zulu.609.trivdec
amakhasi kaBONA athokozisayo
Phezulu kwelenyoni!
Beka ngokuyikho
Hlela lezi zinhlamvu zamagama ngendlela efanele.
SEKUSEMTHETHWENI – nakuba izinhlelo zokwakha zisaqhubeka, ukuthi iBurj Dubai noma iDubai Tower njengamanje yibhilidi elide ukuwedlula wonke emhlabeni.
NgoJuly abakhi baleli bhilidi babika ukuthi ubude beBurj Dubai babungu-512. linama-floors aseqediwe angu-141 - ngaleyo ndlela lalidlula iTaipei okwakuyibhilidi elalilide emhlabeni njengoba ingu-509m.
NgoFebruary 2007, iBurj Dubai yadlula iSears Tower njengebhilidi elinama-floors kunawo wonke emhlabeni.
Okunye okungase kulandele wukuba iBurj Dubai ibe yibhilidi elide kunawo wonke ngokusuka phansi emhlabeni kuye kufinyelele kuma-antenna alo. Okwamanje kuseyiSears Tower yaseChicago engu-527m ukuphakama.
Emva kokwedlula iSears Tower okulandelayo ezimisele ngako wukuba yisakhiwo eside kunazo zonke emhlabeni ngokwedlula iCN Tower yaseToronto eCanada nokuyiyo eseyinde njengamanje njengoba ingu-553m ukuphakama.
Leli bhilidi kulindeleke ukuba liphothulwe futhi kube sekuhlala abantu kulona ngo-2009.
Ngaphakathi kunemihlobiso kaGiorgio Arman - kanti ihhotela i-Armani Hotel (okungelokuqala lalolu hlobo) lizothatha indawo yama-floors angezansi angu-37.
Ama-floors kusuka ku-45 kuya ku-108 azokuba nama-private apartment kuma-floors angu-64 - athengwa wonke engakapheli amahora ayisishiyagalombili eqalile ukudayiswa.
Amahhovisi azogcwalisa ama-floors amanye.
Kuleli bhilidi kuzokuba khona futhi ikheshi elinesivinini kunawo wonke emhlabeni elikhuphuka lehle ibanga elingu-18m ngomzuzwana. Kuzokuba khona namasitebhisi azihambelayo angu-56.
Akukaziwa ukuthi iyothi lapho isiphelile iBurj Dubai ibe ngubude obungakanani nakuba kukholakala ukuthi ingaba ngaphezu kuka-800m ukuphakama.
Kodwa…
Ezinye izinhlelo zomsebenzi ezinkulu kwezinye izindawo kungenzeka zibe nezakhiwo ezingabanga isicoco “sesakhiwo eside kunazo zonke emhlabeni.”
Elinye lamabhilidi elingase libe kulowo mbango eBurj Dubai wumbhoshongo oqhele kule ndawo ngamakhilomitha angu-50. Kubikwa ukuthi lo mbhoshongo i-Al Burg (“The Tower”) izoba ngu-1 200m ubude ibe nama-floors angu-200 uma kwenzeka iqedwa.
Kukhona futhi neMurjan Tower eManama, eBahrain, okulindeleke ukuba ibe ngu-1 022m.
Kukhona futhi neMubarak al-Kabir Tower okuthiwa izoba ngu-1 001m ukuphakama ezokwakhiwa eKuwait njengengxenye yohlelo lokuthuthukisa olwaziwa ngokuthi yi-Madinat al-Hareer (“City of Silk”) oluzobandakanya nenkundla yama-Olympics, indawo yokuhlala abantu, amahhotela nezitolo. Lo msebenzi uzothatha iminyaka engu-25 ukuba uphele.
Konke ngo…
CUCUMBER
AmaMulti-Game
Hlola ulwazi lwakho lolimi. Isithombe yiso esikutshelayo ukuthi ngabe yini igama laleyo nto.
l Uthathwa njenge-fruit ngoba unenhlamvu engaphakathi kanti umila usukela embalini.
l Wadabuka kwelaseNdiya wasabalala umhlaba wonke ngaphambi kokuba kubekhona umlando obhaliwe. Ama-cucumber ukwenza isibonelo, ayaziwa emandulo kubantu baseGibhithe, eGreece naseRome.
l Izinhlobo zama-cucumber eziningi ezikhona namuhla zaqala ukuba khona eminyakeni engu-400 eyedlule.
l Izinhlobo ezikhona namuhla zisukela kwezilugqinsi kuya kwezingama-English greenhouse ezehlukahlukene.
l Izinhlobo ezinkulu ezimhloshana, ezime ngezindlela ezehlukene zatshalwa eFrance ngesikhathi se-19th Century zisetshenziselwa ukwenza iziqholo zomzimba.
l Ama-“gherkins” esiwathenga esemabhodleleni ango-cucumber abagqunyiswe ngopelepele.
Ngale ndandatho...
Ixoxo elinobuthi, i-poison-arrow frog “lithwala” ubuthi obanele ukubulala abantu abangu-2 200
UKWETHEMBISA umshado nokushada kubandakanya ukunika othandiweyo indandatho okungakuhle ibe namadayimane.
Leli siko lisukela kudala emandulo ezweni laseRome nokuyilapho babekholwa wukuthi amadayimane anamandla amakhulu endalo.
Ukunika othandiweyo wakho idayimane kungamvikela ebuthini nasemimoyeni kasathane.
Lolu siko lavuselelwa ngezikhathi zeMiddle Ages ngesikhathi kucatshangwa ukuthi idayimane lenza ubudlelwane obuhle phakathi kwendoda nenkosikazi yayo.
Kwathi eminyakeni engamakhulu ambalwa eyalandela, kwaba yifeshini ukufaka idayimane esandleni sobunxele ukuze kuqhele imimoya emibi.
Umkhuba wokuthenga indandatho yedayimane njengento eqhakambisa ubuhle othandweni, yinto yeminyaka yo-1938 nomkhankaso wabakwa-De Beers “wokusabalalisa” idayimane.
u
t
amakhasi kaBONA athokozisayo
25 weminyaka ekhona!
AMA-CD okuqala enziwa efekthri yakwaPhillips eduze kwaseHanover eGermany ngomhlaka 17 August 1982. Kwathi ngeminyaka yo-1990, ahlahla indlela yokwenziwa kwamaCD-ROM namaDVD.
AbakwaPhillips, okuyibo abasungula amaCD bebambisene nabakwaSony, bacabangela ukuthi asengaphezu kuka-200 billion amaCD asethengisiwe.
AmaCD okuqala ashicilelwa kwaba ngawe-albhamu ethi The Visitors yeqembu lomculo we-pop laseSweden i-Abba.
Empeleni abakwaPhillips babezimisele ngokudonsa abathandi bomculo we-classic bekholwa wukuthi bazokuthanda ukuzwakala komsindo oyikhwalithi bawathokozele namaCD abizayo.
Babeqinisile ngoba kumaCD kuzwakala umsindo omnandi owawukade ufihlekile kumarekhodi angamapuleti.
“Ngesikhathi umdlali wopiyane waseChile u-Claudio Arrau eqopha enye yamaCD okuqala ngaphansi kwePolygram kwatholakala ukuthi wayelokhu eshaya izandla enyakazisa izinyawo ngesikhathi edlala. Kodwa kumarekhodi angamapuleti lokho kwakungezwakali kodwa kucace bha kwiCD,” kusho omunye owayeyilungu lethimba lokuthuthukiswa kwamaCD ngaphansi kwePolygram.
Ukuqopha ngendlela e-digital kwaqala ngesikhathi lapho iDire Straits ikhipha iBrothers In Arms kwi-CD ngo-1985.
Manje ukuthengiswa kwawo sekuyehla kakhulu njengoba iningi labantu selivele lizicaphunele umculo kumakhomphyutha liwufake kuma-MP3 player. Abasembonini yamaCD bathi nawo akusekude aphelelwe yisikhathi…
Funa igama
Iminenke ikhipha injimbilili engenambala enamathelayo nokuyiyo eyivikelayo ngaphansi kwayo lapho ihamba. Le njimbilili ivikela kangangoba ngisho umnenke ungahamba phezu kwe-razor ebukhali ngeke nakancane usikeke
Thola amagama ngokufunda uya phambili, emumva, phezulu, phansi, uvundle. Ungalokothi emgqeni weqe uhlamvu lwegama. Dweba ukekelezele igama ngalinye, bese ulicisha ohlwini oluseceleni.
Boo-hoo!
ELondon naseTokyo aya ngokwanda “amakilabhu abakhathazekile”. Labo abayizikhulu eziphezulu baqasha amakamelo bazibukele ama-movie noma bahambele amaqembu abantu abahlangana ngokuba bazokhala ukuze bakhiphe ukukhathazeka okungaphakathi, ngokusho kombiko welinye lamaphephandaba
Konke nge...
ZAMBEZI
l IZambezi ingubude obungu-2 574km nokuyenza ibe ngumfula wesine omude e-Africa nomkhulu kunayo yonke engenela kwi-Indian Ocean.
l Lo mfula usuka eZambia ugelezele e-Angola emingceleni yaseNamibia, Botswana, Zambia naseZimbabwe uye ufike eMozambique lapho ufike ungenele kwi-Indian Ocean.
l Into enedumela kakhulu kwiZambezi yizimpophoma zayo iVictoria Falls.
l Endaweni yonke oyihambayo lo mfula, kukhona amabhuloho ayisithupha: iChinyingi, Katima Mulilo, Victoria Falls, Chirundu neTete. EMozambique kukhona ibhuloho iDona Ana Bridge.
l Mabili amadamu ugesi odonswa usukela kuwona - iKariba Dam ephakela ugesi eZambia naseZimbabwe kanye neCahora Bassa Dam eMozambique okuyidamu eliphakela iSA ngogesi.
l Lo mfula uphethe impilo yemindeni yezilwane ezehlukene. Izimvubu nezingwenya eziningi zitholakala onqenqemeni lalo mfula.
l Kukhona nemindeni yezilwane ezinkulu ezifana nama-buffalo, amadube, izindlulamithi nezindlovu - nezinhlobo eziningi zezinhlanzi.[z]
Yakha igama
Mangaki amagama esiNgisi anezinhlamvu ezine nezinhlanu ongawakha ngasesikhaleni. Oluphakathi (olubomvu) lusebenzise kuwo wonke, ubheke ungalithola yini igama usebenzisa zonke izinhlamvu. Uhlamvu malusebenze kanye.
UTHI UBUWAZI?
l Inkunzi kashaka noma iZambezi Shark itholakala emhlabeni jikelele. Ivame ukuhlala ezindaweni ezingasogwini phakathi namanzi emifuleni emikhulu njengeZambezi. Lona ushaka onolaka kanti usubahlasele iziqubu eziningi abantu.
I-Puzzle Yezithombe
amakhasi kaBONA athokozisayo
Roger Milla
Igama langempela: Albert Roger Miller
Usuku lokuzalwa: May 20, 1952
LO mdlali waseCameroon waba ngomunye wabadlali base-Africa bokuqala ukuba babe yizihlabani emazingeni amazwe omhlaba.
Wadlala kumaWorld Cup amathathu edlalela iCameroon nokwathi eseneminyaka engu-38 - nokuyiminyaka iningi labadlali elisuke selithathe umhlalaphansi - washaya amagoli amane kwiWorld Cup ka-1990, wasiza iCameroon yafinyelela kuma-quarter final.
UPaul Biya ongumongameli waseCameroon ngiuye owashayela uMilla ucingo emncenga ukuba aphindele ekudlaleni ibhola emva komhlalaphansi.
UMilla waqhubeka wayodlalela i-cameroon eyaziwa ngokuthi ama-Indomitable Lions emdlalweni weWorld Cup ka-1994.
Ngaleso sikhathi wayeseeminyaka engu-42 nokwamenza waba ngumdlali omdala kunabo bonke ukudlala kwiWorld Cup - waba ngumdlali futhi omdala kunabo bonke ukushaya amagoli.
Ngo-2004 wafakwa ohlwini lwabadlali abangu-125 abayihlabani zebhola emhlabeni abaqokwa nguPelé njengengxenye yemigubho yeFIFA igubha iminyaka elikhulu yasungulwa.
Isithombe ngasinye siyakutshela ukuthi yini okufanele uyibhale ezikhaleni ezingenalutho
Amahlengethwa alala ebusuku ngaphansi kwamanzi, kodwa alokhu ephumela ngaphandle ezothola umoya.
u
