Isicelo samalungelo okwandisa izinhlobo zezitshalo
Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Ukuhlolwa kwamasampuli asemthethweni ezimbewu
Ukuhlola imbewu lapho kunesikhalazo kanye nengxaba
Isicelo sokukhishwa kwezitifikedi ze ISTA
Isicelo samalungelo okwandisa izinhlobo zezitshalo
Isicelo sokwamukelwa kwenhlobo yesitshalo
Isicelo sokwamukelwa kwemisebenzi emaqondana
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izimvume namalayisense
Ukukhiqiza izitshalo
Isicelo samalungelo okwandisa izinhlobo zezitshalo
Isicelo samalungelo okwandisa izinhlobo zezitshalo
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Izincazelo
Izingxenye zezitshalo ezisetshenziswa ukwandisa ezingakaze zithengiswe eNingizimu Afrika isikhathi esingaphezulu konyaka.
Zikwisimo sezinhlobo zesihlahla, noma umvini, izingxenye ezisetshenziswa ukwandisa, ezingekho kwelinye izwe, ngokuhweba noma kwimiphakathi esikhathini esingaphezulu kweminyaka eyisithupha, noma kwisimo sanoma yiyiphi inhlobo yesitshalo, kwiminyaka emine.
o kumele zibe ngezihlukene kwezinye ngendlela ecacile kunenye inhlobo ecishe ifane nalena o kumele ibesabuyunifomu, okusho ukuthi zonke izitshalo ezitshalwa ngasikhathi sinye kumele zibukeke zifana kanti futhi zibe ngezezinhlobo efanayo (same characteristics).
o kumele kube ngezizinzile (stable), izitshalo zohlobo oluthile, ngemuva kokutshalwa kaningi-ningi (repeated cultivation), kumele zihlale zisefana nezitshalo zakudala.
Phezulu
Izinyathelo okumele zilandelwe
Uma uhlobo lwesitshalo lukwithebuli, kuzofuneka ufakele okulandelayo:
o izimali ezibekiwe okumele zikhokhelwe isicelo nohlolo o imbewu noma izinqanyana ezisetshenziselwa ukwandisa izitshalo o isigunyaziso esibhaliwe somnikazi, uma ungeyena umtshali owandisayo, inhlobo ekhethiwe noma yathuthukiswa.
Sicela ucacise kwi-questionnaire (kuhla lwemibuzo) ukuthi lenhlobo kumele iqhathaniswe naziphi izinhlobo ezaziwayo eNingizimu Afrika, izinhlobo ezintsha kumele ziqhathaniswe ukubona ukwehluka kwazo.
Ungenza isicelo sovikelo lwesikhashana senhlobo. Lokhu kusho ukuthi inhlobo ivikelwe ngaleso sikhathi sokuhlolwa. Kumele unikeze isibopho esibhaliwe sokuzimisela ukuthi ngeke uthengise (ngaphandle kwenhloso yokwandisa noma ukulinga - testing), noma yiziphi izinqanyana zokwandisa (propagating material) zenhlobo yesitshalo ehlolwayo kuze kufinyelele lapho lonke uhlolo seluphethiwe kanti amalungelo okwandisa isitshalo esinikeziwe. Kunconywa ukuthi kube novikelo lwesikhashana kwizitshalo lapho kwenziwa izinhlobo zohlolo ezithatha isikhathi esingaphezulu konyaka.
Uma uhla lohlobo lukhona kwinhlobo yesitshalo eyenzelwa isicelo samalungelo okwandiswa kwesitshalo, fakela izicelo kanye-kanye ukuze wonke isikhathi nemali.
Phezulu
Umthetho osetshenziswayo
Phezulu
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Inqubo yokuhlolwa kwamalungelo okwandiswa kwesitshalo ithatha cishe isizini eyodwa yokutshala (growing season).
Phezulu
Izindleko
Isicelo sokunikezwa ilungelo lokwandisa isitshalo: Ngu-R1 300 lulunye
Isicelo sokunikezwa ilungelo lokwandisa isitshalo: Ngu-R4 500 lulunye
Imali yonyaka yelungelo lokwandisa isitshalo: Ngu-R250 lulunye
Isicelo sokukhishelwa ilayisense eyisibopho maqondana nelungelo lokwandisa isitshalo: Ngu-R3 600 lulunye
Isicelo sokunikezwa ilungelo lokwandisa isitshalo: Ngu-R650 lulunye
Isicelo sokushintsha noma ukufakela esinye esikhundleni sesinye kuhlobo olwamukelwe kuleyo nhlobo: Ngu-R1 500 lulunye
Ukuphikisa ukwamukelwa okuhlosiwe kokushintsha noma ukufakela okunye esikhundleni sokunye kuhlobo olwamukelwayo kuleyo nhlobo: Ngu-R650 lulunye
Ukuphikisa ukumiswa okuhlosiwe kwelungelo lokwandisa isitshalo: Ngu-R650 lulunye
Inothisi yokubuyisela emuva ngokuzinikela ngokwakho ilungelo lokwandisa isitshalo: Kwenziwa mahhala
Phezulu
Amafomu okumele agcwaliswe
Phezulu
Indawo nendlela yokuxhumana
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Ukuxhumana okuhambelanayo uMnyango wezoLimo
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
