaselwa kakhulu ngisho nawojahidada.
“Izinkulisa ezimbalwa sezike zamema amalungu e-Eagles ukuba azogibelisa izingane azijabulise ngezikhathi zemigubho esuke yenziwe yilezi zinkulisa, noma mhlawumbe uma bevala ngamaholidi,” kusho uMakhubela.
I SITHUTHUTHU sakhe sokuqala kwakuyi-400cc kanti salimala engozini kwadingeka ukuba akhiphe uR400 aphinde akhiphe u-R300 ukusikhanda.
“Ngaqala ukuthanda izithuthuthu ngesikhathi ngincoma ubumnandi besikasibali wami esiyi-200cc Honda ngisigibele eLimpopo,” kusho uMakhubela.
“Nguye owangifundisa ukugibela isithuthuthu ngesikhathi ngisesesikoleni. Sengisebenza eGoli ngaqala ngonga imali yokuzithengela esami.”
Okukhathaza uMakhubela yindlela abantu bezimoto ababathatha ngayo abezithuthuthu.
“Abantu abangabashayeli bezimoto abasihloniphi thina bantu abahamba ngezithuthuthu emgwaqweni. Ngithanda ukubakhumbuza ukuthi nathi sikhona.”
Uthe bavele banqamulise izimoto zabo phambi kwezithuthuthu.
“Thina asifani nabagibeli bezimoto abangaba nenhlanhla baphume bengenamyocu uma kwenzeka ingozi, asinalo nelincane ithuba lesibili. Sihlale silimala.” Ukufakazela lokhu, uMakhubela walimala edolweni nasehlombe.
Amaqembu abagibeli bezithuthuthu aqala ngokuba belokhu begibele ndawonye behamba amabanga amade - ngaleyo ndlela bazibonakalise.
“Sinelungelo lokusebenzisa umgwaqo njengabo bonke abantu,” kusho uMakhubela osebenza njengomshayeli wamaloli.
ABAGIBELI bezithuthuthu nabo akabashiyi ngaphandle kulolu laka. “Kufanele bahloniphe izithuthuthu zabo hhayi ukuba babukise lapho bebona abantu.”
Okunye, utshwala nokugibela isithuthuthu, yizinto ezingahambisani.
UMakhubela ukholwa futhi wukuthi izithuthuthu zingenye yezindlela zokuthutha.
Le kilabhu isinabaxhasi abathengisa izimoto eSoweto - bakwaTobby Makwakwa, ababasiza ngamabheji nama-T-shirts.
“Bakhona nabanye besimame abasijoyinile,” kusho kwengeza uMakhubela.
UCorrie Holloway noBlanche Mgqweto. “Basiphatha ngendlela eyisipesheli,” kusho uBlanche egcizelela ukuthi “abesilisa benza isiqiniseko sokuthi asisele ngemumva ohambweni olude.
Ama-Eagles avame ukumenywa emishadweni. “Sigibelisa umakoti nomkhwenyana ezithuthuthwini zethu,” kuchaza uBlanche ogibela iHonda CVR 600.
“Sihlale sibheke ukuba babe baningi abesimame abasijoyinayo,” kusho uMakhubela.[z]
BONA ZULU – August 2006
Abagibeli bezithuthuthu
Ngena um- gwaqo!…
KWESIKHULU: Ama-Eagles ezingcebelekela emgwaqweni ehambisana nomunye wawo wesimame uCorrie Holloway.
KWESOBUNXELE: Umongameli wama-Eagles uRixon Makhubela.
KWESOKUDLA: Badlisa ngesitayela sabo… oBongani Hoboyi noBlanche Mgqweto bama-Eagles.
indaba nguFORCE KHASHANE
BONA ZULU – August 2006
