zulu.1298.yourceleb_starstyle
BAKHOMBA INDLELA
BUKEKA
NJENGESIHLABANI
Ukuma komzimba kaJada Pinkett-Smith kufanela noma siphi isitayela sokugqoka asithandayo
NAMUHLA udume ngomshado wakhe weminyaka engu-12 nomyeni wakhe uWill Smith kodwa ukuba ngunkosikazi nomama akumenzi ayeke ukugqoka akuthandayo nokumfanelayo. Ngeminyaka yama ‘90 wayegqoka amahembe angosayizi abavulekile nama-jean ayefihla ukubukeka okuhehayo komzimba wakhe. Kodwa konke lokho sekwadlula. Usekubuyisile lokho kubukeka okuhehayo okwenza abaningi eHollywood ‘bagwinye amathe’. Le ntokazi inesitayela sayo sokugqoka esihle ngisho ngabe ishaye ama-gown noma igqokele imicimbi ephambili.
Uwugqokisa kanjani umzimba omncane
Kunzima ukuthola izingubo ezihlala kahle uma unomzimba omncane. Nakhu okunye kokufanele ukucabange uma uyothenga okokugqoka.
■ Gwema izingubo ezivulekile. Izingubo ezikuhlala kahle nezithungiwe zilingana kahle emzimbeni.
■ Iziketi ezingenhla kwamadolo ziveza imilenze yakho zikwenze ubukeke umude. Gwema iziketi ezishaya emaqakaleni ngoba zizokwenza imilenze yakho ibukeke imifishane.
■ Amabhulukwe akumpintshayo noma aqondile yiwo ahlala athi ngci emzimbeni. Gwema futhi ama-bootlegs ikakhulu uma ufake izicathulo ezingenasithende.
■ Izicathulo ezinezithende ezinde zizokwenza ube mude.
■ Khetha kahle okokuhloba - ubucwebe obukhulu nobuningi bungagqiba ubuncane bomzimba.
Source: www.ehow.co.za
Bukeka
1. Amabhengela (R75 isethi), Foschini.
2. Tube dress (R420), Foschini.
3. Ibhande elimnyama (R140), Foschini.
4. Amacici asagolide (R35), Mr Price.
5. Ama-tight amnyama (R30), China Mall.
6. Izicathulo ezimnyama (R240), Foschini.
7. I-ring (R299), Ruby In The Dust.
8. Isikhwama esinemidwebo yezilwane
(R240), Foschini.
Osihlelele izitayela: Umsizi wakhe: Keletso
Modisakeng
Izithombe: Peter Whitfield
IZITOLO: China Mall: Downtown Joburg kuMain Street
Foschini noMr Price: Izitolo ezweni lonkana Ruby In The Dust: 011-325-5111
