Isicelo sikamazisi esenziwa okokuqala
Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Isicelo sikamazisi esenziwa okokuqala
Isicelo sokushintsha ubulili
Isicelo sokuba yisakhamuzi ngokuba yisizukulwane
Isicelo sesinqumo ngokuba yisakhamuzi
Ukungalahlekelwa yilungelo lokuba yisakhamuzi
Isicelo sokulahla ilungelo lokuba yisakhamuzi
Ushintsha izibongo zabancane
Isicelo sokuthi kuguqulwe imininingwane yekheli la
Ukulungisa imininingwane engamaphutha kumazisi
Isicelo somuntu wangaphandle ukuba yisakhamuzi sak
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo Kubantu
Ezokuba yisakhamuzi
Umazisi womuntu
Isicelo sikamazisi esenziwa okokuqala
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Izincazelo
Idokhumende kamazisi (i-ID), yidokhumende efakazela ubuyena bomuntu. Amadokhumende kamazisi anikezwa kwizakhamizi zaseNingizimu Afrika noma kubantu abanezimvume zokuhlala ezweni unomphela, abaneminyaka engu-16 nangaphezulu. La madokhumende anganikezwa nakunoma ngubani omunye umuntu osebenzela uhulumeni noma inhlangano esungulwe ngokulandela umthetho ngaphandle kweNingizimu Afrika, noma umuntu ocelwe ukusebenza egameni likahulumeni kwelinye izwe. Lokhu kunikezwa nakowakwakhe noma ezinganeni.
Phezulu
Izinyathelo okumele zilandelwe
Yenza isicelo kwihhovisi eliseduzane leZangaphakathi noma imission uma ungaphandle kwezwe.
Gcwalisa ifomu le-BI-9.
Uma ukuzalwa komuntu kungabhaliswanga (kungarejistwanga), kanti futhi singekho isitifikedi sokuzalwa, gcwalisa ifomu le BI-24/15 ebese uhambisa nenye yamadokhumende asekelayo, isibonelo, isitifikedi sokubhabhadiswa, incwadi yesikole, noma isitifikedi sokukhulelwa.
Fakela izithombe ezimbili zosayizi kamazisi (we-ID).
Abenzi bezicelo abashadile kumele bakhiphe namakhophi ezitifikedi zomshado.
Owesimame owenza isicelo sikamazisi (se-ID) nakhona ofisa ukusebenzisa esinye sezibongo ayaziwa ngaso, kumele anikeze nobufakazi bokuthi unelungelo lokusebenzisa leso sibongo.
Umuntu obuya ngaphandle kwezwe, owenza isicelo sikamazisi (se-ID), kumele afakele nemvume yokuhlala ezweni unomphela, kanye nesitifikedi sokuba nelungelo lokuba yisakhamuzi sezwe (naturalisation) noma isitifikedi sokukhishwa phansi kwezibopho (exemption certificate), isitifikedi somshado kwifomu le-BI-529.
Phezulu
Umthetho osetshenziswayo
Phezulu
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izicelo zingathatha isikhathi sokufinyelela kumaviki ayisishagalombili .
Phezulu
Izindleko
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
Phezulu
Amafomu okumele agcwaliswe
BI-529(Ifomu lesicelo sokuba yisakhamuzi)
Qaphela:
Amafomu awatholakali kulayini we-internethi.Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lonyango.
Phezulu
Indawo nendlela yokuxhumana
Sicela ufakela isifundazwe
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Ukuxhumana okuhambelanayo uMnyango wezaseKhaya
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
