Umvikeli Womphakathi uthole umnyango umsulwa ekusakazweni kwenkoloze yeqembu lezombusazwe 

Izinsolo zokuthi izimali zomphakathi zasetshenziswa nguMnyango WaseGauteng Wokuthuthukiswa Komphakathi ukuqhubekisela phambili izinhloso zeqembu lezombusazwe zabe zingenasisekelo, lokhu kuvezwe uphenyo lweHhovisi Lomvikeli Womphakathi.(i-OPP). 

I-OPP yaphenya ngodaba lapho iLungu Lephalamende likhalaza ngokubhekisa ku- African National Congress (i-ANC)  elabe liku-MEC yamngaleso sikhathi, ukuthi inkulmo yokwethulwa kwesabelo zimali ka- Kgaogelo Lekgoro yabe ingafanele futhi ingekho emthethweni.  Ukuhunyushwa okwabe kuhleliwe kwashicilelwa njengesikhangiso ephephandabeni.  

Umfakisikhalazo wayelwa nokuthi isikhangaso sabe sifana nokusakazwa kwenkoloze yeqembu lezombusazwe okukhokhelwe ngezimali zomphakathi. 

Kodwa-ke, uphenyo lathola ukuthi “ kwabe kungesiyo into entsha nengafanele” ukuthi “izinhloko zombusazwe kwiminyango zikhulume ngombono wazo ngokuphunyelelwe yeqembu lezepolitiki ezilimele, uma zikhuluma nesishayamthetho  ngemidanti ethinta umphakathi. 

“UMnyango uboshezelwe nguMthethosisekelo ukuba wazise umphakathi ngokwenza umsebenzi wawo nokuthiyimalini eyabiwe yophakathi esetshenzisiwe,” kusho umbiko we-OPP ulandelala uphenyo. 

“Izindleko ezethwelwe ekufakeni isikhangiso ephaphandabeni okukhulunywa ngaso ukwazisa  umphakathi ngokuqukethwe enkulumeni ka-MEC, kungeke kuthathwe njengokungagunyaziwe noma okungafaneleUMvikeli Womphakathi wathola ukuthi izindleko mayelana nesikhangisi azenziwelanga amahhala futhi ngalokho zingeke zathathwa njengezingenamsebenzi nokumosha.  

