zulu.59.careers
Ezemisebenzi
BONA ZULU - June 2006
indaba nguGRACE KHUZWAYO
izithombe nguBRETT FLORENS
Ngabe ufuna ukusiza
abantu"
Yiba ngumhle-ngikazi!
Ngeke
uwuswele umsebenzi!
Umsebenzi wobuhlengikazi
NGO-MAY 12 kwakugujwa iNational Nurses Day. Ngenxa yalokho, abakwaBONA bachitha usuku nabahlenga iziguli ababili abasebenza eNetcare Umhlanga Hospital eKZN ngenhloso yokuthola okuningi ngalo msebenzi...
Udaba lukaBrian
Abantu bayamangala uma bezwa ukuthi uBrian Khambule uyi-male nurse.
Le nsizwa eyondlekile kungayifanela ukudlala i-rugby kunokusebenza esibhedlela!
Kodwa uma usuyibona isiza iziguli zayo ezincane, kuyakukhanyela ukuthi yadalelwa lo msebenzi.
U-Brian usesebenze njenge-male nurse ewodini yezingane kusukela ngo-2003. "Ngangifuna ukuba ngudokotela kodwa ngaba nenkinga yemali yokukhokha enyuvesi," kusho yena.
"Emva kokuqeqeshwa njenge- nursing assistant, ngajoyina iNetcare kwathi lapho sengiqhube izifundo zami ngaba yi-male nurse.
Umsebenzi kaBrian ubandakanya ukunika iziguli imithi, ukudla, ukujova iziguli, alungise imibhede asize odokotela nabahlengikazi.
Okumqoka kakhulu ngomsebenzi kaBrian, wukududuza izingane ezisuke zisezinhlungwini.
Yize noma zike zibe khona izikhathi ezinzima njengokudlula komntwana emhlabeni, zikhona nezimnandi njengokululama komntwana obegula kakhulu.
"Kungiphatha kahle ukusindisa umphefumulo wengane. Yilokho okudingeka emsebenzini wokuhlenga iziguli," kusho uBrian.
Udaba lukaPearl
U-Sister Pearl Mdluli usebenza ophikweni lwabalimele lapho abahlengikazi behlala bematasa khona besiza iziguli ezifika ngama-ambulensi.
Kuyenzeka uPearl asize ingane ekhwehlelayo noma abadutshuliwe nabalimale ezingozini ezihlukahlukene.
"Kwakuyisifiso sami ukusiza iziguli ezilimele kanti ngathokoza kakhulu mhla kuvela isikhala salo msebenzi," kusho uPearl owaphasa ngo-2003.
Abasebenzi baphatheka kabi uma sekudingeka ukuba baduduze izihlobo zeziguli.
Izifundo zobuhlengikazi
Ziyizigaba ezintathu:
lEsokuqala: Enrolled nursing auxiliary (ENA) noma i-nursing assistant. Sithatha unyaka owodwa.
lEsesibili: Ese-enrolled nurse noma sama-staff nurse - sithatha iminyaka emibili.
lEsesithathu: EsamaProfessional Nurse noma oSister - sithatha iminyaka emine.
I-professional nurse isuke iqeqeshwe kwezobuhlengikazi, ukubelethisa, kwezengqondo nasekusebenzeleni umphakathi.
Uma usunazo izitifiketi zokuqala ezidingekayo, ungakhetha ukuthi yiziphi iziguli othanda ukusebenza nazo. Kungaba yizingane, abadala noma abalimele nokunye. Kumele ube no-matric uma uzokwenza izifundo zeminyaka emine, ube noGrade 10 uma wenza ezisheshe ziphele.
Asebeqedile esikoleni abanezifundo ezinjenge-biology, science ne-maths basethubeni elihle lokufundela lo msebenzi.
Amathuba omsebenzi
Ukushoda kwabahlengikazi kuleli nasemazweni amaningi phesheya kwenza kube wubuhlakani ukukhetha umsebenzi wobuhlengikazi.
"Ukufundela ubuhlengikazi kuvula amathuba omsebenzi amaningi emhlabeni kanti ngeke uwuswele umsebenzi," kusho u-Eileen Brannigan, ongumqondisi kazwelonke kwezobuhlengikazi kwaNetcare.
Kodwa kukhona isixwayiso anaso. "Umsebenzi wokuhlenga iziguli awusibo ubukhazikhazi esibubona kwiTV.
"Kuyajulukwa kulo msebenzi kanti njengoba kwenzeka nakweminye, kukhona okungemnandi ngawo - udinga uthando, ukunakekela, ukusiza nokwelapha ukuze uzibone kahle izithelo zawo."
Imali ongayihola
Kuya ngohlobo nobukhulu besibhedlela. Umuntu oyi-enrolled nursing assistant uvame ukuhola phakathi kuka-R3 500 no-R5 000 ngenyanga kanti i-enrolled nurse ihola u-R4 500 no-R7 000.
Umhlengikazi orejistiwe uhola u-R6 800, kuye ku-R17 000 nokuyinto encika esikhundleni anaso.
Indawo yokuqeqeshwa
Ungaqeqeshwa emakolishi okufundela ubuhlengikazi kahulumeni noma azimele kanye nasemanyuvesi. Ukuqeqeshwa kubandakanya ukwenza umsebenzi wezandla esibhedlela.
Izikhungo zokufundela ubuhlengikazi kumele zirejistwe kwiSouth African Nursing Council (SANC) kanti abafundi balulekwa ngokuthi abaxhumane nalo mkhandlu ngaphambi kokwenza izifundo. Kukhona izikhungo ezisebenza ngokungemthetho kanti izitifiketi ezitholakala kulezo zikhungo azigunyazwa.
Ungaxhumana neSANC ku- 012-420-1000. Ungaya nakwi-website yabo ethi: www.sanc.co.za ukuze uthole eminye imininingwane. [z]
KWESO-BUNXELE: U-Brian Khambule ubalwa kwabesilisa abangama-male nurse.
NGEZANSI:U-Pearl Mdluli kuyenzeka asize ingane ekhwehlelayo noma aba-dutshuliwe...
BONA ZULU - June 2006
