Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Isicelo sokunikeza inothisi yokufa
Isicelo sesitifikedi sokukhombisa ukuba msulwa ngo
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo amasevisi abangaphandle
Imisebenzi yamahhovisi amanxusa akithi emazweni amanye
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Izincazelo
Usizo oluphuthumayo:
Ukuthintana nabomndeni noma abangane abase South Africa egameni lezakhamuzi zaseMzansi azikwamanye amazwe uma kunenkinga ethize.
Ukuxhumana neziphathimandla zakuleyondawo ukuze zifune zize zibathole abakhi baseMzansi abakwamanye amazwe. Loku akubafaki labo abafunelwa amacala abawenzile befunelwa ukushushiswa.
Ukwelekelela imindeni ngokwenza ukuthi izimali abathumelana zona zifinyelele kulabo abasebunzimeni kwamanye amazwe.
Ukuphasa nokweluleka abantu abazithola basenkingeni yokuthunjwa.
Inhlobo yenkinga abantu abazithola bekuyona (njenge nhlekelele yenyukliya) nokulondolozeka kwabasebenzi bakahulumeni kungakhinyabeza indlela esiphuthuma ngayo ukuyosiza.
Uma umuntu eboshiwe:
Sithintana nabomndeni balabo Bantu ababoshwe kwamanye amazwe uma besicela ukuthi sense njalo.
Senza ukuthi izimali abathumelana zona zifinyelele kulabo ababoshiwe kwamanye amazwe, sibe sihlonipha imithetho yalawo mazwe, kanye nemithetho yabhange lase South Africa elikhulu I risevu bhange, yokuthunyelwa kwezimali kwamanye amazwe.
Senza ukuthi izincwadi ababhalelana zona, kanye nemithi abathumelana yona zifinyelele kulabo abasebunzimeni kwamanye amazwe. Loku sikwenza sithobela imithetho yegatsha lezangaphandle nezimali ezibhadalwayo uma uthumela utho ngaphandle nokuhlonipha imithetho yezwe elimbophile umuntu. Izimali ezibhadalwayo uma uthumela utho ngaphandle kuyenzeka zibukezwe ngokuhamba kwesikhathi.
Usizo lwezomthetho nokuthumela izincwadi zezinkantolo:
Ukusiza ekuthumeleni izincwadi zomthetho kubamangalelwa abakwamanye amazwe ngokulandela izindlela zezinkantolo zethu.
Ukusiza uma abanye befake isicelo sokuthi ummangalelwa athunyelwe ezweni labo azobhekana namacala athweswe wona, noma becele ulwazi oluthile mayelana namacala abantu bezwe lakithi abakumanye amazwe, nasekuthumelaneni imithetho ethile evela kulelinye izwe iye kwelinye, nobufakazi obudingekayo ngokulandela izindlela zezinkantolo zethu.
Sithumela nezitifiketi nezincwadi ezithile zemithetho nokufakazela ukuthi ziyizona ngempela ezakwahulumeni.
Silekelela namaqoba obugebengu ngezindlela eziningi ngaphandle kosizo lwemali.
Sinikeza izeluleko, nobuholi nokuphasa kubazali abazithola besenkingeni yokuthi abantwana bathwelwe ngenkani ngomunye wabazali bomntwana bahamba naye baya kwelinye izwe ngokusebenzisana nehhovisi lommeli womndeni. Lapho kunobufakazi bokuthi impilo nokulondolozeka komntwana kusengozini, lendaba iphathwa njengephuthumayo.
Sikunikeza nohlu lwabameli bakuleyo ndawo.
Eminye imisebenzi:
Siyakuboleka imali encane ephuthumayo (loku kwenzeka ngaphansi kwesimeko esithile nokuthi uzoyibhadala nenzalo yayo. Lemali iphuma uma umuntu enelise izidingo ezithile nabegatsha lasekhaya kumele bavume).
Sazisa nabomndeni uma kwenzekile umuntu wafa akwelinye izwe, noma ehlatshwe wukugula okuyingozi noma elimele kabi. Siyelekelela siphinde seluleke mayelana nezidumbu zabantu base South Africa abafele kwamanye amazwe, kodwa-ke asinikani imali.
Sicela iziphathimandla zakuleyo ndawo ukuthi ziphenyisise uma isakhamuzi saseMzansi sife ngendlela esolisayo noma sigetshengiwe.
Sinikeza ubuholi nezeluleko uma abantu bafuna ukuthola izintandane ngokusebenzisana negatsha lentuthuko yezenhlalakahle.
Sinikeza usizo nobuholi kubantu bakwamanye amazwe mayelana nabantu bamazwe abo abase South Africa.
Sinqeda abafuna ulwazi noma sibalayele ukuthi bangaya kuphi ukuze bathole usizo abaludingayo.
Yimiphi imisebenzi noma usizo esingaluniki singamanxusa akahulumeni?
asikukhiphi ejele asingeni phakathi emihambisweni yezinkantolo zamanye amazwe asinikani izeluleko ngezomthetho asigxamalazeli noma siqale ukuqubeka kwemisebenzi yenkantolo asiceli iziphathimandla zendawo ukuba baphathe abantu baseMzansi ngedlela yokukhetha asiphenyi amacala obugebengu noma okufa emazweni asikuphenyeli ubugebengu kwelinye izwe asibhadaleli ukushiswa kwesidumbu, ukunqwaba noma ukuthwala isidumbu usibuyise ekhaya e South Africa asimthathi umntwana obethunjiwe esiphoceleli umthetho wase South Africa wokuthi umntwana unikwe bani enkatolo noma siphocelele inkantolo yelinye izwe ukuthi ikhiphe isigwebo ngokuthi umntwana unikezwa bani asikukhokheli ehotela, kubameli kubodokodela noma ezinye izindleko asikukhokheli imali yokuhamba asewenzi umsebenzi wabezokuthutha nabezezindiza noma amabhange asikutholeli indawo yokuhlala,nomsebenzi noma sikutholele iphomedi yokusebenza asikugcineli impahla noma sikufunele okulahlekile asemukeli izincwadi zakho zeposi asikunukezi izinzuzo zakho zempesheni nezabelo ezithize asibalekeleli abantu abayizakhamuzi zamazwe amabili kulelozwe lesibili.
Phezulu
Izinyathelo okumele zilandelwe
Thintana nomele izwe lase oseduzane nawe, noma ihhovisi lomqondisi omkhulu, igatsha lamanxusa kwigatsha lezangaphandle epitoli. Kuzoya ngenhlobo yosizo olufunayo, kuzodingeka umazisi wakho osebenzayo, uma ungabaza, shaya ucingo ufunisise.
Imisebenzi yamanxusa isebenza amahora eyi 24 , izinsuku ezingu 7 ngeviki, ngempela sonto nakusihlwa usizo ulinikezwa ngokubambisana nondlu yokwelekelela yegatsha esepitoli.
Phezulu
Umthetho osetshenziswayo
Phezulu
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
usizo isikhathi esithathwayo
Ukusukumela phansi okuphuthumayo
Khona manje
Ukuthintana nabomndeni noma nabangani uma kukhona okuphuthumayo
Khona manje
Ukusiza ngokubuyisela isidumbu ekhaya, noma kudingeka usizo lodokodela noma usizo loqhwepheshe
Amahora angu 24
Ukwazisa abomndeni uma kukhona ofile
Khona manje
Ukwazisa abomndeni uma kunengozi engahle imbulale noma elimele kakhulu
Khona manje
Usizo lokwamukela isidumbu noma ukunqwaba kwelinye izwe.
Amahora angu 24
Ukwelekelela ngokuthi izimali abathumelana zona zifinyelele kwabazidingayo
Amahora angu 24
Amahora angu 24
Amahora angu 24
Amahora angu48
iziboshwa
Ukuthintana nabomndeni beziboshwa kwamanye amazwe uma becelwe yisiboshwa amahora angu 72
Ukuqubekisa izincwadi nemithi kuziboshwa kwamanye amazwe..
amahora angu 72
Ulwazi lapha ekhaya -izicelo zolwazi nezeluleko mayelana nokulandelayo:
Imithetho yentelo amahora angu 72
Ezokundiza amahora angu 72
Ezenhlalakahle amahora angu 72
ezomthetho amahora angu 72
Ezokuhamba amahora angu 24
Ezemfundo amahora angu 72
Ukwenza ukuthi usizo luqubeke amahora angu 72
Ukwenza ukuthi ezinye eziphathelene nomthetho zifezeke amahora angu 48
Imisebenzi yamanxusa engabhekiwe:
amahora angu 72
Phezulu
Izindleko
Awukhokhelwa lomsebenzi.
Phezulu
Amafomu okumele agcwaliswe
Thinatana nehhovisi legatsha eliseduzane nawe.
Phezulu
Indawo nendlela yokuxhumana
Ucingo:
Ikheli lendawo:
Ikheli leposi:
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Ukuxhumana okuhambelanayo uMnyango wezangaPhandle
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
