Cela ikomiti ebalulekile ukubona inkonzo ebalulekile
Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Cela ikomiti ebalulekile ukubona inkonzo ebalulek
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo ezinhlanganweni
Ezobudlelwane babaqashi nabasebenzi
Ezobudlelwane babaqashi nabasebenzi
Cela ikomiti ebalulekile ukubona inkonzo ebalulek
Ukucela ikomiti lezinkonzo ezibalulekile (lamasevisi) abalulekile ukwenza uphenyisiso ukubona ukuthi yonke inkonzo noma ingxenye yayo iyinkozo ebalulekile
Isimo
Inkonzo (isevisi) ebalulekile, yinkonzo okuthi uma iphazamiseka, lokhu kufakele impilo engozini noma kuphazamise impilo yabantu.
Ngesikhathi sesiteleka, noma yiluphi uhlangothi oluyingxenye yempikiswano ngokunye kwezinto ezilandelayo, lungathi ngokubhala ludlulisele impikiswano kukomidi lezinkonzo ezibalulekile:
ngisho noma inkonzo ingabalulekile noma cha;
ngisho noma umsebenzi noma umqashi ukwinkonzo ebekwe njengebalulekile.
Uhlangothi oluhambisa impikiswano kwikomidi lezinkonzo ezibalulekile, kumele lenze isiqiniseko sokuthi ikhophi yesicelo esihanjisiwe inikezwa nezinye izinhlangothi ezithintekayo kwimpikiswano. Ikomidi lezinkonzo ezibalulekile (la masevisi) abalulekile kumele libheke impikiswano masishane ngendlela okungakhonakala ngayo.
Izinkonzo (amasevisi) ePhalamende, Inkonzo yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika kanye nawezeMpilo ngabalulekile.
Ukuthola olunye ulwazi, hamba uye kwaboMnyango wezemiSebenzi.
Inqubo okumele ilandelwe
Fakela ikhophi yesitifikedi sesigunyaziso esikhona kwifomu lesicelo.
Nikeza uhlangothi oluthintekayo ikhophi yaleli fomu.
Nikeza ubufakazi bokuthi ikhophi yaleli fomu inikezelwe kolunye uhlangothi, ngokubufakela:
Ikhophi lesilipi sokurejista ePosini; noma
Ikhophi lesiliphi esisayiniwe uma ifomu lihanjiswe ngesandla; noma o isitatimende esisayinelwe esivela kumuntu odilive ifomu ukuqinisekisa ukuthi lokhu kwenziwe; noma
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Azoncika kwizinhlangothi ezithintekayo ngokumemezela ukuthi izinkonzo (amasevisi) ngabalulekile.
Izindleko
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
