zulu.585.petrol
Uphethiloli noma
u-diesel?
NGESIKHATHI abazali bethu besebasha, izimoto zika-diesel - lezo ezazimbalwa zikhona zazikhipha intuthu emangalisayo futhi zingenawo amandla. Kwakuthi lapho zidinga ukufakwa u-diesel, ziyoklela namaloli amakhulu egalaji lapho kunendawo yokufaka u-diesel.
Namuhla izimoto zika-diesel zehluke kakhulu ngenxa yokuthuthuka kwezobuchwepheshe. Azisathunqisi intuthu kanti futhi zisebenza kahle kakhulu.
AmaBMW angama-530d, ukwenza isibonelo, afinyelela ku-100km/h ngemizuzwana eyisishiyagalombili kanti asebenzisa ngaphansi kwamalitha ayisishiyagalombili ngamakhilomitha angu-100 ewahambile.
Ngakolunye uhlangothi lwezomnotho, iGetz yeHyundai ine-1,5-litre turbodiesel esebenzisa cishe amalitha angu-5,5 ngamakhilomitha angu-100.
Kunezinto ezimbalwa okudingeka ukuba uzibheke ngaphambi kokuba uyothenga imoto ka-diesel...
INANI LEMOTO: I-Hyundai Getz 1,5 turbodiesel ithengisa ngo-R150 000, ekubeni eyohlobo olufanayo eyi-1,4 litre esebenzisa uphethiloli ingaphansi kwalena ngemali engu-R25 000.
Mncane kakhulu umehluko osekusebenzeni kwazo kanti nokudleka kuka-diesel kungcono kangangoba ungathenga uphethiloli omningi ngale mali engu-R25 000 ongayonga ngemali yemoto.
Lokhu kusiletha ekutheni...
INANI AMAFUTHA: U-diesel utholakala ngamanani aphansi kunalawo kaphethiloli, namuhla eSouth Africa u-diesel ubiza kakhulu.
EThekwini ngesikhathi ngibhala le ndaba, uphethiloli ububiza R7,40 ilitha ekubeni u-diesel ububiza R7,46 - kanti u-diesel ocoliseke kakhulu osetshenziswa ezimotweni ezinezinjini ezi-turbocharged wona ubiza ngaphezu kwalokho.
Ithange eligcwele kwiGetz ka-diesel lingakuhambisa amakhilomitha angu-818 likubize R335.70 noma cishe 41c ngekhilomitha.
Ithange likaphethiloli elingu-45-litre lona lingadinga ukuba uphinde uligcwalise emva kwamakhilomitha angu-562, likudle cishe R333 noma 59c ngekhilomitha.
Ake sithi ngenyanga uhamba cishe amakhilomitha angu-2 000 noma angu-24 000 ngonyaka, kuzokuthatha cishe iminyaka engaphezu kweyisishiyagalombili ukuphinde uthole le mali engu-R25 000 ethe xaxa owayikhokha ukuthenga imoto ka-diesel.
Ochwepheshe bayavumelana ngokuthi izimoto zika-diesel ziwumqondo omuhle kakhulu.
Okuhle ngazo
Izinjini zika-diesel uma ziphathwe kahle zingaphila isikhathi eside kunalezo ezifana nazo ezisebenzisa uphethiloli ngamaphesenti angu-100.
Nakuba zingagijimi kakhulu kunalezo ezisebenzisa uphethiloli noma zingenawo amandla amakhulu, ezingama-turbodiesel zinamandla amakhulu kangangoba zingehla endaweni eyehlelayo ngaphandle kwesidingo sokushintsha igiya.
Ziyakwazi futhi ukuba zidonse ezinye.
Ngoba azinawo ama-spark plugs noma i-electronic ignition system, ngaleyo ndlela azinazo izinkinga zama-ignition nokugqamuka komlilo kanti futhi azinazo izinkinga zokuxhelwa amanzi ngesikhathi sezimvula ezinamandla noma ngesikhathi zinqamula umfula.
Lokhu kuhle kakhulu kubathengi bama-4x4 kodwa kwabanye bethu abaningi akunjalo.
Izindaba ezimbi ngezithi kuthi lapho kukhona okungahambi kahle ezimotweni zika-diesel, kubize kakhulu ukuzikhanda. Ngakhoke kufanele zinakekelwe ngokuyikho.
Ukuthenga
MAKE sithi usucabangile ukuthi ufuna ukuthenga imoto ka-diesel.
U-Andre Oelofse uyimenenja yakwaTransUnion kwezokukalwa kwenani, nokuyinkampani ekhiqiza incwadi i-Mead & McGrouther emayelana nokubiza kwezimoto ezingamasekeni.
Uthe ezinye izimoto zika-diesel zinamanani akahle, kanti ezinye akunjalo - zingatholakala ngemali ephansi kunezifana nazo ezisebenzisa uphethiloli.
"Kuncika ekutheni leyo moto iluhlobo luni, eyayiphi i-model, nemakethe ethengisa kuyona," kusho yena.
"Okunye yisimo ekuso nebanga esilihambile. Uma ufuna imoto mhlawumbe esiyenze cishe 200 000km ubokwazi ukuthi sekuyisikhathi sokuba ushintshe izinto ezifana nama-injectors nokuyinto engadla ephaketheni.
Enye into mhlawumbe enqenisa abaningi ukuba bathenge izimoto zika-diesel, wukuthi izinga lika-diesel eSA belisemumva kunelamazwe omhlaba.
Ngenxa yezinga eliphezulu le-sulphur ku-diesel wethu, uwoyela ushintsha njalo kumakhilomitha angu-5 000.
AbakwaToyota SA, benqaba ukuletha izimoto zika-diesel lapha eSA ngaphambi kukaJanuary 2007 - njengoba isishaya-mthetho sagcizelela ukuthi izimboni eziphehlayo zehlise izinga le-sulphur ku-diesel liye lifinyelele emazingeni amukelekayo.
Uma uthenga imoto ka-diesel eyisekeni, bhekisisa ibhuku lomlando we-service uqiniseke ukuthi ukushintshwa kwamafutha yinto eyayenziwa ngendlela yabenzi balolo hlobo lwemoto - ngaphandle kwalokho, uthenga izinkinga.[z]
BONA ZULU - April 2008
Lona yiwona mbuzo abantu bakuleli abazibuza wona njengoba izimoto zika-diesel ziya ziba sesitayeleni. Kodwa izinto azilula njengoba zibukeka...
IZELULEKOZABATHENGI
indaba nesithombe nguGAVIN FOSTER
Uma kuphuke okuthile emotweni ka-diesel, kuyabiza ukukukhanda
OKUHLE:
Iwudla kancane uphethiloli.
Injini inempilo ende uma inakekelwa ngokuyikho.
Akukho okudala ukuvutha komlilo.
Ayisheshi ingene ejubaneni.
Ilungele noma yisiphi isimo.
OKUNGEKUHLE:
Ngeke uzithole izindleko ozichitha ngemali kaphethiloli.
U-diesel awusabizi kancane kunophethiloli.
Ukusevisa kubaluleke kakhulu.
Kubiza kakhulu ukukhanda.
Ayisheshi njengekaphethiloli.
Zinomsindo ngaphezu
kwezikaphethiloli.
BONA ZULU - April 2008
Umakhenikha uWim Masikane ukhetha u-diesel ngoba awubizi kunophethiloli futhi uhlala isikhathi eside.
