zulu.582.erectile
Ayivuke
IKHIPHE UMSEBENZI
UKUNGAVUKELWA noma ukungami kwenduku, akusiyo inkinga ekhathaza abesilisa abadala kuphela. Futhi akusiyo inkinga ehlanganisa ubudoda bakho. Ukungami kwenduku kuphatha cishe izingxenye ezintathu zabesilisa emhlabeni jikelele.
'Ukuvuka komfana' kuyizikhawu ezimbili - kuncike emzimbeni nasemqondweni. Okomzimba kubandakanya ukuhamba kwegazi esithweni sowesilisa sangasese, lisenze siqine. Kodwa kuningi futhi okungenza ukuba lokhu kungasebenzi kahle - kusukela ezintweni eziluchunge ezifana nokuphuza utshwala okukwenza ngezinye izikhathi ungavukelwa (nguwe okufanele uzisole kulokhu, kuye kufinyelele kweminye imithi yokwelapha noma ezinye izinkinga zezempilo nokuchaza ukuthi unobunzima obuqhubekayo.
U-70% wabanalesi sifo banezinto ezisidalayo - okuyizimpawu zezinkinga zezempilo, kusho kwexwayisa uDkt Shingai Mutambirwa, onguchwepheshe waseSoweto wezifo eziphathelene nomchamo osehlole abaningi besilisa beminyaka eko-20.
"Abathathu kwabesilisa abane abanoshukela bazithola bebhekene nenkinga yokungavukelwa," kusho yena.
Ukungavuki kwenduku kumatanyiswa kakhulu nezinga eliphezulu le-cholesterol kanye ne-high blood pressure ephezulu - nokuyisimo esihlasela konke okusondelene nokuhamba kwegazi okubalulekile!
Nakhu okuphathelene nomqondo... i-stress esihamba phambili ekudaleni le nkinga nokuyinto eyenza ukuthi ochwepheshe abafana noProf Raymond Rosen nabanye bezinhlelo zezocansi bathi, uma unale nkinga futhi uyisukumela, uyindoda yangempela.
Ukuba ne-stress noma kwenza kube nzima ukuba uvukelwe - ngisho nabesilisa abasebasha imbala.
"Uhlale ukhathazekile, udiniwe ungenamandla - kusho uRosen.
Ukusola uphathini wakho noma ukufuna omunye yizinto ezingeke nakancane zikusize, kodwa kunalokho, lokhu kuzoyiqhubela phambili le nkinga.
Umuthi ngeke futhi ukusize. Ekuqaleni kungabukeka uphumelela - nokuyinto engancika ekukholweni kwakho ukuthi uzosizakala yini. Lokhu kwenzeka ngisho ngabe imithi ihlolwe yizinkampani ezenza imithi yokwelapha.
Futhi khumbula, ngokusho kukaRosen, "ukusebenzisa izinto zokwelapha ezingasebenzi kungenza lesi simo sedlulele kunokungenzi lutho."
Okuhle wukuthi lesi ngesinye sezifo eziyizinkinga ezelapheka kalula. Udinga nje isibindi sokuba uvakashele udokotela wakho ucele usizo.[z]
Indaba: Patricia McCracken
Ngeminye imininingwane xhumana nabeSA Sexual Health Association: ucingo: 0860-100-262: www.sexualhealth.co.za
BONA ZULU December 2008
Ngaphambi kokuba uyisebenzise, kufanele ime - nokuyilapho izinkinga ziqala khona, kodwa le nkinga yokungavukelwa inganqotshwa...
EZEMPILO
Ukusebenzisa izinto zokwelapha ezingasebenzi kahle kungayenza le nkinga yedlulele kunokungenzi lutho
ABANGAKWENZA ABESIMAME
Ungakuzibi lokhu: Kuvamile ukuthi lapho kukhulunywa ngalezi zinkinga abesilisa bashalaze. "Vuleleka wethembe uma ubona sengathi ulahliwe," kusho udokotela onguchwepheshe wezocansi uDkt Bernard Levinson.
Xoxani ngale nkinga nokwelashwa kwayo: Ubuhlungu obuba semqondweni obudalwa yilesi sifo bungakuhlukumeza.
Ungazigxeki: Ukuzigxeka, kungakwenza ukuba le nkinga iqhubekele phambili. "Onale nkinga angasizakala uma uphathini wakhe emsiza ebambisana naye amkhuthaze," kusho uProf Rosen.
Msize athole usizo: "Imithi emiselwe ukusiza kule nkinga ayenzi umuntu axegelwe yisimilo noma athole iHIV," kusho uRosen. "Izithandani ezingabambisene, ziyaqhelelana," kuphawula yena.
Kungakhoke omunye umuthi walesi simo kuthiwa ngu "vusumuzi," kusho uDkt Jackie Gumede.
