Ukushada ngaphansi komthetho wosiko
Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Ukugana ngaphansi komthetho wenkambiso yezamasiko
Isicelo sokubhalisa umendo wenkambiso yokosiko
Ukubonisana negqwetha lomndeni
Ukushada ngaphansi komthetho wosiko
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo Kubantu
Ubudlelwane nezobulili
Ukushada ngaphansi komthetho wosiko
Ukushada ngaphansi komthetho wosiko
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Izincazelo
Umthetho we-Customary Marriages Act (ukushada ngaphansi komthetho wenkambiso yosiko) waphasiswa njengomthetho ngomhlaka 15 Novemba 2000. Uma wawusumendweni wosiko ngaphansi komthetho wosiko ngaphambi kwalolu suku, kusho ukuthi umendo wakho wamukelwe ngaphansi kwalo mthetho omusha. Uma owesilisa esevele enamakhasikazi angaphezu koyedwa, yonke le mendo yamukelwe ngaphansi kwalo mthetho omusha. Lo Mthetho wamukela umendo wosiko ongenelwe ngemuva kwalolu suku, kanye nokubeka imitheshwane yolawulo yokuthi abantu abaganana ngaphansi komthetho wosiko, okumele bayilandela ukuze imendo yabo yamukelwe.
Umendo wosiko wamukelwe uma abantu abaganana ngaphansi kwalo mendo wosiko belandela izidingo ezilandelayo:
Bobabili abantu abagananayo beneminyaka engu-18 noma ngaphezulu kwayo
Bobabili abantu abagananayo bevumelana ukuganana ngaphansi komendo womthetho wemendo yosiko
Umendo kumele kuboniswane ngawo, kube nomgcagco kanti futhi ungenelwe ngokulandela umthetho wezamasiko
Ilobolo akusona isidingo esenza ukuthi lo mendo wosiko wamukeleke emthethweni
Qaphela ukuthi le mendo yokosiko ibihlala njalo yamukelekile ngaphansi komthetho wezamasiko.
Ngabe kumele ngiwubhalise nini umendo wami?
Uma wawushade ngaphansi komendo wezamasiko ngaphambi komhlaka-15 Novemba 2000, umendo wakho kumele ubhaliswe naboMnyango weZangaphakathi. Uma washada ngemuva kokuba kuphasiswe umthetho, kumele ubhalise umendo zingakapheli izinyanga ezintathu.
Imendo yoSiko kanye nokuHlanganyela impahla Yonke imendo yosiko engenelwe ngaphambi kokuba lo Mthetho uqale ukusebenza, kusho ukuthi ingenelwe ngaphansi kokuhlanganyela impahla (in community of property). Lokhu kusho ukuthi umyeni nonkosikazi wakhe banesabelo esilinganayo empahleni, imali noma iprophathi, kanti lokhu kusho ukuthi bahlanganyele nezikweledu. Uma izinhlangothi zombili zithanda ukuthi umshado wabo ungabi ngohlanganyele impahla, kuzomele bangenele ikontilaki ngaphambi kokuganana eyaziwa ngelokuthi yi-ante nuptual contract. Uma befuna ukushintsha ngemuva kokuba sebeshadile, kumele benze isicelo eNkantolo ePhakeme.
Ngaphansi koMthetho womshado woSiko we-Customary Marriages Act, unkosikazi unelungelo nesikhundla esilinganayo nomyeni sokuthatha isinqumo ngokuthi kumele kwenzekeni ngempahla. Unkosikazi oganwe ngaphansi komthetho wosiko, unelungelo lokungenela isivumelwano (ikontraki) ngaphandle kosizo lomyeni.
Ngabe kwenzekani lapho umyeni wami efuna ukuganwa ngomunye unkosikazi?
Umyeni kumele angenele isivumelwano/ ikontilaki ebhaliwe, ezobeka ukuthi ngabe kumele kwenzekeni ngempahla, kanti futhi umyeni kumele enze isicelo enkantolo sokwamukelwa kwekontilaki ebhaliwe. Inkantolo kumele iqinisekise ukuthi amalungelo empahla awo wonke amakhosikazi avikelwe.
Kwenzekani lapho sifuna ukungenela umshado wesilungu ngemuva kokuba siganene ngaphansi komendo wokosiko?
Uma umyeni wakho engenawo amanye amakhosikazi, ningashada ngaphansi komthetho wesilungu (civil law) kanti futhi nangaphansi komthetho wosiko. Kodwa, wena noma yena, ngeke nakwazi ukungenela umendo wokosiko nabanye abantu lapho nisashadene ngaphansi komthetho wesilungu.
Phezulu
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umyeni noma unkosikazi angabhalisa umendo emahhovisi aseduzane ezoMnyango weZangaphakathi Kweluleka ukuthi nihambe nobabili ukuyobhalisa umendo ukuze ubhaliso lusheshise.
Kodwa uma omunye phakathi kwenu enqaba, ungayobhalisa uwedwa, kodwa ngokuletha ubufakazi obufanele.
o izinombolo zikamazisi (ze-ID) yakho, amagama, kanye nezinsuku zokuzalwa zakho (njengonkosikazi) nezomyeni wakho o amagama abazali bomyeni kanye nakankosikazi, kanye negama (namagama) ababusi ombusi wendabuko (bendabuko)
o imininingwane yesivumelwano selobola, kanti futhi o nabantu ababili ababengofakazi bomendo (ufakazi oyedwa kumele amele umyeni kanti omunye amele unkosikazi)
o incwadi ebuya kumholi wendabuko noma isitatimende esifungelwe kwabomthetho (i-afidavithi).
Ifomu kulele liqinisekiswe futhi lisayinwe phambi:
o kwesikhulu sobhaliso, noma o umuntu obekwe ngokomthetho, ogunyaziswe nguMqondisi-Jikelele (Director-General) ukwenza leyo misebenzi ngokulandela imitheshwana yenqubo (regulations).
Isikhulu sobhaliso, noma umuntu ogunyazwe ukwenza lokho, uzothumela isicelo kwabehhovisi eliseduzane lesifunda noma ledistriki, laboMnyango, ukuze bafakele lolu lwazi kurejista yobhaliso lwabo bonke abantu (population register).
Gcina isitifikedi endaweni ephephile, ngoba sibalulekile.
Phezulu
Umthetho osetshenziswayo
Phezulu
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Isitifikedi esifingqikwe sikhishwa ngaso leso sikhathi.
Isitifikedi esiphelele, sithatha amaviki ayisithupha ukuya kwayisishagalombili.
Isikhulu sobhaliso sizokwazisa (sizonazisa) uma senqaba ukubhalisa umendo wosiko njengoba kubekiwe emthethweni, sichaze nezizathu zokwala kwaso.
Phezulu
Izindleko
Izimali ezilandelayo zikhokhelwa aboMnyango weZangaphakathi:
o ukufuna nokukhipha futhi irejista yomend o wokosiko noma amanye amadokhumende asekelayo maqondana nerejista: Ngu-R53.
Kodwa uma kudingeke ngenhloso esemthethweni, kudingwa yisikhungo sikaHulumeni, lokhu kukhishwa mahhala ukunikezela okuvela (okubhalwe) kurejista yemendo yesintu: Ngu-R53
imali engu-R11 ikhishwa ngabaganani kumuntu ogunyaziwe maqondana nesicelo sobhaliso lomendo wesinto, esinikezelwa lowo muntu ogunyaziwe.
Sicela ubuze kumuntu enixhumana naye kwaboMnyango weZangaphakathi, ukuthi anichazele izindleko ezikhona (imali ekhokhwayo).
Phezulu
Amafomu okumele agcwaliswe
Amafomu atholakala kwaboMnyango weZangaphakathi
Qaphela:
Amafomu awatholakali kulayini we-internethi. Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lonyango.
Phezulu
Indawo nendlela yokuxhumana
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
