zulu.577.diarrhoea
BONA - August 2005
Izingane eziningi kuyenzeka zibe nohudo. Ukwazi ukuthi yini ongayenza nokuthi usizo ungalufuna nini kunganqanda ukuphela kwamanzi emzimbeni
siqoqelwe nguPRIMROSE WILLIAMS
isithombe abeGREAT STOCK!
INGANE yakho iyakhala, iphalaze emva kokudla, ayilali, ushintsha amanabukeni anohudo njalo emva kwehora. Usuphelelwe yisineke ukhathele.
Kungcono ngoba akuvamile ukuthi uhudo lube mandla kakhulu kanti kokunye isimo siba sibi ingane ize iphelelwe amanzi emzimbeni nokuyinto engaba yingozi enkulu leyo. Ungakwazi ukumelana nalesi sifo uma usunolwazi ngezimpawu zaso nokuthi usizo ungalufuna nini.
Ngizokwazi kanjani ukuthi ingane inohudo"
Omama abaqala ukuba nabantwana benza iphutha lokucabanga ukuthi ingane isuke izikhulula nje uma inohudo ngoba ezelwe izikhulula njalo.
Ukuzikhulula kwayo kuzoncika ekutheni incela ibele yini noma ibhodlela. Izingane ezincela ibele zikhipha indle ethambile, emanzi njalo. Ezincela ibhodlela aziyi njalo ngaphandle kanti indle yazo iyaqina.
Wuguquko kulokho osukujwayele kuphela okumele uluqaphele. Ubokwazi ukuthi ingane inohudo uma ikhipha indle emanzi kakhulu, kaningana kunokujwayelekile, indle enenjimbilili noma ingane inemfiva noma ibukeka inganonophali nendle yayo inephunga elibi.
Ludalwa yini uhudo"
Ubunuku buyimbangela enkulu yohudo, ukungabibikho kwamanzi ahlanzekile, ukuminyana, nomthelela wokuncelisa ingane ibhodlela kunebele. Izingane ezincela ibele kuphela azivamile ukuba nohudo.
Kukhona nezinye izinto ezimbalwa ezingenza ukuba ingane iphalaze ibe nohudo. Ukungazwani nobisi lwenkomo noma ukudla okunjengobisi noma amaqanda kungenza iphathwe yinhliziyo encane iphalaze. Uma kukuhlupha ukungazwani kwengane yakho nokudla okuthile cela iseluleko emtholampilo wakho noma kudokotela.
Ingane ingaba nale nkinga futhi uma kufakwa ushukela ekudleni kwayo noma iphuza ijusi kakhulu. Enye imbangela ejwayelekile ukushintshelwa kwengane ekudleni okuqinile. Kodwa isisu siyakujwayela ngokuhamba kwesikhathi.
Kuke kwenzeke ukuthi izifo ezihlasela isinye njenge-encephalitis, appendicitis noma isifo sikashukela zidale izimpawu ezifana nezohudo.
Abane-migraine nabo bangaphalaza noma baphalaze uma kuvaleke amathumbu. Akubhekwe nomalaleveva kulezo zindawo eziyingozi.
Yini lube yingozi uhudo"
Uhudo lungaba yingozi kakhulu ezinganeni ngoba zilahlekelwa amanzi kalula emzimbeni. Uma ingane iphelelwe amanzi iyoma njengesihlahla uma singenawo amanzi.
Ziningi izingane ezibulawa ukuphela kwamanzi nosawoti abadingekayo emzimbeni. Njengoba ukuphalaza kuvame ukuhambisana nohudo, amanzi aphela ngokushesha emzimbeni.
Isizathu sesibili esenza uhudo lube yingozi wukuthi omama bacabanga ukuthi kufanele bayeke ukuncelisa ingane ibele uma ikhishwa yisisu ukuze baphumuze amathumbu ayo noma bacabange ukuthi ukuyinika izinto eziphuzwayo yikona okwenza uhudo lube mandla kakhulu. Lokho akusilo iqiniso. Uma amanzi alahlekile engabuyiselwa ngendlela efanele, isifo singadlanga kakhulu mhlawumbe ingane ishone.
Ngizokwazi kanjani ukuthi ingane iphelelwe amanzi"
Ingane yakho izobukeka yomele okuphuzwayo kakhulu kunokujwayelekile. Uma amanzi engakapheli kakhulu emzimbeni, umlomo wengane kanjalo nolimi lwayo kuzobukeka komile, ingaphumi zinyembezi ichame kancane. Umchamo wayo uzobukeka ugqunqile kunokujwayelekile, ube phuzi kakhulu unuke kabi.
Kusemqoka ukuyichamisa njalo ukuze izinso zihlale zisebenza. Uma ingachami yiphuthumise kudokotela noma emtholampilo.
Ingane yakho ingabuye ibukeke izela ingenamandla isikhumba sayo sibe yilasitiki. Kokunye iba nezigobhe noma kwehle ukhakhayi.
Uma isiphelelwe amanzi kakhulu emzimbeni izandla zayo nezinyawo kuyabanda kuthathe isikhathi ukuthi igazi libuyele endaweni yalo uma ucindezela isikhumba. Izobuye iphefumulele phezulu inhliziyo ishaye ngamandla.
Ngingayelapha kanjani"
Ukwelapha kumele kuqale ekhaya ngokukhulu ukushesha. Izingane zingaphuziswa okusaketshezi ukuze zithole lawo manzi alahlekile. Yiphuzise kakhulu uma iphalaza noma ikhishwa yisisu.
Ingaphuza u-powder osemaphaketheni otholakala emtholampilo noma ekhemisi. Ingawuphuza kanye neziphuzo ezijwayelekile.
Hlanganisa u-powder namanzi abile apholiswa kuphela. Ungawufaki ushukela. Kusemqoka ukulandela imithetho ebhalwe ephaketheni, ngoba uma uwafaka kancane amanzi uhudo lungaba mandla kakhulu. Khuthaza ingane yakho iluphuze kakhulu lolu ketshezi. Ungalugcina amahora angu-24, uluchithe emva kwaleso sikhathi wenze olunye olufreshi.
Uma ungenawo la maphakethe, hlanganisa ama-teaspoon amane kashukela nohhafu we-teaspoon kasawoti emanzini angangelitha abile apholiswa.
Faka isikalo esifanele ngoba uma uwufake kakhulu ushukela uhudo lungaba mandla kanti nosawoti uyingozi uma usumningi kakhulu.
Ungayiphuzisi ingane ojusi abangaxaxiwe ngamanzi, iziphuzo ezihlohlozayo, i-cordial, lemonade noma iLucozade. Lezi ziphuzo zingenza uhudo lube mandla kakhulu ingane iphelelwe amanzi.
Ungayiphuzisi futhi ujusi wama-apula noma wama-prune ngoba unesithako esihlambulula isisu senze uhudo lube mandla. Ungayiphuzisi iziphuzo ezingenayo i-calorie eningi.
Akufanele uyiphuzise imithi yokunqamula isisu. Leyo mithi ayiphephile ezinganeni ngoba ingazigulisa.
Ingane enohudo idinga wonke umsoco engawuthola kanti kusemqoka ukuncelisa ngokufanele. Ukudla kungasiza ekuqedeni uhudo ingane isheshe ibe ngcono.
Izingane esezikhulile
Uma ingane yakho isidla ukudla okuqinile, qhubeka uyinike ukudla neziphuzo kakhulu. Uma ingakufuni ukudla, yinike okuphuzwayo ize ikuthande ukudla. Uma uhudo seluphelile kusemqoka ukuyinika ukudla okuthe xaxa ukuze ilulame kahle kubuye nesisindo esiyilahlekele ngesikhathi igula. Ngalesi sikhathi ingane idinga ukudla okuthe xaxa ngosuku noma inceliswe njalo ukuze ithole lowo msoco namandla ayilahlekele.
Ngingalugwema uhudo"
Yebo, uhudo ungalugwema ngokuncelisa ingane ibele, uyigomele isimungumungwane, usebenzise indlu yangasese, ugcine ukudla namanzi kuhlanzekile, ugeze izandla ngaphambi kokuthinta ukudla, emva kokusebenzisa indlu yangasese, emva kokushintsha amanabukeni, emva kokuthinta izilwane ezifuywe ekhaya noma inyama nokudla osekulungele ukudliwa.
Amabhodlela ezingane kumele agezwe akhishwe amagciwane. Zonke izinto ezingcolile kumele zihlanzwe zikhishwe amagciwane. Inyama ayiphekwe ivuthwe kanti izingane akufanele zinikwe inyama engavuthiwe.
U
Ukwelashwa nokuvikela
hudo luyingozi
BONA ZULU - November 2005
u
t
Ungalugwema uhudo
BONA ZULU - November 2005
Ngilufuna nini usizo lokwelashwa"
Izingane ezinohudo zivame ukusheshe zilulame. Kodwa ezinye ziphelelwa amanzi noma ziphathwe ezinye izifo kuze kudingeke ukuba zithole ukwelashwa. Iphuthumise emtholampilo noma kudokotela uma:
Inezimpawu zokuphelelwa amanzi.
Ibukeka ingaphathekile kahle.
Uhudo luthatha ngaphezulu kosuku olulodwa enganeni engaphansi konyaka noma izinsuku ezingaphezulu kwezimbili kwesezikhulile.
Iphalaza njalo kungahlali lutho esiswini.
Iphalaza igazi noma okunsundu noma okuluhlaza.
Ikhipha uhudo olumanzi kakhulu.
Ikhipha uhudo olunegazi.
Ilunywa yisisu. (Akulula ukukubona lokhu ezinganeni ezisezincane.)
Inemfiva.
Inezinyanga ezingaphansi kweziyisithupha.
Ikhathele ingaphaphami kalula.
Ingafuni lutho oluphuzwayo noma ingalifuni ibele.[z]
