zulu.612.yourlifeguide_askangieEX
Umeluleki
oqeqeshiwe
U-Sis Angie uzokusiza aphendule imibuzo yakho aduduze nabalusizi
Ngimvumele umyeni wami ukuba athathe unkosikazi wesibili?
Dear Sis Angie: Sekuphele iminyaka engaphezulu kwengu-10 ngishade nomyeni wami. Siyazwana ngoba uyindoda enobubele ethembekile. Ungiphathe kahle phezu kokuba ngingamtholeli abantwana. Eminyakeni emine edlule ngagula ngaphelelwa wuthando lokuya ocansini.
Umyeni wami usanda kucela imvume yami yokuba athathe isithembu. Wathi usathanda ukuya ocansini kodwa akakwazi ukuya nanoma ngubani.
Ngididekile ngoba unezidingo zakhe njengendoda kodwa ngibuye ngizibuze ukuthi unkosikazi wesibili uzoza naluphi ushintsho empilweni yethu.
Ngenzenjani?
Gladys Mathenjwa, Soweto
Dear Gladys: Njengomuntu wesimame, ngiyabuzwa ubuhlungu obuzwayo. Indaba yesithembu ayikaze yehle kahle, kodwa ezweni lethu sisemthethweni kanti baningi abazifaka kusona.
Unenhlanhla ngoba umyeni wakho uphumele obala wakutshela ngacabanga ukukwenza. Enye indoda ibizoqhamuka isikutshela ukuthi iyashada ngempelasonto!
Khuluma nomyeni wakho umtshele ukuthi le nto ikuphatha kanjani. Yizwa ngaye ukuthi yini ayicabanga ngesimo sempilo yakho yonke. Ngibona kukuhle nithole ukwelulekwa ningakazithathi izinyathelo ezilandelayo.
Ngingakweluleka nangokuthi khuluma nomuntu owazi kangcono ngesithembu. Ungakhuluma nomuntu omdala emndenini noma nenyanga? Ungafuna nosizo lwezomthetho ngokushayela iScorpion Legal Protection ku-0861-333-333. Kuzoba ngcono uma usuqoqe lonke ulwazi mayelana nesithembu.
Ungakhuluma nabanye besimame abasesithenjini uzwe ukuthi kunjani. Okunye okungakusiza wumkhuleko. Kodwa khumbula ukuthi isinqumo ngalolu daba kumele sithathwe nguwe - uyazi ukuthi yini ongayimela.
Zama nokubonana nodokotela mayelana nokungalangazeleli kwakho ucansi.
Umphathi odelelayo
Dear Sis Angie: Ngisebenzela umqashi odelelayo ohlala ethi abantu abanto yalutho bayizilima. Akalaleli kanti uma nixoxa uyakuphazamisa ngaphandle kokukunika ithuba lokubeka uvo lwakho.
Sicabanga ukuthi akwenzayo wukungafundiseki kodwa asazi ukuthi yini esizoyenza!
Janine, PE
Dear Janine: Ukuxhumana kungukhiye wempilo - amagama aziswana angamlimaza omunye umuntu kanti ukumkhuthaza kungamphilisa. Kungenzeka ukuthi umqashi wakho akanalo unya. Mhlawumbe akakwazi ukubeka inkulumo kahle uma ezwakalisa imibono yakhe.
Kungenzeka futhi ukuthi ukhule noma usebenze nabantu ababekhuluma naye ngalolo hlobo.
Yebo uqinisile - akwenzayo kukhomba ukungafundiseki nendelelo. Kodwa kukhona ongakufunda kumqashi wakho - ukukhetha amagama uma ukhuluma nomuntu ukuze ube ngumholi omuhle.
Ungakhuluma nomuntu ongundabazabantu enkampanini yenu, okungenzeka abe nendlela yokulungisa lesi simo.
Ngokuzayo ubokhumbula lawa mazwi kaSteve Biko uma uzwa umqashi wakho esebenzisa amagama angezwakali kahle: "Ngingumuntu njengawe. Ningavumi ububi bomunye umuntu bunenze umuntu omubi. Akufanele udikibaliswe abantu abanje ngoba kungenzeka uthole umngani omusha."
Isondlo sezingane
Dear Sis Angie: Ngingumama oneminyaka engu-27 onezingane ezintathu. Izingane zami ngazithola esokeni lami eselashona. Ngine-HIV kanti umndeni kamufi usola mina ngokufa kwakhe. Bayithola imali yakhe yempesheni lapho ayesebenza khona kodwa abafuni ukondla izingane. Ngenzenjani?
Masabata, Vryburg
Dear Masabata: Okokuqala, yimpilo yakho ebaluleke kakhulu.
Ngingakweluleka ngokuthi iya emtholampilo oseduze uthole ukwelashwa okudingayo. Uma usungcono, iya ehhovisi lokuthuthukiswa komphakathi eliseduze nawe ubhalise izingane ukuze zithole imali yesondlo. Kulona lelo hhovisi faka icala kusonhlalakahle umtshele ngodaba lomndeni wesoka lakho.
Ungaxhumana nabeLegal Aid Board ngoba nabo bangakusiza. Shayela ku-0861-053-425 (inombolo yamahhala) uzwe ukuthi likuphi ihhovisi labo eliseduze nawe.
Ubalulekile kuwena nasekusaseni lezingane zakho. Usonhlalakahle angakuhlelela ukuba uthole ukwelulekwa ukuze welapheke ubusiseke. [z]
BUZA KU-SIS ANGIE
Isi-nqumo ngalolu daba kumele sitha-thwe nguwe
Bhalela kuleli kheli:
Ask Sis Angie,
Box 473014, Parklands,
2121.
Qaphela:
USis Angie
akaqeqeshelwe ukuphendula izinkinga ezithinta impilo.
