zulu.580.lettsfeb
Ewine
Umbuzo osemqoka
BONKE abazali babhekene nenselelo yokuphendula lo mbuzo osemqoka - "Ingakanani inkululeko okumele ngiyinike ingane yami""
Umuntu omusha angazizwa engakhululekile abe nodlame uma eshayelwa imithetho. Ngakolunye uhlangothi, ingane ingabazonda abazali bayo uma beyiyeka izenzele umathanda lokho ikubone kuwuphawu lokuthi abanandaba nayo.
Izithombo ezihlala zichelelwa azikwazi ukubekezelela isomiso noma ukushisa isikhathi eside uma zingasachelelwa. Kodwa uma zithola amanzi, zingakwazi ukuhlala isikhathi ngisho noma sezingasawatholi.
Uma zingawatholi amanzi, izimpande zazo zingena zishone enhlabathini ukuze zithole umswakama. Ngaleyo ndlela ziyaqina kunezinye izitshalo.
Izingane zidinga ukukhuliswa ngendlela efanayo. Uma zikhule zingashayelwa mthetho ngokubuka iTV ziyekwa zizenzele umathanda zingachazelwa ngendlela ekahle yokuziphatha, zizozithola zisenkingeni.
Zingabukeka zingenankinga uma zisakhula kodwa kuthi lapho seziqala ukuhlangabezana nezinkinga empilweni, zehluleke ukuzibekezelela.
Emva kwalokho, kungaba lula ukuthi zizifake ezenzweni zobugebengu noma zenze okunye okungalungile...
Yintsha ekhule abazali bayo beyinika iziyalo eziyizo eyokwazi ukubekezela ngisho noma izinto sezingasahambi kahle empilweni. Iyokwazi ukwenza izinto ezinomqondo nezihlelekile ngoba iyobe ithole isisekelo esiyiso.
Uzolibulala ikusasa lezingane zakho uma uzikhulisa ngokuzitotosa.
Keko Moshoeshoe, Matatiele
Ngikhathazekile ngemigwaqo yethu
Ngicela abaseSouth Africa benze konke okusemandleni ukuze imigwaqo yethu iphephe.
Masingabukisi kubangani bethu ngokushayela ngesivinini esikhulu. Kungcono ukufika emva kwesikhathi lapho uya khona kunokungafiki nhlobo.
Ungashayeli uma uphuzile. Ungalayishi ngokweqile. Qaphela ubekezele.
Nicholas Mavumengwana, Cape Town
Fundani
Uyophumelela uma ufundile. Yimfundo kuphela eyokuvulela iminyango. Yimfundo eyosimamisa leli lizwe.
Sonke singayithola imfundo engcono uma sibekezela, sizithiba sisebenza ngokuzikhandla.
ALM, Durban
Ngabe yikhambi leli"
Xazululani inkinga yokwentuleka kwemisebenzi ngokwehlisa iminyaka yokuthatha umhlalaphansi. Imisebenzi izokwanda uma abantu bethatha umhlalaphansi beneminyaka engu-50!
Victor Mabena, Joubert Park
Zethembe!
Ungabaniki abantu igunya lokukubukela phansi. Yiba nogqozi lokuqhubekela phambili ungavumi ukudikibaliswa osekwadlula. Ungalilahli ithemba futhi khumbula ukuthi indlela eya empumelelweni ayinqamuleli.
Isaac Tema, Birchleigh North
Ukufeyila kusengqondweni
Umuntu okhaliphile yilowo okwazi ukuxazulula izinkinga, ahlanganise imibuzo nezimpendulo ukuze kuphume imiphumela. Sonke singakhalipha. Ngesikhathi abanye bekhala bethi imisebenzi abayitholi, abakhaliphile bavuka bazithathe babheke abangaziphilisa ngako. Iziwula ziziphilisa ngobugebengu; abakhaliphile bahlala phansi badle amathambo engqondo ngabangakwenza ukuze baphume endlaleni. Ngokukhalipha uyokwazi ukunqoba lonke usizi.
Charles Khoza, Namakgale
Abukhokheli
Ngelinye ilanga ngabanjwa ngintshontsha esitolo. Angizange ngikukholwe okwenzeka kimina ngaleso sikhathi. Ngangithi ngeke ngibanjwe. Ngacabanga ngokuthi abazali bami bazothini uma bezwa ngengikwenzile.
Masiziphathe kahle singenzi esizozisola ngako.
Ubugebengu abukhokheli. Uma abangani beyisibonelo esibi, ungahlali nabo.
Ngeke uzithole usesimweni engazithola ngikuso uma uthatha iseluleko sami.
Nhlanhla Maphumulo, Soweto
Abafundi nemibono yabo...
Badla ngezingane zabo
Ngingumfundi okhathazekile ohlala eMhluzi kanti ngineminyaka engu-25. Ngifisa ukuphawula ngamantombazane akhulelwa emancane. Maningi engiwaziyo akhulelwa ngoba efuna ukuthandwa amasoka awo.
Laba bantu besimame kumele bazi ukuthi izingane ziyisipho esivela kuMdali, hhayi ithuluzi lokuthola abakufunayo.
Ngabe bacabanga ukuthi yingane ezokwenza bathandwe"
Uma indoda ingakufuni, ayikufuni nje kwaphela. Ukuzama ukuyibamba ngemali yesondlo kuzokwenza ukuthi ikuzonde kunokuthi ikuthande.
Uma ingafuni ukushada nawe, qhubeka uzomthola ozokuthanda. Ungabulali impilo yakho ngokukhulelwa.
Izingane zidinga uthando. Ungakhulelwa uma unezinye izinhloso!
Natacia Mokomane, Middelburg
Hlonipha umzimba wakho
Ngineminyaka engu-19 kanti indawo engihlala kuyona isenkingeni. Kule ndawo, amantombazane aneminyaka engu-12 no-16 agcwala ema-nightclubs axhashazwe abesilisa abadala ngokocansi.
Amantombazane athola iHIV ngoba engakwazi ukuthi cha emadodeni. Ayakhulelwa angazi nokuthi akhuleliswe ngubani.
Mantombazane, masifunde senze nokunye okunomqondo. Masihloniphe imizimba yethu.
Londolani M, Berea
Makuyekwe eyesondlo!
Uhulumeni makayeke ukukhipha imali yesondlo sabantwana ngoba amantombazane aganga ngayo. Ayakhulelwa emva kwalokho azidlele le mali.
Azozihluphelani ngokufuna umsebenzi uma ethola le mali" Azozihluphelani ngemfundo" Uma efuna ukuthola imali ethe xaxa, ayaphinda akhulelwe.
Enza akuthandayo ngale mali ayizisizi izingane.
PM, Hillbrow
Kusemahlombe abo
Ngakhulelwa ngineminyaka engu-14. Ngaleso sikhathi ngangingazi lutho ngocansi futhi nomndeni wami wawungaxoxi ngalo.
Ngangithandana nomfana owayelingana nami. Wamangala uma ngimtshela ukuthi ngikhulelwe.
Ngangisemncane kakhulu ukuthi ngingathola ingane.
Isoka lami latshela abazali balo nabami ukuthi angikhuleliswanga yilo! Lokho kwawuphula umoya wami ngoba laliqamba amanga.
Ngadumala kodwa ngaphindela esikoleni ngazimisela, manje sengiyasebenza.
Intsha yanamuhla inenhlanhla ngoba sekuyaxoxwa kuboniswane ngezocansi, izifo ezithathelana ngalo, nangokuhlela umndeni.
Mabenze okufanele ngoba konke kusezandleni zabo.
Dorcas Sebatjane, Tembisa [z]
uR100
Izincwadi
Nginguthisha kanti uchunge oluthi "Ziqhenye Ngokuba ngum-Africa" ngalubona luwusizo. Kuyamangaza ukuthola ukuthi luncane kangakanani ulwazi esinalo ngamazwe ase-Africa angomakhelwane bethu.
Nithini ngamazwe omhlaba njengoba lolu chunge seluphelile"
Siyazidinga izinsiza kufundisa zalolu hlobo ezikoleni zethu.
Sydney Lesiba, Mokopane
Nithini
ngawomhlaba"
BONA ZULU - February 2006
Zwakalisa uvo lwakho:
bhalela kuleli kheli: Letters to the Editor, Box 32083, Mobeni, 4060, South Africa
i-fax: 031-912-2720
i-e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
u
t
Kuhle!
BONA ZULU - February 2006
3N
NGITHANDA ukusho ukuthi ngayithanda i "Summer Music Special" (BONA, December). Kwangiphatha kahle ukufunda ngezihlabani zabaculi bethu.
Nizobhala nini ngeFreshly Ground"
AA, Newcastle
# Uthanda ukufunda ngani" Kungaba abadlala kuma-movie nakuma-soapie, izihlabani zezemidlalo nabaculi, kube abalapha nabaphesheya - bhala usitshele.
Izincwadi
Amantombazane
asenkingeni
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike futhi elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
