zulu.607.coffins
Umngcwabo ohlukile
Indlela entsha yokungcwatshwa
Usomabhizinisi waseSouth Africaosafufusa usevuse "indlela yakudala" yokungcwaba ukuze kongiwe izindleko zokungcwaba nomhlaba kuhloishwe namasiko amandulo
SONKE siyazi ukuthi imingcwabo idla imali eshisiwe esikhathini samanje ngoba labo abashiywa yizihlobo zabo basuke befuna ukuzingcwaba ngesizotha.
Kodwa akufanele kube njalo njengoba uPaseka Hlatshwayo ongusomabhizinisi osafufusa esanda kukufakazela lokho.
UPaseka ukholwa wukuthi akufanele kuye ngokuthi umuntu unemali engakanani ukuze angcwabe kahle ngaleyo ndlela waqhamuka necebo.
"Ngiyazi ukuthi sisuke sifuna ukubangcwaba kahle abathandiweyo bethu kanti ngikholwa wukuthi kusuke kudlalwa ngabantu uma kuzoya ngokuthi banemali engakanani ukuze bangcwabe kahle," kusho yena.
"Okhokho bethu babeqikelela ukuthi bazingcwaba ngesizotha izihlobo zabo bengenandaba nokuthi banamalini yokuzingcwaba."
Konke lokhu kwaqala emva kokuba uPaseka ebukele uhlelo lweTV olwalumayelana nokushoda kwezindawo zokungcwaba wathola ukuthi okwakubekwa njengesixazululo kuloludaba - ukushisa izidumbu noma kungcwatshwe abantu phezu kwabanye - kwakushayisana namasiko ase-Africa.
Wazitshela ukuthi singaba khona isisombululo kulolu daba wathatha isinqumo sokululungisa.
UPaseka wenza ucwaningo ngamasiko ase-Africa amandulo, ikakhulu indlela okwakungcwatshwa ngayo abasebukhosini.
Wathola ukuthi abaholi babengcwatshwa beqosheme.
Babengcwatshwa ngale ndlela ngoba kwakunenkolelo yokuthi umoya wabo awufi kanti nabantu bazalwa beqosheme.
"Ngathola ukuthi ukungcwaba abantu ngale ndlela kubanika isithunzi esibafaneleyo," kusho yena.
"Umuntu ongasekho wayezongcwatshwa ngendlela okwakungcwatshwa ngayo abasebukhosini nami ngaqhamuka nendlela efana naleyo."
Emva kocwaningo olwathatha isikhathi esingaphezulu konyaka, iLebone yethulwa emhlanganweni wabangcwabi kazwelonke owawungoJune 2006.
Ibhokisi leLebone limise okwelambu kanti lenza kube lula ukuthi amabhokisi angene emgodini omncane oyindilinga.
Ingcwaba leLebone lithatha indawo engaphansi kuka-66% uma uliqhathanisa nengcwaba elijwayelekile.
"Sabambisana nabeNational City Parks abasisiza ngokuqinisekisa ukuthi bonke omasipala bayakwazi ukumba lolu hlobo lwamangcwaba ethu," kuqhuba uPaseka.
"Abangcwabi bayaqeqeshwa ukuze bakwazi ukungcwaba ngeLebone kanti kulula," kusho yena. Ekuqeqeshweni basizwa yiWits University.
Amabhokisi eLebone awadingi ukwakhiwa ngezinto eziningi.
Njengoba engadingi izinto eziningi uma akhiwa, ashibhile kunalawo ajwayelekile. [z]
BONA ZULU - July 2007
Indlela asebenza ngayo...
indaba nguTANIA SANDBERG
Kunenkolelo yokuthi kuzokongeka indawo uma amabhokisi emiswa aqonde.
' NGEMINYE IMINININGWANE: I-South African Funeral Supplies (SAFS) inikwe igunya lokwakha nokudayisa lamabhokisi. Abantu banga-oda amabhokisi eLebone kwiSAFS, noma bacele abangcwabi babo ukuba baxhumane neSAFS ukuze bathole ibhokisi leLebone.
Shayela ku-031-507-8150 uma ufuna uku-oda ibhokisi kwiSAFS.
BONA ZULU - July 2007
