zulu.605.car
Mthengi qaphela!
Yini okufanele uyibheke uma uthenga imoto eyisekeni
MINYAKA yonke izikhungo eziluleka abathengi zithola izinkulungwane ngezinkulungwane zezikhalazo zabantu abasuke bethenge izimoto ezingamasekeni. Iningi labo lisuke lingazange liyihlole leyo moto ngaphambi kokuba liyithathe.
Qiniseka ukuthi ngokwesimo sezulu kukhanya kahle ekutheni uhlole imoto ubheke lokhu okulandelayo...
RUST: Hambisa umazibuthe eduze komzimba wemoto yonke. Uma umazibuthe ungabambi, kungachaza ukuthi igcwaliswe ngodaka. Bheka futhi ukuthi ayikho yini enye i-rust engamabhamuza.
Konke lokhu kuyizimpawu ezikhomba ukuthi umzimba uthambile. Cela bayiphakamise imoto ukuze ukwazi ukubona ngaphansi. Uma kukuningi ukubola ezindaweni lapho umzimba uhlangana khona ne-frame ngaphansi, ungayithengi leyo moto ngoba impilo yayo isiphelile.
OIL: Uma kunamabala amakhulu kawoyela ngaphansi kwenjini, kungachaza ukuthi leyo moto idinga ama-gasket amasha.
TYRES: Qiniseka ukuthi wonke amasondo ngawenhlobo eyodwa. (Amasondo ungawashintsha - kodwa mhlawumbe ngeke ube nemali yokukwenza lokho ngokushesha uma usanda kuthenga imoto.)
BODY: Hlola umzimba wemoto ngokuwucindezela ngesandla ekhoneni ngalinye. Uma iqhubeka idlula indawo ebikuyo ekuqaleni, kungadingeka ukuba kukhandwe u-suspension. Vula izicabha, amafasitela, ibhonethi nebhuthi uphinde ukuvale, nokhiye ubabheke ukuthi bayangena futhi bayakhiya.
WEAR: Bheka ukuthi izihlalo nendwangu ezikhavwe ngayo kukusiphi isimo, uphakamise okhaphethi. Ukubonakala kwe-rust kulezo zindawo kungasho ukuthi amanzi ayangena. Bheka ukuthi amabhande ezihlalo asebenza kahle yini.
ELECTRICS: Bheka izinto zikagesi ezifana namalambu, ama-indicators, ihutha, ama-wiper nama-washer. Vumelanani nomdayisi ukuthi i-radio nezinye izinto ezengeziwe zibaliwe enanini lemoto.
ODOMETER: Bheka i-odometer. Ngabe imibhalo ikutshela okuyiko"
Umshayeli wemoto ngokuvamile cishe wenza 19 000km ngonyaka emotweni kodwa imoto yenkampani ingenza cishe 65 000km ngonyaka. Ngakhoke umdayisi ohlehlisa i-odometer uyiqola.
ENGINE COMPARTMENT: Bheka ukuthi azikho yini izimpawu zokukhandwa. Bheka ukuthi amanzi awaconsi ndawo yini enjinini. Faka amapayipi amasha kwi-radiator kunokuwukhipha wonke.
Idumise
Dumisa imoto. Ishiye isikhathi eside uze waneliseke ngoba abadayisi abanqeni ukufaka amafutha anamandla okwesikhashana ngoba befuna ukudida umthengi ngomsindo ozwakala uma iduma.
DIPSTICK: Amaconsana amanzi noma amagwebu a-gray kwi-dipstick angasho ukuklayeka kwe-cylinder block.
Okunye ongakwenza: wukukhipha i-oil filler cap. Ukunuka noma intuthu kukhomba ukulimala enjinini.
EXHAUST: Emva kokuba injini kade iduma isikhathi esingangemizuzu emihlanu, yi-reve. Intuthu emnyama ngemumva ingachaza ukuthi kukhona okonakele ku-carburettor. Eluhlaza ikhomba ukuthi kufanele kukhandwe injini.
RADIATOR: Cisha injini. Ngesikhathi iphola, sebenzisa indwangu ukuze isandla singashi, gudluza kahle isivalo se-radiator. Uma uwoyela uconsa noma amagwebu ebila, kungenzeka kube wukuqhuma kwe-gasket, noma kube wukuklayeka kwe-cylinder head.
Ezimotweni ezingenayo i-radiator cap, bheka uwoyela kwi-expansion tank.
BATTERY: Hlola ibhethri ngokushiya izibani zikhanya imizuzu embalwa bese uyabheka ukuthi iyakwazi yini ukuba iphinde idume
Yihlole emgwaqweni
Yithathe uyoyihlola emgwaqweni nasendaweni ekhuphukelayo, emgwaqweni onamabhampu nasendaweni evulekile lapho ongadonsa ngaphezu kuka-80km/h.
BRAKES: Hlola amabhuleki. Uma kufanele ubambe ibhuleki ngokucindezela i-pedal isikhathi eside, imoto ikhombise ukudansa noma kuzwakale umsindo wokugudlana okuthile - kufanele alungiswe ngokushesha.
ODD NOISES: Lalela umsindo ongajwayelekile. Umsindo osemasondweni angaphambili kungenzeka udalwe yizinkinga estelingini nakwi-suspension.
Umsindo lapho ushintsha amagiya nokuba igiya lihlale liziphumela egiyeni uma ususa unyawo lwakho kwi-accelerator - kusho ukuthi kukhona okonakele ku-gearbox.
GEARS: Uma uyijaha noma yingaliphi igiya, ukugudlana kwezinsimbi okuzwakalayo kusho ukuthi udinga ukukhanda okuzodla imali eshisiwe.
AXLE: Yenyusa ijubane ufinyelele ku-65km/h ngegiya eliphezulu. Ukukhala komsindo kwi-axle engemumva emotweni eyi-front-wheel drive - kungasho ukulimala kwi-transmission.
BEARINGS: Ifake ku-neutral ihamba ngo-50km/h bese uyilalela. Uma uyizwa inswininiza, kungenzeka ukuthi konakele kuma-wheel bearings.
STEERING: Ngo-50km/h emgwaqweni oqondile onommango owenyuka kancane, bamba isitelingi ngokukhululeka. Uma kukhona ukuqhaqhazela kwesitelingi, lokho kungasho ukudingeka kwe-wheel balancing noma i-aligning, noma kuzodingeka ukuba ukhande isitelingi.
CLUTCH: Misa imoto ngesikhathi ibheke phezulu endaweni ephakeme kodwa ibe iduma. Faka i-handbrake, uyiyeke isegiyeni. Uma injini icisha, thola i-clutch entsha.
Okubalulekile
Ngaphambi kokuthenga imoto eyisekeni, kubalulekile ukuba ihlolwe wumuntu ozimele. Abakwa-AA babiza abangamalungu bese benza umbiko obhalwe phansi. Uma unokungabaza ngaleyo moto, iyeke uyobheka enye kwenye indawo.[z]
BONA ZULU - February 2008
indaba INKOSAZANE SITHOLE
Akudingeki uze ube ngumakhenikha onguchwepheshe ukuze uqinisekise ukungaqolwa uma uthenga imoto. Ngaphambi kokuba uqede leso sivumelwano, ihlole ngalezi zindlela ezilula...
BONA ZULU - February 2008
