zulu.588.stars
BONA ZULU – February 2008
izinkanyezi zakho
ARIES
(Mar 21 – Apr 20)
Cabanga kahle ngofuna ukukwenza empilweni uhlele ngokucophelela. Ungaphumelela uma okwenzayo ukwenza ngokuzinikela. Awusenzi ngani isifundo esithile esizokwenza ukuba uthole imali engcono kunalena oyitholayo uhlale ngokunethezeka?
TAURUS
(Apr 21 – May 20)
Kuvunguza umoya omuhle emndenini kanti yisikhathi sokuhlalisana ngentokozo lesi. Yiba yisibonelo esihle uma ufuna ukuba kube khona abazobambisana nawe ezinhlelweni ozenzile. Bonga abakusizayo.
GEMINI
(May 21 – Jun 21)
Yisikhathi sokuba matasa empilweni kanti futhi unethuba elanele lokwenza izinto ongaba namandla okuzenza uthole nabangani abasha. Uma kukhona othandana naye, mhloniphe umnike indawo yakhe.
CANCER
(Jun 22 – Jul 22)
Yisikhathi sokulawula impilo yakho njengoba sekukhanya ukuthi ubhekephi. Zinikele uzimisele ukuze uphumelele.
LEO
(Jul 23 – Aug 23)
Ezemidlalo nezokungcebeleka zisemqoka empilweni yakho kanti uzothola abangani abasha nenze izinto ezintsha. Akukho okuzokukhathaza.
VIRGO
(Aug 24 – Sep 22)
Yisikhathi sokuzivuselela lesi. Funda ngamaphutha owenzile uthathe izinqumo ngezinhloso zakho zakusasa. Phuma uhlanganyele nabantu uzithokozise nabangani.
LIBRA
(Sep 23 – Oct 22)
Bheka izinhlelo ezizothatha isikhathi eside uzibekele imigomo ephathekayo kulo nyaka. Landela amaphupho akho uma kukhulunywa ngokuthatha izinyathelo ezinqala. Qaphela ungenzi izinto ngamawala.
SCORPIO
(Oct 23 – Nov 22)
Gxila ekuqhakambiseni ikhono lakho emsebenzini uma uhlose ukukhushulelwa kwesinye isikhundla noma ukuthola ibhonasi. Ungakhohlwa wukuthatha ikhefu uphumule nabangani.
SAGITTARIUS
(Nov 23 – Dec 21)
Ungakwazi ukwenza izinto ezintsha empilweni. Yakha ubudlelwane nabantu abakukhuthazayo ngokomqondo nangokomphefumulo.
CAPRICORN
(Dec 22 – Jan 20)
Khohlwa yizinto eziseceleni! Uzothola umvuzo ngokugxila ezidingweni zempilo yakho. Gwema abantu abakwethwesa imithwalo engaphezu kwamandla akho.
PISCES
(Feb 20 – Mar 20)
Bheka amathuba okwenza izivumelwano ezinhle kwezamabhizinisi. Unomqondo okhaliphile ngakwezezimali. Ungakwazi ukusebenzisa amathuba okungenisa imali.[z]
AQUARIUS
(Jan 21 – Feb 19)
NKOSAZANA DLAMINI-ZUMA
(JANUARY 27, 1949)
UKUPHATHELENI UNYAKA
Unomfutho wokuqhubekela phambili emsebenzini owenzayo kanti uyakwazi ukubhekana nezinselelo. Kuzokuphatha kahle ukwazi ukuthi ikusasa likuphathele izinto ezinhle. Uzothola ulwazi olumqoka nethuba lokuqhakambisa ikhono lakho. Usulungele ukubhekana nezinguquko ezenzeka empilweni yakho nasebhizinisi uma unalo, ziningi izinto ezintsha ezinhle okumele ulindele ukuzithola empilweni. Kuhamba kahle kwezithinta umndeni wakho ngoba ukwazile ukwakha ubudlelwane obuhle kuzo zonke izizukulwane zomndeni wakho. Uzogculiseka ngakwezothando impilo yakho yonke ibe mnandi. Uzovakasha, ube nama-interviews nemihlangano ezoba yimpumelelo.
