Isicelo sesitifikedi sokukhombisa ukuba msulwa ngokuhlolwa kweminwe
Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Isicelo sokunikeza inothisi yokufa
Isicelo sesitifikedi sokukhombisa ukuba msulwa ngo
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo amasevisi abangaphandle
Isicelo sesitifikedi sokukhombisa ukuba msulwa ngo
Isicelo sesitifikedi sokukhombisa ukuba msulwa ngokuhlolwa kweminwe
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Izincazelo
Le nkonzo (le sevisi) itholakala kubantu abadinga ukuthola isiqiniseko ngesimo sabo kwezobugebengu, ngoba befuna ukulishiya leli baye kwelinye izwe, noma befuna ukuyosebenza kwilizwe langaphandle isikhathi eside.
Isitifikedi sizokhishwa sichaze ukuthi ngabe kukhona yini amacala obugebengu arekhodiwe ngomenzi wesicelo.
Phezulu
Izinyathelo okumele zilandelwe
Nikeza ngezigxivizo zayo yonke iminwe yakho, ezizothathwa esiteshini samaphoyisa esiseduzane nawe, kwabe-SAPS Criminal Record Centre. Qinisekisa ukuthi amagama akho agcwele, isibongo, usuku lokuzalwa, indawo owazalelwa kuyo, kanye nenombolo kamazisi (uma ikhona) kufakelwa kwifomu leminwe.
Hamba nomazisi wakho esiteshini samaphoyisa ngoba kuzofuneka ubufakazi bobuwena.
Izakhamizi zaseNingizimu Afrika ezihlala ngaphandle kwezwe zingenza izicelo eziteshini zamaphoyisa kulawo mazwe ezikuwo noma kumanxusa eNingizimu Afrika (South African Embassy). Imigxivizo yeminwe ingathathwa kwifomu eligunyaziwe lalelo lizwe. Ifomu lemigxivizo yeminwe kumele lisayinwe yilowo muntu okuthatha imigxivizo yeminwe. Imigxivizo yayo yonke iminwe kanye nekhophi likamazisi lomenzi wesicelo noma ipasipoti, lokhu kumele kuhambisane nesicelo.
Isitifikedi sokuba msulwa sizokhishwa mahhala, uma sicelwa kungakapheli izinyanga eziyisithupha zesicelo sokuqala. Ngoba izitifikedi zigcinwa kumarekhodi izinyanga eziyisishagalolunye kuphela, kumele kwenziwe isicelo esisha ngemuva kwezinyanga eziyisishagalolunye .
Phezulu
Umthetho osetshenziswayo
Phezulu
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Isitifikesi singakhishwa kungakapheli izinsuku ezingu-28. Izitifikesi ezidingekayo zizothunyelwa kumenzi wesicelo ngeposi elivamile, ngaphandle kokuba kwenziwe amalungiselelo okuzothatha amadokhumende ngumuntu siqu, noma kwenziwe amalungiselo okuthunyelwa nge-courier service (lokhu kumele kukhokhelwe ngumenzi wesicelo), ekhokhe kwabe-Criminal Record Centre.
Phezulu
Izindleko
Ukukhishwa futhi kungakapheli izinyanga eziyisithupha kwenziwa mahhala.
Phezulu
Amafomu okumele agcwaliswe
Amafomu afanele okugxivizwa kweminwe agcwaliswa yisikhulu sephoyisa.
Phezulu
Indawo nendlela yokuxhumana
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
