Ukulindela izindlu ze-RDP okude sekuzophela  

Abahlali bakwaYunithi R no-S elokishini laseLebowakgomo eLimpopo , abanye babo asebelindele izindlu zoHlelo Lokwakha Kabusha Nentuthuko (i-RDP) kusukela ngonyaka ka-1996, bangazithola maduze ukulinda kwabo okude kuphela. 



Lokhu kulandela uphenyo lweHhovisi Yomvikeli Womphakathi (i-OPP) ngokwehluleka koMnyango WaseLimpopo Kahulumeni Wasekhaya Nezezindlu ukufeza isibopho sawo sokwakha izindlu ze-RDP sakhele lo mphakathi.



Lolu daba lwalethwa okokuqala ukuba lithole ukunaka kwe-OPP yikhansela lendawo, uMnu Frans Letwaba, owabe elulethela abahlali.  

Abafakizicelo bafaka isicelo sokulekelwa ngezimali ngonyaka ka-1996 ukuya ku-2006. Izicelo zabo zaphasiswa nguMnyango ngaphansi kohlelo losizo ngezimali olwalubizwa i-Project Linked Subsidy. 

Lolu hlelo lwanikezwa inkampani okwakuthiwa yi-COMDEV, eyahluleka ukwakha izindlu noma ihlinzeke ngezinto zokwakha. Kwatholakala ukuthi ingxenye yezinye izindlu eyakhiwe futhi nguhhafu kuphela wezinto zokwakha owethulela abanye okufanele bazuze kulolu hlelo. 

Umnayango usolwa ngokuthi wehluleka ukwakha izindlu noma ukuhlinzeka ngezinto zokwakha abafakisikhalazo ukuze bakhe imizi yabo.

Uphenyo lwe-OPP lathola ukuthi isicelo zezimali zabafakisikhalazo zaphasiswa ngonyaka ka-1997 ukuya ku-2006. Abanye babafakisikhalazo bakhetha ukwakha izindawo zokuhlala ngezimali zabo, kanti abanye abanye baqenda ingxenye yezakhiwo zezindlu besebenzisa izinto zabo. 

Umvikeli womphakathi waphakamisa ukuthi uMnyango ufanele wakhe izindlu zabo bonke abazuzayo ozicelo zabo zaphasiswa ngo- noma ngaphambu kuka-2006. 

UMnyango kufanele uqedele izindlu ezishiywe kanjalo futhi uhlinzeke ngezinto zokwakha bonke abazuzayo ozicelo zabo zaphasiswa. 

Uphinde waphakisa ukuthi uMnyango usize abafakizicelo  abaqala ukwakha ukuba bakhe izindlu zabo ngokwabo, kodwa wehluleka ukuziqeda futhi anxephezele bonke labo abazabakhele izindlu zabo ngaphandle kosizo loMyango ngemuva kokuba babesebe bephasisiwe njengabazuzi. 

