Umgunyathi wenkohliso ye-419 kanye nenkwabaniso yama-lottery
Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Ukubika ubugebengu ngaphandle kokuzidalula igama
Ngokuhlukunyezwa kwabantu asebegugile
Fakela isaziso ngokufa okwenzekile
Umgunyathi wenkohliso ye419 kanye nenkwabaniso yam
Inombolo yokubika ubugebengu
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo Kubantu
Ukubhekana nomthetho
Ukubika ubugebengu izenzakalo
Umgunyathi wenkohliso ye419 kanye nenkwabaniso yam
Umgunyathi wenkohliso ye-419 kanye nenkwabaniso yama-lottery
Izincazelo
Umgunyathi wenkohliso ebizwa nge-Nigerial Letter Scam, iyinkohliso ethembisa ukufakela imali kuqala Le nkohlisi ibuye yaziwe ngelokuthi yi-"419 scam", kanti ivamise ukwenziwa ngumkhohlisi, ovame ukuba yilunga leqembu lezigelekeqe (criminal syndicate). (Kodwa kumele kuqaphelwe ukuthi, ngisho noma lenkohliso yaqala eNigeria, sekukhona nezigelekeqe zakwamanye amazwe kuyo).
Le nkohliso isungulwa ngumkhohlisi ngokuxhumana nenkampani ethize ngokuyithumela ifekisi, incwadi noma i-email. Kwenziwa isiphakamiso sebhizinisi, lokhu kwenziwa yiqembu lezigelekeqe ezezikhohlise ngokuthi ziyizikhulu zikahulumeni. Abakhohlisi baqamba amanga bathi banesamba semali yebhajethi eningi ngokweqile, imvamise bathi ingamadola aseMelika. Isiphakamiso sebhizinisi sivame ukuchaza ukuthi banesamba semali eningi ngokweqile, abafuna ukuyikhipha ezweni lakubo bayifakele ebhangi langaphandle kwalelo lizwe evela kulo. Umuntu othola leyo ncwadi uvamise ukuthenjiswa ukuthi uma engasiza uzothola amaphesenti angu-20 ukuya kwangu-35 aleyo mali ezodluliselwa ebhangi njengekhomishini ngokuvuma ukuthi kusetshenziswe i-akhawunti yakhe yabhangi.
Imali ikhishwa kulowo ovumile ukusebenzisana nabo ngezindlela ezehlukene:
Lowo ovumayo ukusebenzisana nabo uyaye acelwe ukuthi afakele imali kwi-akhawunti yebhangi elithize yokusiza ukubhekana nezindleko zokudlulisa le mali.
Uma esekhokhele leyo mali, uvamise ukutshelwa ukuthi kuvele "isixaka-xaka" thizeni, ngakhoke kumele afakele enye imali futhi.
Kuvamise ukuthi kwenziwe amalungiselelo omhlangano nalowo muntu kwelinye izwe, kanti uma lowo muntu eselapho kulelo lizwe, uthathelwa ipasipoiti yakhe, naye abanjwe ukuze enze amalungiselelo okufakelwa kwenye imali kwi-akhawunti yezigelekeqe.
Kungasetshenziswa ama-letterhead abonakale engawangempela kanti awambumbulu ukufakela imininingwane yeBhangi, ukudlulisela imali yalowo muntu obanjwa inkunzi esuka kwi-akhawunti yakhe ifakelwa kwi-akhawunti yezigelekeqe.
Inkohliso yomgunyathi ivamise ukusungulwa wumkhohlisi ngokuxhumana nabantu nje yonke indawo, kuvamise ukusetshenziswa i-email. Umkhohlisi uyaye athi uyisikhulu esimele inkampani ye-Lottery, kanye nokweluleka umuntu, ukuthi uwine imali yelotho, lapho umuntu engathenganga nathikithi lelotho. Basho izinombolo eziwinile ezincwadini abazibhalayo, ngisho noma iNkampani yeLotto abakhohlisi abathi basebenzela yona ikhona ngempela, izinombolo abakhohlisi abazikhiphayo ziyizo ngempela eziphumela (njengoba zishicilelwe yinkampani), lokhu kuyinkohliso yenkwabaniso. Lezi zindlela zomgunyathi wenkohliso zisetshenziswa ngabe-419 scam ukuphuca abantu ababakhohlisayo izimali.
Ukuze uthole olunye ulwazi olunabile, ngena kwi-website yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika.
Izinyathelo okumele zilandelwe
Uma uthola incwadi yenkohliso yomgunyathi ihambise incwadi, nolwazi kwabe-Interpol.
Nikeza imininingwane yokuxhumana nawe kanye nezinombolo zocingo, noma zalowo muntu (zalabo bantu) abathintekayo.
Nikeza ngemininingwane yabhangi (uma kufanele).
Uma kunokuxhumana phakathi kwesikimu se-"419" kanye neNingizimu Afrika, chaza lokhu kahle nayo yonke imininingwane efanele.
Nikeza imininingwane yokuxhumana nawe kanye nezinombolo zocingo, noma zalowo muntu (zalabo bantu) abathintekayo.
Imithetho nemigomo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi kanye nesikhathi sokwenziwa komsebenzi
AbeNkonzo yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika (South African Police Service) yibona ababeka isikhathi esizothathwa ekwenzweni komsebenzi, sokukhipha umbiko wokuthi kuqhubekeka kanjani ngomsebenzi. Imibiko ivamise ukukhishwa njalo emavikini amabili kuye ngesimo sodaba nodaba.
Izindleko (Imali ekhokhwayo)
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
Amafomu okumele agcwaliswe
Awekho, kodwa kubalulekile ukukhombisa kumadokhumende uma kube nokuhlahlekelwa zimali okwenzekile.
Imininingwane yokuxhumana
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
