Z-Fold (Ipheshana)
[Qaphela:  njengokuhlela kwakho okwedlule, amaqembu ayisi-6 akhona ukuze abheke ingqikithi]
Iqembu 1 (ikhava)
UNGABHEKI ECELENI
YILWA NOKUHLUKUMEZA
IZINSUKU EZIYI-16 ZOKULWA NODLAME OLUBHEKISWE KWABESIFAZANE NEZINGANE
25 uLwezi – 10 uMasingana
Amaqembu 2 – 4
UYINI UMKHANKASO WEZINSUKU EZIYI-16 WOKULWA NOKUHLUKUNYEZWA KWABESIFAZANE NEZINGANE? 
Izinsuku eziyi-16 zoKulwa nokuHlukunyezwa kwaBesifazane neZingane ziwumkhankaso kazwelonke oba minyaka yonke kusukela zingama-25 kuLwezi (usuku lomhlaba wonke lokulwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane) kuya ziyi-10 kuMasingana (usuku lwamalungelo abantu emhlabeni wonke). 
Kulesi sikhathi, uHulumeni waseNingizimu Afrika uba nomkhankaso weZinsuku eziyi-16 zoKulwa nokuHlukunyezwa kwaBesifazane neZingane, okuhloswe ngawo ukuqwashisa ngomthelela ongemuhle wodlame kwabesifazane nezingane. Lokhu kuhlose ukusebenzisa lo mkhankaso ukuvusa yonke imikhakha yomphakathi ukuthi ilwisane nokuhlukunyezwa.  
Uhulumeni uzinikele ukwakha umphakathi onakekelayo nonokuthula, ovikela abesifazane nezingane kuzo zonke izinhlobo zokuhlukumezeka. Nakuba uMkhankaso weZinsuku eziyi-16 zoKulwa nokuHlukunyezwa kwaBesifazane neZingane uba zingama-25 kuLwezi kuya ziyi-10 kuMasingana minyaka yonke, Izinhloso zawo zivuselelwa ngohlelo lonyaka wonke olwaziwa ngeloHlelo lweZinsuku ezingama-365 kanjalo noHlelo lukaZwelonke. 
Minyaka yonke, uhulumeni, ebambisene nezinhlangano zemiphakathi nomkhakha wezamabhizinisi, bayaqhubeka nokusebenza ngokubambisana ukwandisa umthelela womkhankaso. Ngokweseka lo mkhankaso, izinkulungwane zabantu baseNingizimu Afrika usize ukukhulisa ukuqwashisa ngokuhlukunyezwa nokwakha ukweseka labo abahlukumezekile nalabo abasinde ekuhlukunyezweni. 
YIKUPHI ONGAKWENZA?
Yeseka umkhankaso ngokugqoka iribhini elimhlophe ngesikhathi sezinsuku eziyi-16: Iribhini elimhlophe liwuphawu loxolo lumele ukuzinikela kwalowo oligqokile ukungashayi indiva udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane. 
Zibandakanye nezingxoxo ezenzeka kumakhompyutha: Lezi zingxoxo ziqalwe ukuze ziqalise ukudingidwa kwezindaba kumakhompyutha abantu abathile ngezindaba ezithinta ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Ukuze uthole olunye ulwazi, yiya lapha: www.genderlinks.org.za noma vakashela isikhungo sokusebenza sakwaThusong.
Bamba iqhaza emicimbini eyehlukene yezinsuku eziyi-16 zokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane: Kunendathane yemicimbi ezokwenzeka ezweni kusukela zingama-25 kuLwezi kuya ziyi-10 kuMasingana. Ukuze ubone le micimbi, bheka le webhusayithi www.womensnet.org.za/calendar.shtml. 
Volontiya ukweseka izinhlangano ezizimele nemiphakathi eyeseka abesifazane abahlukunyeziwe nezingane: Izinhlangano eziningi ezisiza labo abahlukunyeziwe  nalabo abasindile zidinga usizo lomphakathi. Unganikela ngesikhathi sakho ufake isandla ngokusiza izikhungo. Bheka isikhungo emphakathini wangakini ongafaka isandla kuso. Ungathola olunye ulwazi ngezinhlangano ongazisiza kule webhusayithi: www.csvr.org.za. 
Iminikelo: Unganikela imali ezinhlanganweni ezisebenzela ukuqeda udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane ngokufaka isandla eSisekelweni samalungelo eSintu. Alikho izinga elibekiwe lemali engakhokhwa – konke kuncike kuwe! Ukuze uthole olunye ulwazi, bheka iwebhusayithi ethi: www.fhr.org.za noma shayela le nombolo 012 440 1691.
Beka uvo lwakho ngokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane:  Gqugquzela abesifazane abahlukunyeziwe abathule ukuthi bamelane nakho. Bika ukuhlukunyezwa kwezingane emaphoyiseni. 
Joyina izinkundla zokusebenza kwamaphoyiza emphakathini noma izinkundla zokuphepha komphakathi: Umphakathi neziteshi zamaphoyisa ezisemphakathini babambisene ukuqinisekisa ukuthi kunokuphepha nokuvikeleka emphakathini. Ngokujoyina lezi zinhlaka, ungasiza ukulwa nobugebengu endaweni yangakini. Ukuze uthole olunye ulwazi ngendlela ongajoyina ngayo, thintana nesiteshi samaphoyisa sangakini.
Amaqembu 5 no 6
Uma uhlukunyezwa noma ngabe yingayiphi indlela noma uma kukhona omaziyo ohlukunyezwayo, siza – thola usizo. 
UMBUTHO WASENINGIZIMU AFRIKA WAMAPHOYISA 10111
UKWELULEKWA NGOKOMQONDO NOKWESEKWA KWABESIFAZANE
Inombolo yokusiza labo abasezinkingeni kuzwelonke 0861 322 322
Inombolo yokuqeda ukuhlukunyekwa okususelwa kwezobulili 0800 150 150
Abantu abamelene nokuhlukunyezwa kwabesifazane 011 642 4345 
Inhlangano ebhekelele imindeni nemishado eNingizimu Afrika 012 460 0733
Inxanxathela kaZwelonke elwisana nodlame olubhekiswe kwabesifazane 012 321 4959
UKWELULEKWA NGOKOMQONDO NOKWESEKWA KWEZINGANE
Inombolo ongayishayela 0800 055 555
UKUVIKELEKA KOMPHAKATHI
Imali eholelwa izingane ezingenabani 0800 601 011 
EZEMPILO
IMitholampilo waseMarie Stopes 0800 11 77 85
Abeseka labo abaphanjanelwa yimiqondo ngenxa yokukhathazeka nalabo abahlala benamaphaphu aphezulu 	011 783 1474
Inombolo yokweluleka ngengculazi  	0800 012 322
USIZO ngeNGCULAZI 			0860 100 646
USIZO LWEZOMTHETHO
IBhodi eleluleka ngezomthetho 011 845 4311
Abammeli bamalungelo esintu 		011 339 1960
UMKHANKASO WAMADODA ESEKA UKUNGABIBIKHO KOKUHLUKUNYEZWA 
Iphrojekthi yaMadoda angabalingani 		011 833 0504
ULWAZI
Iphrojekthi efundisa ngokuhlukunyezwa ngokocansi 		011 403 0541
Isikhungo sokucutshungulwa koDlame nokuBuyisana 		011 403 5650
