zulu.608.bec events
Zisungulele ibhizinisi
THENGA obhulankethi be-Aranda babe baningi ngesaphulelo bese ubadayisa uzakhele inzuzo.
Konke odinga ukukwazi:
1. Hambela i-forum noma i-workshop yeBONA Empowerment Club.
2. Thola i-kit yebhizinisi enemiyalelo nefomu yoku-oda nokutholakala kumaphakeshana atholakala emicimbini yethu noma kuphi kulo nyaka.
3. Qala uzitholele amakhasimende uxhumane nabantu ongase ubadayisele emphakathini, kuma-spaza shop noma ezikoleni.
Uma ungeke ukwazi ukufika emcimbini wethu, shayela uJerminah Tseise ucingo kwa-Aranda kule nombolo: 011-693-3721 ngezikhathi zomsebenzi umcele akuthumelele nge-fax imininingwane.
Uma uthanda ukuba bafike bazokhombisa amalungu estokfela sakho noma enhlangano yakho, shayela oyiRevue Liaison kule nombolo ethi: 011-883-8829 ukuze ubhuke.
U-Aranda ubambisene nabeBONA Empowerment Club bazokube benama-workshop ebhizinisi lokudayisa obhulankethi ezweni lonkana kuwo wonke unyaka ka-2007.
Amathuba kwezokuvakasha nezolimo njengoba sibange ku-2010
INHLOSO yeBONA Empowerment Club wukukhanyisela abafundi ngamathuba ezamabhizinisi ukuze bazisungulele awabo.
Abantu bakuleli bakhombisa ukungabi nandaba ngobubha, kungakhoke kuyinhloso yethu ukuba siqiniseke ukuthi nina ninamathuluzi afanele.
NgoSeptember iBONA Empowerment Club izokuba seBloemfontein eCivic Theatre, ku-Elizabeth Street.
Kuleyo-forum siyobe sigxile ikakhulu emathubeni akwezokuvakasha nakwezolimo njengoba sesibange ku-2010.
Phakathi kwezikhulumi zethu ngalobo busuku, siyobe sinoyisikhulu esiphezulu kwi-Mangaung 2010.
BONA ZULU – September 2007
USasko – usiko lweminyaka engu-70
NJENGABAXHASI abakhulu beBONA Empowerment Club ku-2007, uSasko Flour – osuzibandakanye neClub kusukela ngo-2006 – uletha usiko lweminyaka engu-70 kule micimbi.
Ngamaresiphi alula akwaSasko Flour ungakwazi ukubhakela umndeni wakho okumnandi uphinde futhi ube nesikhathi esanele sokuzithokozisa.
Kungani ungahlanganyeli nathi kwiBONA Bake & Cook for Profit ukuze uSasko Flour ukufundise konke odinga ukukwazi ngokubhakiwe okuconsisa amathe?
Ufulawa wakwaSasko wenziwe kuphela ngokolweni ocolisekile wekhwalithi ephambili wakuleli nakwamanye amazwe ukuqiniseka ukuthi ubhaka okuphambili. Njalo themba iSasko Flour ekwenzeni okubhakayo kunambitheke kamnandi.
KULO nyaka i-Diepsloot Athletics Club (DAC) yathumela abagijimi bayo abangu-17 ukuba bayogijima iComrades Marathon eThekwini.
Le kilabhu ecija abagijimi abanekhono, iqeqesha cishe izingane ezingu-50 masonto onke . Omunye wabagijimi bayo othembisayo ngu-Edwin Molepo oneminyaka engu-20 oseke wamela iSouth Africa ku-3 000 metre kumaJunior World Championships eBeijing ngo-2006.
Ngomjaho weComrades Marathon le kilabhu yakhelwa elihle igama ilakhelwa ngu-Elizabeth Maphuti Phaka oneminyaka engu-28 nowasewugijima okwesibili lo mjaho.
Ngaphambi kweComrades Marathon, u-Elizabeth wazibonakalisa ngenkulu impumelelo ngesikhathi eqeda eba ngoka-27 emjahweni we-Two Oceans eCape Town.
Kule minyaka emithathu edlule, le kilabhu ixhaswe ngabe Fourways Roadrunners Development Programme nabeMageu Number 1 kanti iyaqhubeka ikhombisa enkulu intuthuko.
Abasubathi beDiepsloot Athletics Club
AbeWoodlands Dairy bakhiqiza iFirst Choice Long Life Milk
ABE-WOODLANDS Dairy kulokhu kwasukela ngo-1996 bekhiqiza imikhiqizo yabo beyifaka emabhokisini.
Bheka iFirst Choice Long Life Custard, Butter, Cream and Cheese.
Njengabaxhasi bama-workshop eBake & Cook for Profit eBONA Empowerment Club, iFirst Choice kufanele kube ngeyokuqala wena oyikhethayo lapho ubhaka, upheka noma wenza umsebenzi wokuziphilisa ngokudla.
Sibhalele kuleli kheli: First Choice/BONA Recipe Competition, Box 1300, Rivonia, 2128, usithumelele iresiphi yakho ufake igama lakho, isibongo, inombolo ye-cell nekheli lakho - ngeke-nje kuphela sikumeme ukuza emcimbini wethu olandelayo ngakini, kodwa futhi uyoba sethubeni lokuwina ihampa yemikhiqizo yakwaWoodlands Dairy ebiza R200 kulowo mcimbi.
Vula ithini lempilo engcono nge-Glenryck
UKUNAKEKELA imindeni yethu kuthatha isikhathi esiningi kangangoba size silibale yizidingo zempilo yethu. Inhlanzi esethinini iGlenryck igcwele ukunambitheka kanti inothiswe nge-Omega-3 fatty acids futhi iqukethe i-calcium enika umqondo ophilile namathambo aqinile.
Sebenzisa inhlanzi esethinini iGlenryck njalo - ekhaya nasemsebenzini.
Vakashela ku-www.nola.co.za ukuze uzitholele kalula amaresiphi okwenza ama-lasagne, fish cakes, amasaladi nalula njengenhlanzi eku-toast!
Kwi-Spicy Chilli noma kweyoqobo iTomato Sauce, kulula ukuthokozela okuthandayo ngoba nesivalo sakhona esisha sesivuleka kalula.
Izidlo ezinempilo ezigcwele ukunambitheka zihlale zilula ngenhlanzi esethinini iGlenryck! [z]
Umncintiswano weSavellsFairdeal BONA Empowerment Club Community Builder
EMIZAMWENI yokubuyisela kumakhasimende abo nakumalunga eBONA Empowerment Club, iSavellsFairdeal isiyethule umncintiswano owaziwa ngokuthi yiSavellsFairdeal BONA Empowerment Community Builder.
Ukuze ube yingxenye yalo mncintiswano, kudingeka ukuba ukhethe umuntu omaziyo ukuthi unesandla ekuthuthukiseni umphakathi komunye wale mikhakha elandelayo: EzobuCiko, amaSiko nezokuXhumana, ezamaBhizinisi, ezeMfundo noma ezeMpilo neNhlalakahle yoMphakathi.
Abayowina zinyanga zonke, emunye uyothola iSansui DVD Player; kuthi oyobashaya bonke emakhanda onyakeni athole ivawusha yefenisha neyezimpahla zikagesi yabakwaSavellsFairdeal.
Owokuqala owawina umncintiswano wenyanga kaMay nguThomas Rasekhinya ongusomabhizinisi waseMamelodi. URasekhinya unebhizinisi elincane likagesi nokuyilo futhi alisebenzisa njenge-studio uma enama-workshop eqeqesha amanye amalungu omphakathi angaqashiwe.
Esikhathini esizayo uThomas uhlela ukuvula ikolishi eliqeqeshela umsebenzi kagesi,
BONA ZULU – September 2007
Okwenzeka ngoSeptember
Ingqikithi yeBONA Empowerment Forum:
Amathuba kwezokuvakasha nezolimo njengoba sibange ku-2010
Indawo: Bloemfontein Civic Theatre,
PACOF, 13 Elizabeth Street,
Bloemfontein
Usuku: ULwesine, 27 September 2007
Isikhathi: Fikani ngo-6.30pm ukuze siqale ngo-7pm
Indlela yokugqoka: Yiba muhle emvunulweni yakho
Imali: R30 umuntu.
(Ibandakanya ukudla nezipho. Umuntu uyozithengela ngokwakhe e-bar.)
Kuyokhokhwa emnyango ngalobo busuku
UKUZE UBHUKE: Shayela uPuleng: 011-883-8829 (ngezikhathi zomsebenzi)
Bake & Cook For Profit Workshop
Indawo: Bloemfontein Civic Theatre, PACOF, 13 Elizabeth Street, Bloemfontein
Isikhathi: 9 ekuseni kuze kube ngu-1 emini
Usuku: ULwesihlanu, 28 September 2007
Imali: R20 umuntu emnyango
UKUZE UBHUKE: Shayela uPuleng: (ngezikhathi zomsebenzi)
UForce Khashane
uMhleli kaBONA.
UMnuz Kgabele Mule, oyiMarketing Manager yeSEDA.
UVicky Kubheka ongumethuli weBake & Cook for Profit nowaziwayo eSoweto kwezokupheka.
