FRONT	
Kusemahlombe ami .
Kusemahlombe ethu.
INingizimu Afrika ithatha izinyathelo zokwezwa okufanele.
BACK
Izizathu eziyi-10 zokuthi kungani MANJE sekuyisikhathi sokuyohlolwa …
Isandulela Ngculazi siyelapheka futhi siyavikeleka. Kumele uthathe isinyathelo esifanele sokuyohlolelwa Isandulela Ngculazi khona namhlanje.
Ukuhlolelwa Isandulela Ngculazi kanye nokwelashwa kutholakala mahhala KUYONA YONKE imitholampilo kahulumeni.
Uma imiphumela yokuhlolwa kwakho ikhombisa ukuthi usunalo igciwane, uzokwazi ukuzinakekela ngendlela efanele ukuze uphile impilo enhle.
Uma imiphumela yokuhlolwa kwakho ikhombisa ukuthi awunalo igciwane, uzokwazi ukuzivikela ngendlela efanele ukuze ungangenwa yigciwane.
Ungazivikela futhi uvikele nabanye ukuze bangangenwa yigciwane leSandulela Ngculazi – sebenzisa amakhondomu ngaso sonke isikhathi futhi unciphise nabalingani bakho oya nabo ocansini.
Ukuhlolelwa igciwane ndawonye nomlingani wakho kuletha ukwethembana kanye nokuhloniphana.
Yiba isibonelo emndenini wakho kanye nakubangani bakho. Hlolelwa igciwane namuhla futhi ukhuthaze nabanye ukuthi bahlolwe.
Akunamntwana okumele azalwe eneSandulela Ngculazi. Ayatholakala amakhambi okuvikela lokhu, KODWA kumele wazi isimo sakho seSandulela Ngculazi masinyane emva kokukhulelwa.
Uma uphethwe Yisifo Sofuba, kungenzeka futhi ukuthi uneSandulela Ngculazi. Yenza isiqiniseko sokuthi uhlolelwa iSandulela Ngculazi. Uma uneSandulela Ngculazi, qinisekisa ukuthi uhlolelwa Isifo Sofuba.
INingizimu Afrika ithatha izinyathelo ezifanele zokunakekela impilo yakho. Ingabe wena uzosithatha nini isinyathelo esifanele sokuyohlolwa?
Uma ungenalo igciwane zivikele futhi uvimbele ukusuleleka – futhi uzigcine ukuleso simo. 
Ukuze uthole imininingwane yesikhungo sokuhlolelwa igciwane esiseduze nawe, thumela nge-SMS igama elithi HIV kanye nekhodi yeposi langakini kule nombolo 31771 
Shayela Inombolo Yosizo Oluphathelene Nengculazi ku 0800 012 322
Ukuze uzifundele imininingwane ephathelene nazo zonke izindlela zokusebenzisa umakhalekhukhwini wakho ukuzitholela ulwazi kanye nosizo oluphathelene nesandulela ngculazi:
( shayela le nombolo *120*923# (kubiza amasenti angama-20 ngemizuzwana engama-20)
