Inombolo yokubika ubugebengu
Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Izinkonzo ezitholakala kakhulu
Ukukhokhela intela yengeniso lezimali ezitshaliwe
Xhumana nathi
Izinkonzo zokusekela imindeni
Ngokuhlukunyezwa kwengane
Isicelo sokuthola umyalelo osemthethweni maqondana
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo Kubantu
Ukubhekana nomthetho
Ukubika ubugebengu izenzakalo
Inombolo yokubika ubugebengu
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Izincazelo
I-Crime Stop inezikhungo zokushayela izingcingo eziningi ezibhekene nokuqokelela ulwazi oluvela emphakathini ngezigebengu kanye nemisebenzi yazo yobugebengu. Amalunga omphakathi asizwa ngabasebenzi bama-call centre bezikhungo zokushayela izingcingo abaqeqeshwe kahle ngokuphendulana nezingcingo nokuthola ulwazi olufanele. Lokhu kwenza ukuthi abantu bakwazi ukwazisa abeNkonzo yezamaphoyisa aseNingizimu Afrika South African Police Service SAPS ngobugebengu ngendlela ephephile futhi engabafaki kwisimo sengozi. Uma ufisa ungakhetha ukuthi ungazidaluli ukuthi ungubani. Ama-agent arekhoda nanikeza ulwazi ngezingcingo nokuthi ngobani abashayelayo awavunyelwe kwi-Crime Stop ukwenzela ukuthi abashayela izingcingo bakwazi ukuhlala bengaziwa uma bengafuni ukwaziwa. Ulwazi olunikezwayo luthunyelwa kumafokisi abaphenyisisi.
Qaphela: lokhu kwenziwa kuphela ngokuthola imvume yakho.
Phezulu
Izinyathelo okumele zilandelwe
Oxhumana naye kwisikhungo sezingcingo (call centre) uzokubuza imibuzo, kanti uma ulwazi onikezela ngalo, lungasetshenziswa, uzokunikeza inombolo yekhodi yakho wedwa.
Uma ulwazi lungeke lwasetshenziswa, oxhumana naye uzokuchazela ukuthi kungani lungeke lwasetshenziswa nokukunikeza iseluleko sendlela ongathola ngalo olunye ulwazi olubanzi.
Ulwazi olungasetshenziswa luxhunyaniswa nenombolo yekhodi onikezwe yona.
Uzocelwa ukuthi ushayele ucingo e-Crime Stop kwinombolo ethi: 08600 10 111 ngesikhathi esithile ukuchazelwa ukuthi ngabe ulwazi lube wusizo yini kanye nokuthola umklomelo uma ukufanele ukuwuthola. (uma ucele umklomelo)
Okuxhunyanwa naye ngocingo uzobeka phansi ucingo uma engakholwa ukuthi usenguye lomuntu oke washayela ucingo kuqala. Lena yindlela yokuvikeleka esetshenziswayo futhi ngeke kwabanezingxoxo ngayo.
Abe-Crime Stop bazodlulisela ulwazi olunikezwe kwabeyunithi ethize ephenyisisayo, ukuze balandelele indaba, kanti futhi nokubanikeza isicelo sokuthi babuyise umbiko kumahora angu-24 ngomphumela wophenyisiso ngokushesha ngendlela okungakhonakala ngayo.
Uma oshayela ucingo ukubika ngobugebengu ekufanele ukuthola umklomelo, isikhulu esiphenyisisayo, yisona okumele sibhekane nodaba lomklomelo kanye nendlela yokuthola umklomelo, ngokulandela inqubo yokukleyima ye-NI2/2001.
Phezulu
Umthetho osetshenziswayo
Phezulu
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Abe-Crime Stop bazodlulisela ulwazi olunikezwe kwabeyunithi ethize ephenyisisayo, ukuze balandelele indaba, kanti futhi nokubanikeza isicelo sokuthi babuyise umbiko kumahora angu-24 ngomphumela wophenyisiso ngokushesha ngendlela okungakhonakala ngayo.
Uma wena oshayela ucingo ukubika ngobugebengu ukufanele ukuthola umklomelo, isikhulu esiphenyisisayo, yisona okumele sibhekane nodaba lomklomelo kanye nendlela yokuthola umklomelo, ngokulandela inqubo yokukleyima ye-National Information 2/2001.
Phezulu
Izindleko
Phezulu
Amafomu okumele agcwaliswe
Phezulu
Indawo nendlela yokuxhumana
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
