Isibonelelo sempesheni yabadala ivuselelwe ngemuva kokungenelela koMvikeli Womphakathi

Umuntu omdala waseLimpopo oneminyaka engama-86, osibonelelo sakhe sobudala samiswa eminyakeni emithathu eyedlule ngenxa yokuthi ubekade esebenzisa inombolo eyodwa kamazisi nomunye umuntu oseFreyistata, manje umamatheka yedwa ebheke emholweni, kubongwa ukungenelela koMvikeli Womphakathi. 

Isibonelelo senyanga sika-Nks Nyasedza Sophia Mphephu wasesigodini saseThononda eVenda samiswa yiNhlangano Yokunakekelwa Komphakathi YaseNingizimu Afrika      (i-SASSA) ngo-Okhthoba ka-2005 ngaphandle kokumnika incazelo.  Ube lokhu eya emholweni cishe iminyaka emithathu yonke, ehamba ebuya elambatha ngaso sonke isikhathi.    

Isimo, nokho, saguquka sangcono kulandela ukungelela koMmeli uMshwana njengoba isibonelelo sika-Nks Mphephu sempesheni sabuyiswa.  Wathola imali yeminyaka emithathu ebisalele emuva futhi uMvikeli Womphakathi uqhubekile waphakamisa ukuthi akhokhelwe nenzuzo kule mali ebisalele emuva.  UNks Mphephu uphinde wathola negrosa eyanela izinyanga ezintathu ngenkathi i-SASSA isebenzana inkinga yakhe. 

Ukuhlupheka kwakhe kuthole ukunakwa yiHhovisi loMvikeli Womphakathi (i-OPP) ngoMeyi ka-2009 ngemuva kokuba iphendaba lesifunda elise-Limpopo, i-Capricorn Voice,  lashicilela udaba lwakhe.  I-OPP yashesha yangenelela ngokwayo yaqalisa uphenyo ngalolu daba.  

Uphenyo lwathola ukuthi ukuziphatha kwe-SASSA kwakungafanele ngoba kwabe kungekho sizathu sokumiswa kwesibonelelo sakhe njengozuzayo. Kwaphinda kwatholwa ukuthi akuzange kwenziwe enye indlela yokuba aziphilise nomndeni wakhe ngesikhathi isibonelelo sakhe simisiwe. 

Kulandela imiphumela yophenyo, uMmeli uMshwana wabhalela uMsebenzi Omkhulu Ophethe We-SASSA, ephakamisa ukuthi isibonelelo sika-Nks Mphephu sempesheni sivuselelwe futhi akhokhelwe nemali esalele emuva yeminyaka emithathu nenzuzo yayo. 

“UMphathi Omkhulu Wesifunda we-SASSA eLimpopo kufanele aqoke ithimba lomSebenzi, njengoba kuthenjisiwe. ukuba liphenye ngokumiswa kwezibonelelo ngenxa yokusetshenziswa kwezinombolo zomazisi ezifanayo ngabantu abaningi ngokushesha,” ushilo uMmeli uMshwana. 

Uphinde waphakamisa ukuthi i-SASSA ihlinzeke abathola isibonelelo, ozibonelelo zabo zimisiwe, ngezijumbane zokudla ngesikhathi sophenyo ukuze baphile ngenkathi Inhlangano Yokunakekelwa Komphakathi ixazulula inkinga ebangele ukumiswa kwesibonelelo. 

UMmeli uMshwana uphinde waphakamisa ukuthi i-SASSA ize nezindlela zokuphetha uphenyo lwayo kungakapheli izinyanga ezintathu ngemuva kokuba isibonelelo simisiwe. 

   

