Umfelokazo uthola  izimali zakhe ngemuva kokungenelela koMvikeli Womphakathi  

Umfelokazi wowaye sebenza KuwiKhwama Sokunxephezela  uthole inzuzo yempesheni yomyeni wakhe ongasekho ngemuva kenyanga yoku ngenelela koMvikeli Womphakathi uLawrence Mushwana.  

IHhovisi loMvikeli Womphakathi (i-OPP) lethule ngokwalo ukuqaliswa kophenyo lokubambezeleka okungafanele ekusetshenzweni kokukhokhwa kwenzuzo yisiKhwama Sempesheni Yabasebenzi Bakahulumeni (i-GEPF) kanye nesiKhwama Sokunxephezela kumfakisikhalo, uNks M du Toit. 

Lokhu kwenzeke ngemuva kufike ngaphambu kwe-OPP ukuthi uNks M du Toit, futhi naye owabe esebenza kusiKhwama Sokunxephezela, wayesalinde inzuzo okufanele ayithole, ngemuva kwezinyanga ezintathu umyeni wakhe ashona.  

Inzuzo ibingakakhokhwa yize kungukuthi wafaka konke okudingekayo njengoba kuchaziwe emthethweni yeMpesheni Yabasebenzi Bakahulumeni. 

Inzuzo obukufanele ikhokhelwe yena kwabe kuyimpesheni evela ku-GEPF kanye nemali yelivu evela eMnyango Wezabasebenzi okunguthi isiKhwama Sokunxephezela singaphansi kwawo. 

Ekuphenyeni, kwatholakala ukuthi ukubambezeleka kwaba ngumphumela wokuthi oshonile wabe engabhalisile njengomkhokhintela  ngokuhambisana noMthetho Wentwl ka-1962.  UMthetho udinga ukuba wonke umuntu othola umholwa okudonswakuwo intela engaphezulu kwemali eyisilinaniso sama-R120 000 ngonyakanyaka wokuhlola akhokhe intela.  Isikhundla somsebenzi oshonile kanye nezinga lomholo wakhe belidlula lesi silinganiso.  

Kungalesi sizathu, imiyalo yentela mayelana nenzuzo yokugcwaba yaliwa uma ifakwe oPhikweni Lwezentela Lwaseningizimu Afrika (i-SARS), kodwa-ke, umfakisikhalazo kucatshangelwa ukuthi akakaze athole okumazisayo mayelana nosekwenziwa okuvela ku-GEPF. 

Mayelana nemali eyinzuzo yelivu, uMnyango Wezemisebenzi watholwa ungalandelanga okuchazwe kwisiXazululo Sesi-7 Simkhandlu Wokuxoxisana Wabasebenzi Nabaqashi sika-2000.

Isixazululo sinquma ukuthi ngesigameko sokushona, izimali zelivu kufanele zikhokhelwe abantu abakhethwe njengabazuzayo futhi uma engekho okhethiwe ikhokhelwe umlingani noma umasihlekisane empilweni walowo oshonile. 

Ngemuva kokungenelela kwe-OPP, i-SARS yebeka isikhathi sokubonana no-Nks Du Toit. Kungapheli izinsuku ezingama-24 uNks Du Toit nomyeni wakhe ongasekho babhaliswa njengabakhokhi bentela futhi amafomu okuhlolwa kwentela ayesele afakwa, ngaleyo ngalokho evula indlela yokuba kukhokhwe inzuzo okwakufanele ayithole. 

Uphinde wancenga uMnyango Wezabasebenzi ukuba uqinisekise ukuthi Izincazelo zesiXazululo sesi-7 sika-2000 mayelana nokukhokhwa kwezimali zelivu ziyalandela. 

 

    

