Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Isicelo sokunikeza inothisi yokufa
Isicelo sesitifikedi sokukhombisa ukuba msulwa ngo
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo amasevisi abangaphandle
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Izincazelo
Igatsha lezangaphandle lisebenzisana namanxusa alo kwamanye amazwe linikeza usizo lokuxhumana nokuthutha, nezeluleko kubomndeni wesakhamuzi sase South Africa esifele kwamanye amazwe.
Inxusa lase South Africa lizokwelekelela abomndeni ukuthola ukuthi kuzobiza malini ukuze bakwazi ukuthatha isinqumo esiyisona.
Uma usebenzisa abangqwabi kubalulekile ukuthi wazi ukuthi kuyakhokhwa.
Indlela izinto zenziwa ngayo iyashiyana kulizwe ngelizwe, loko kuzoxhaphazela ukushesha komsebenzi. Inxusa noma igatsha lezangaphandle lizokweluleka.
Uma isidumbu sibuyiswa, kunemithetho iqinile mayelana nezokwethutha ezifunwa yigatsha lezempilo.
Abomndeni bangazikhethela ukusishisa isidumbu besebebuyisa umlotha.
Umngqabi kulelozwe angawenza lomsebenzi. Inxusa lase South Africa kulelozwe lingabekhona uma kushiswa isidumbu uma abomndeni befuna ufakazi kanti bona abaphumeleli ukuba khona.
Abomndeni bangazikhethela ukuthi bamngqwabele kulelozwe umufi.
Uma abomndeni womufi bengatholakali noma bengenayo imali yokwenza loku okungaphezulu kungacelwa ukuthi umufi angqwatshwe njengomfokazana.
Iziphathimandla zalelozwe zinikeze abomndeni ulwazi lokuthi ungqwatshwe kuphi owakubo.
Phezulu
Izinyathelo okumele zilandelwe
Uma usuthethe isinqumo ngendlela oyifunayo, sayina isitetimende esifungelwayo usithumele ehhovisi lomqondisi omkhulu: inxenye yamanxusa egatsheni lezamgaphandle.
Kudingeka lamaphepha alandelayo:
Isitifiketi sokufa
Incwadi yomazisi noma ipasipoti
Isitifiketi sokugqumisa isidumbu ngemithi
Incwadi evela kubomndeni ecela ukuthumela nokwemukela isidumbu
Incwadi evela ehhovisi lenxusa kulelozwe noma evela kumngqwabi efakaphakathi okulandelayo:
Igama lomufi
Usuku lokufa
Unobangela wokufa
Izwe afele kulona
Yonke imininingwane yokuthintana nekhodi yendawo.
Ayidingeki iphomedi uma ubuyisela akhaya umlotha wesidumbu asishisiwe.
Amaphepha adingekayo uma ufuna ukumbha isidumbu ubuyise amathambo:
Isitifiketi sokufa
Incwadi yomazisi noma ipasipoti
Isitifiketi sokugqumisa isidumbu ngemithi
Incwadi evela kubomndeni ecela ukuthumela nokwemukela isidumbu
Incwadi evela ehhovisi lenxusa kulelozwe noma evela kumngqwabi efakaphakathi okulandelayo:
Igama lomufi
Usuku lokufa
Unobangela wokufa
Izwe afele kulona
Yonke imininingwane yokuthintana nekhodi yendawo.
Amaphepha adingekayo uma ufuna ukumbha isidumbu ubuyise amathambo:
Incwadi evela ehhovisi lenxusa kulelozwe noma evela kumngqwabi efakaphakathi okulandelayo:
Igama lomufi
Usuku lokufa
Isitifiketi sokufa (uma isidumbu besisethuneni ukudlula iminyaka engu 20, asidingeki isitifiketi sokufa)
Incwadi evela emndenini ecela ukumbhiwa kwesidumbu
Uma ithuna lisendaweni yomuntu, incwadi yemvume evela kumninindawo evumela ukungqwatshwa noma ukumbhiwa kwesidumbu iyafuneka. Noma imvume ivele kuziphathimandla zendawo njengomphathi wamathuna, umasipala wendawo noma bezempilo.
Amathuna angaziwa:
o isicelo esivela enkampanini noma kubangqwabi kumele ibe nolwazi olulandelayo:
Indawo yethuna
Ikhophi yephephandaba lapho kwamenyezelwa ukutholakala kwamathuna (isimemezelo kumele sivezwe kuze kuphela amaviki amabili)
Indawo entsha lapho umufi angqwatshwe khona
Uma ithuna lisendaweni yomuntu, incwadi yemvume evela kumninindawo evumela ukungqwatshwa noma ukumbhiwa kwesidumbu noma izidumbu iyafuneka
Yonke imininingwane yokuthintana nekhodi yendawo
Amaphepha adingekayo uma ufuna ukumbha ubese ushisa isidumbu
Isitifiketi sokufa
Incwadi yomazisi noma ipasipoti
Incwadi evela emndenini ecela ukumbhiwa kwesidumbu ubese uyasishisa
Uma ithuna lisendaweni yomuntu, incwadi yemvume evela kumninindawo evumela ukumbhiwa kwesidumbu iyafuneka. Noma imvume ivele kuziphathimandla zendawo njengomphathi wamathuna, umasipala wendawo noma bezempilo
Igama lomufi
Usuku lokufa
Unobangela wokufa
Izwe afele kulona
Yonke imininingwane yokuthintana nekhodi yendawo.
Phezulu
Umthetho osetshenziswayo
Phezulu
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Phezulu
Izindleko usizo oluvela egatsheni lezangaphandle alukhokhelwa kodwa-ke umsebenzi owenziwe ngabangqwabi uyakhokhelwa
Phezulu
Amafomu okumele agcwaliswe akunamafomu agcwaliswayo.
Phezulu
Indawo nendlela yokuxhumana
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Ukuxhumana okuhambelanayo uMnyango wezangaPhandle
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
