zulu.1292.stranger
Zethembe,
uvikeleke
Ungaqiniseka kanjani ukuthi ingane yakho ingakwazi ukuzivikela kubantu engabazi abangase bayenze okubi
EKUQALENI kwalo nyaka, izwe lonke lakhungatheka ngokuthunjwa kwengane eneminyaka eyisithupha uMichaela Ganchi owayedlala ekhaya likagogo nomkhulu wakhe e-Eldorado Park, eGoli. Isidumbu sakhe satholwa ngosuku olulandelayo. Umlisa wendawo uRoland Jones (27) waboshwa wabekwa icala lokuthumba, ukudlwengula nokubulala.
Amaphoyisa asanda kunxusa abafana abancane endaweni yaseGermiston ukuba baqaphele emva kokuthunjwa kwezingane ezimbili - eneminyaka engu-11 nengu-16.
Zazingaphandle kwesitolo esidayisa ama-computer games ngesikhathi umlisa oneminyaka eko-20 eqonda kuzona. Wafike wazitshela ukuthi uzozinika ama-computer games uma zihamba naye. Zamlandela kwayiwa endaweni yokulahla udoti, nokuyilapho azama khona ukuzidlwengula ezikhombe ngesibhamu.
Zombili zakwazi ukubaleka, kanti ngokwabombutho wabeSAPS, indlela ezayichaza ngayo le ndoda yafana ncamashi nosolelwa kokuningi ukuthumba okwenzeka kule ndawo.
Izingane zethu aziphephile ngisho ngabe zidlala engadini.
Yini engenziwa"
Singazivikela kanjani izingane zethu "ezingozini zabantu abangaziwa""
"Esikhundleni sokuba sifundise izingane zethu ukwesaba abantu ezingabazi, kufanele sedlulise imiyalezo eyakhayo," kusho uDkt Daniel Broughton, oyi-paediatrician nowayengumqondisi wabe-US National Center For Missing And Exploited Children.
Kuyiqiniso ukuthi asizimisele nakancane ukuba izingane zethu zihambe zesaba bonke abantu ezihlangana nabo - lokhu kubi njengakho ukwethemba kakhulu. Khumbula futhi ukuthi kuyayidida ingane ukuba itshelwe ukuthi ingakhulumi nabantu engabazi kodwa ibone umama nobaba bezikhulumela ngokukhululeka nabantu engabazi zikhathi zonke.
Ukuqonda izindlela ezifanele zokuzethula noma ukuzazisa kungasiza izingane zikwazi ukubona ukuziphatha okungekuhle uma mhlawumbe umuntu ezingamazi ezama ukuzenza umngani wazo lapho abazali bazo bengekho eduze.
"Kubalulekile kakhulu ukuba abazali bangasebenzisi ukwesaba njengethuluzi lokufundisa. Asifuni izingane zikhule zicabanga ukuthi wonke umuntu omdala angazilimaza," kusho omunye wochwepheshe wezokwelashwa kwengqondo.
Indlela yokuziphatha
UKenneth Wooden, onguchwepheshe wezokuphepha kwezingane nokunguye owasungula uhlelo lwe-Child Lures Prevention, uthi kufanele kugxilwe endleleni yokuziphatha, hhayi nje yohlobo lomuntu.
Lokhu kwakha umqondo. Labo bantu abagila le mikhuba ezinganeni bazi kahle kamhlophe ukuthi izingane zihlale zitshelwa ukuthi zingalokothi zikhulume nabantu ezingabazi. Lokhu sekwenze lezi zigila-mkhuba zithole ezinye izindlela zokwenza izingane zikwazi ukuxoxa nazo.
Ukuze usize ingane yakho iqonde ukuthi lezi zindlela zokulutha zisebenza kanjani, nika izingane izibonelo ezimbalwa bese uzibuza ukuthi zona zingenzenjani.
Ukulinganisa: "Uma owesilisa oshaye isudi enhle efika kuwe ethi: 'Nasi isithombe senja yami encane elahlekile. Ngabe ningangisiza ukuba ngiyithole"' Yini eningayenza""
Into ongayenza wukugijima uyolanda umuntu omdala.
Mhlawumbe ingane ingathi: "Kodwa ngoba udinga usizo lwami." Impendulo lapho ilula: abantu abadala abaluceli usizo ezinganeni!
Kungani kubalulekile ukuba izingane zingasho lutho" Kunoma yikuphi ukungqubuzana phakathi kwabantu abadala nezingane kuhlale kuphumelela umuntu omdala.
Nansi indlela okuhamba ngayo:
Isonakali somuntu: "Ungangisiza ukuba ngithole inja yami encane""
Ingane: "Cha, umama wami ngeke angivumele."
Isonakali somuntu: "Oh, ngiyamazi umama wakho, wangitshela ukuthi uhlale ekutshela ukuba usize abanye abantu."
Igama
Kwenzekani lapho kudingeka ukuba uthume umuntu othile ukuba ayokulandela ingane"
Kufanele nivumelane ngegama enizolisebenzisa nengane yazi ukuthi nguye umuntu omthumele, ngokusho kochwepheshe.
Kufanele ukhethe into ezokwehluka ukuze kungabi lula kunoma ngubani ukuliqagela.
Ngisho nakulesi simo, ukuphendula kwengane makube ngokuthule.
Uma umuntu omdala engayitsheli lelo gama enibonisene ngalo, ingane kufanele ibaleke.
Ingane akufanele ibuze: "Lithini igama""
Lokhu kunika umuntu omdala ithuba lokulokhu ekhuluma nengane aze athole nezizathu eziningi, ezifana nokuthi, "Sengikhohliwe," noma "Uthe nguwe ozongitshela," noma Shesha umama wakho uyagula!"
Kuliqiniso ukuthi izingane kufanele zifundiswe ukungagibeli kuma-lifts ezimoto zabantu, zingamukeli amaswidi kubantu, izipho, imali noma umuthi kumuntu ezingamazi.[z]
BONA ZULU - July 2007
indaba nguWALTON GOLIGHTLY
Sinqanda ingozi yabantu esingabazi
BONA ZULU - July 2007
u
Abantu ongabazi abasiyo ingozi enkulu
Njengoba kudingeka ukuba izingane ziqaphele "ingozi yomuntu ezingamazi," into ebuhlungu wukuthi izingane zibhekene nengozi enkulu kubantu ezibaziyo ikakhulu kunalabo ezingabazi. Kulula ukuba zihlukunyezwe wumuntu oyisihlobo noma umngani osondelene kakhulu nomndeni, umuntu ezimthembayo.
Izibalo emhlabeni jikelele zikhomba ukuthi cishe amaphesenti angu-85 ezingane ezithunjiwe zazingamthathisi okomuntu ezingamazi umuntu osuke ezithumbile.
Ezigamekweni cishe ezingamaphesenti angu-65 lapho kusuke kutholakale ingane ifile nomenzi walokhu atholakale, kuyacaca ukuthi ingane ayizange lowo muntu imthathe njengomuntu engamazi.
Abazali badinga ukulalela futhi bayihloniphe nemizwa yabantwana babo.
Izingane zidinga futhi ukwazi ukuthi azikudingi ukuqatshulwa, ukuthintwa noma ukugonwa ngisho ngabe yisihlobo noma cha uma zingafuni.
"Lokhu kuzihlonipha kungaholela ekutheni nazo zizihloniphe futhi zikwazi ukuba zithi cha ngaphandle kokwesaba," kusho uDkt Daniel Broughton.
UKenneth Wooden uthi kungakuhle futhi abazali baxwayise izingane ngokuthi "zingakuvumeli ukuthintwa abantu ezingabazi ezindaweni zangasese," nokuthi kufanele zitshele omama noma obaba bazo uma kukhona obathinta kulezi zindawo.
t
Qiniseka ukuthi izingane zakho ziyayazi inombolo yocingo yakho yasemsebenzini
BONA ZULU - July 2007
Ezinye izeluleko zokuphepha...
Izingane kufanele zitshelwe ukuba zingasho kubantu abasuke beshaya ucingo ukuthi zizodwa. Kufanele zithi umama noma ubaba usebhizi ngeke akwazi ukuzobamba ucingo, uzomshayela.
Xwaya abantu ongabazi abasezindaweni ezifana nezindlu zomphakathi zangasese noma izindawo zokudlala abangase bafune ukudlala nengane yakho nabangani bayo.
Izingane kufanele zazi amagama azo, ikheli nenombolo yocingo. Izingane ezindala kufanele zazi izinombolo zabazali zasemsebenzini.
Uma izingane zikude nekhaya, kufanele zibe nabangani, zitshele nabazali ukuthi zikuphi zikwazi futhi ukuthi "cha" esimweni esibukeka siyingozi.
"Azikho ezinye izindlela zokuphepha okumele zifundiswe ezibhekele ngqo nokuthunjwa, kanjalo nezingozi ezihambisana nakho," kusho uDkt Broughton.
"Esikhundleni salokho ukuphepha kumele kufundiswe njengento ehlale isemqondweni ukuze izingane zifunde ukuzethemba nokuzimela."
