ZULU.602.yourman_sport
OSHAMPENI BETHU
OSAZIWAYO BEZEMIDLALO
Njengoba unyaka usuphela uBONA usibhekela izihlabani zezemidlalo
ezenze kangcono onyakeni ka-2009
(uShampeni woMhlaba ku-800m)
Le ntokazi eneminyaka engu-18 eliqhamukisa eLimpopo ingumgijimi wakuleli okuthokozisile ukumbuka kule minyaka. Phezu kwendida yodaba oluthinta ubulili bakhe, wagijima isikhathi esishesha kakhulu wabashiya bonke eBerlin emqhudelwaneni we-IAAF nokuyilapho athola indondo yegolide.
(umdlali wasesiswini we-Everton neBafana Bafana)
Lo mdlali obuye aziwe ngelikaSchilo usedlale kwi-Everton kusukela ngo-2007, kanti emqhudelwaneni we-2009 Confederations Cup wakhombisa abaningi ukuthi ungumdlali osezingeni lomhlaba.
Ungomunye wabadlali basesiswini bakuleli abahlonishwayo hhayi nje kuphela abadlali bamanye amaqembu kodwa uhlonishwa ngisho nayiFIFA. Wayeyisimenwa esiqavile kwi-2010 World Cup European Qualifiers Play Off.
(ngumgadli weLamontville Golden Arrows neBafana Bafana) Lo mdlali useshaye amagoli angengaphansi kuka-22 kanti wawina umklomelo womshayimagoli ovelele (Top Goal Scorer) ngesizini ka-2008/2009. Lo mdlali owaziwa ngeleKimberley Express akalibheki ipali nokuyinto eyamenza wathatha iso lowayengumqeqeshi weBafana uJoel Santana.
(umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates neBafana)
Lo mdlali udume ngelika ‘General’ ngekhono lakhe lokukwazi ukushintsha umdlalo nokuyinto eyasiza iPirates yaqeda iligi ilele isibili ngesizini eyedlule.
Okungabanga kuhle wukuthi akakwazanga ukuba khona emidlalweni yobungani yeBafana yamazwe omhlaba. Ngisho nasezingeni lamaqembu ebhola lo mdlali owawina waba yiSupporters’ Player Of The Year ngokuqokwa abalandeli, kubukeka kungamhambeli kahle okwesikhashana.
(uShampeni woMhlaba ku-800m)
Emva kokuwina indondo yakhe yokuqala yegolide emqhudelwaneni we-IAAF World Athletics ngo-August 2009, lo msubathi waseLimpopo waba ngumsubathi wakuleli wokuqala ukukleliswa abe ngowokuqala emhlabeni.
(unozinti weKaizer Chiefs neBafana)
Lo mdlali ukhombisa okukhulu ukuzethemba nosekumenze waba ngomunye wonozinti abaphambili besikhathi sethu. Nakuba ebe nenkinga yokuhaqwa wukulimala ngasekupheleni kwesizini edlule, kodwa nguye unozinti osahamba phambili kuleli.
(ushampeni womhlaba owawina indondo yesiliva)
NgoJuly kulo nyaka wephula irekhodi elisha lase-Africa kwi-long jump eMadrid emqhudelwaneni we-IAAF Super Grand Prix. Wagxuma ibanga elingu-8,46m wephula irekhodi elaliphethwe nguCheikh Toure waseSenegal.
(umdlali wamaSharks neSpringbok)
Umdlali ongowokuzalwa eZimbabwe waba nesizini enhle kakhulu emqhudelwaneni weSuper 14 kanye namaSharks. Lokhu kwaba nomthelela wokuba abizelwe kumaSpringbok.
Ngesikhathi semidlalo neBrithani kanye ne-Irish
Lions ngoJune, lo mdlali odume ngo “The Beast”
waba nelikhulu igalelo empumelelweni yamaSpringbok wakhombisa umhlaba ukuthi ungumdlali onekhono.
(umdlali wasesiswini kwiKaizer Chiefs neBafana)
Lesi sihlabani seChiefs siyisikhali esiyimfihlo seBafana. Kuthi lapho yonke imizamo isihlulekile uTshabalala angene awushintshe umdlalo akhe namathuba okufaka amagoli.
(wawina i-2009 Comrades
Marathon)
Lo mjaho
uthathwa
njengonzima
kakhulu
emhlabeni, kanti lo mgijimi ongowokuzalwa eZimbabwe
uMuzhingi (33) waqeda elele isibili ngesikhathi esisheshayo emlandweni weComrades.[z]
Indaba: Gabriel Sithole
Izithombe: Gallo
