zulu.593.jeff
INKINGA: Ngesikhathi ngijoyina umbutho wabeSANDF, ngacela umngani wami ukuba angifunele umuntu ozothenga isithuthuthu sami. Ngamnika amaphepha aso nelayisensi. Sathengwa nganikeza umngani wami imali yokumbonga.
Emva kwalokho owasithenga wangibopha ekhala ngokuthi owamdayisela isithuthuthu wathi kwakungesika-2002 wangasho ukuthi esika-1999.
Icala langilahla kwadingeka ukuba ngikhokhe inhlawulo ka-R2 300 nezindleko zecala.
Angingabazi ukuthi umngani wami akamtshelanga iqiniso umthengi. Ngifuna ukuba ayikhokhe le mali okwadingeka ukuba ngiyikhokhe ngaleli cala umngani wami abuyise naleyo engambonga ngayo. Ngabe ngingamvulela icala"
ISELULEKO SOFEZELA:
Ngokomthetho, kusobala ukuthi waqoka umngani wakho njengomuntu ozokudayisela isithuthuthu sakho.
Njengoba umngani wakho athi isithuthuthu esika-2002 kumthengi, kusho ukuthi wayeqamba amanga.
Uma uthola ikhophi yerekhodi lecala owavulelwa lona, njengoba kufanele ukuba kube njalo, kuzocaca ebufakazini obabuchitha wena ukuthi awumgunyazanga umdayisi ukuba akhulume amanga nokuthi wawungazi ukuthi ngeke asidayise ngokwethembeka isithuthuthu sakho.
Kuzobuye kucace nokuthi umthengi wazitshela ukuthi umdayisi umtshela iqiniso.
Uma usumvulela icala uzokwazi ukukhipha ubufakazi bokuthi akwenza wakwenza enolwazi lokuthi kungamanga kanti ngenxa yalokho umthengi wabona kungcono ukuba aluyise enkantolo lolu daba.
Kufanele ubuye ube nekhophi yencwadi owavulelwa ngayo icala ozoyethula enkantolo ukuze ube nobufakazi bezindleko okwadingeka ukuba uzikhokhe. Uma wasebenzisa ummeli ngesikhathi secala, kuzodingeka ukuba umngani wakho akhokhe nalezo zindleko owazikhokhela lowo mmeli.
Thola ikhophi yezindleko zommeli egunyaziwe noma umcele ukuba azofakaza ngemali owamkhokhela yona.
Uzomdinga ummeli kuleli cala. Uma akugculisa owamsebenzisa ecaleni lokuqala, cela ukuba akumele nakuleli. Kodwa uma unenkinga yokumthola sicela uxhumane nehhovisi loFezela eliseduze nawe ukuze sikusize sikutholele ozokumela.[z]
Umngani ongenaqiniso
BONA ZULU - July 2007
uthini umthetho
ESITHOMBENI KULINGISIWE
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
Nethulelwa wuBONA naboPhiko loFezela
UJEFF MOLOI, umculi" Mhlawumbe. Ungamthola elolonga iphimbo lakhe kwiLive And Switched On, okuluhlelo lwasekuseni kwiKaya FM. Kanti kukhona futhi labo abathi abamele izinkampani zokuqopha kumele baqaqe ama-cheque book abo.
Kulokho le nsizwa ivele ibahleke labo bantu ithi basuke beziculela nje okungasho lutho.
"Ngesikhathi ngisese-primary school ngangicabanga ukuthi ngingacula, kodwa ngaxoshwa ekhwayeni ngoba umbhidi wayengibona ngimfishane."
Empeleni umbhidi wayefuna abafana abade abazokwazi ukuba babonakale. Wayengabathandisisi abesilisa abaculayo abafushane ngoba babezosithwa amantombazane acula i-soprano ne-alto phambili.
UJeff Moloi uthi leli akusilo igama lakhe.
"UJeff Moloi yigama engazisungulela lona ukwehlukanisa phakathi komsebenzi wami njengoDJ nokuba wuthisha. Manje wonke umuntu ungibiza ngoJeff."
Wazalwa enguTebogo Mohlomi. Emini wayenguthisha wesikole eMthatha, ebusuku engu-DJ ethula futhi ezanamuhla nezemidlalo esiteshini esincane somsakazo.
"UTebogo Mohlomi kwakuyigama elinzima ukulisho njengoba kwakungelesiSuthu endaweni yabangamaXhosa. Ukuthi Jeff Moloi kwakumnandi kulula ukukusho."
Waphinde wakhetha igama lokuhlonipha owayengumdlali wasesiswini nowayengumqeqeshi wamaBhakabhaka uTebogo Moloi.
Ngaphandle kweminyaka ayichitha efundela ubuthishela, uJeff wayazi ukuthi ikusasa lakhe lilele ekusakazeni.
Nakuba iphupho lakhe lafezeka emva kwesikhathi eside, uJeff ubazisa kakhulu labo abasemkhakheni wezokufundisa.
"Izindlu zokufundisa ezigcwele ngokweqile zazicasula," kusho yena. "Kwakunezingane ezingaphezu kwezingu-80 kwelinye lamakilasi engangiwafundisa.
"Ngangineminyaka engu-21 ngesikhathi ngiqala kanti ngangifundisa abafundi ababebadala kunami abanye babo beshadile. Babenginika okukhulu ubunzima ngoba babengathandi ukuthatha imiyalelo kumuntu omncane kunabo."
UJeff uthi njengoba esebenza emsakazweni ubahlonipha kakhulu oDJ bomculo ngoba yibo abanakwa kakhulu amantombazane.[z]
O-DJ bomculo bathola wonke amanto-mbazane!
indaba nguFORCE KHASHANE izithombe nguPAPI MORAKE
Sinethulela uJeff Moloi "ungqo"...
BONA ZULU - July 2007
Uyezwakala ecula
KWESOBUNXELE: UJeff eziphumulele ekhaya lakhe.
NGENHLA: UJeff nemoto yakhe ayithandayo naziqhenyayo ngayo.
