zulu.991.drogba
Umgadli waseWest Africa
Ngesinye isikhathi ngiyadayiva…
Sinethulela uDidier Drogba okumanje nguye onguMdlali weBhola woNyaka e-Africa
indaba ngu-ISAAC KWELA
izithombe ngabeGALLO IMAGES/GETTY IMAGES
I-YAMOUSSOUKRO kungaba yinhloko-dolobha esemthethweni kodwa i-Abidjan isalokhu iyidolobha elikhulukazi eCôte d’Ivoire. Le ndawo ise-Ébrié Lagoon, ibhekene neziqhingi ezihlanganiswe amabhuloho.
I-Abidjan ithathwa njenge “Paris yaseWest Africa” ngenxa yamapaki ayo, amanyuvesi, ingqephu yefeshini ephambili nezikhungo zokugcinwa komlando.
Enye yamadodana aleli dolobha lodumo uDidier Yves Drogba Tébily, naye osezakhele udumo emhlabeni kwezebhola, wazalwa khona ngoMarch 11, 1978.
UDROGBA wayeneminyaka emihlanu ngesikhathi ethunyelwa ukuyohlala nomalume wakhe eFrance. Umalume wakhe uMichel Goba, wayengumdlali webhola elikhokhelayo kanti nguye owakhuthaza uDrogba ukuba adlale ibhola. Ukuphumelela kukaDrogba ukuze afinyelele phezulu kulo mdlalo, yingenxa yokwethenjwa abaqeqeshi abathathu.
Emva kokudlalela amaqembu amaningana, uDrogba waliyeka ibhola ngesikhathi eseneminyaka engu-14 ukuze agxile ezifundweni zakhe kodwa uJacques Loncar, owayenguthisha wasePE futhi eqeqesha intsha kwiLevallois, okuyiqembu lama-amesha endaweni yaseParis, nguye owamnxenxa ukuba abuyele ebholeni.
“UDidier wayehlala endaweni eqhele ngamakhilomitha angu-50 kunekilabhu yakhe kunzima ukuba afike lapho bezilolonga khona,” kusho kukhumbula uLoncar. “Kwakudingeka athathe izitimela eziningi namabhasi aze egcine efike emva kwesikhathi njalo.”
“Wasuka lapho wayohlala eLevallois nokuyilapho indlela yokuphila kwakhe yashintsha. Ngangiqiniseka ukuthi ufika ngesikhathi ngimkhuthaza ukuba adle ngendlela eyiyo hhayi amasemishi namabhega.
“Wakhombisa enkulu intuthuko emva kwalokho, eshaya amagoli asuka ku-20 kuya kwangu-25 isizini ngesizini phakathi kweminyaka engu-14 nengu-18.”
ULoncar wenza izincomo ngoDrogba kwiLe Mans, ngaleyo ndlela wajoyina ikilabhu ka-second division ngo-1997 eneminyaka engu-19. Kulapho akha khona ubudlelwane obuhle nebhola elikhokhelayo - kanjalo nanomqeqeshi wentsha uMarc Westerloppe.
UWesterloppe wanika uDrogba umdlalo wakhe wokuqala ebholeni elikhokhelayo emva kwezinyanga ezimbalwa, kodwa ukuzibonakalisa kwakhe kwakhutshazwa wukulimala nokungazethembi.
Kwamthatha cishe iminyaka emine ukuba naye azakhe nangokomdlalo agweme nokulimala. Kodwa eseneminyaka engu-22 wayesekulindele ukuzibonakalisa.
Ngeshwa uWesterloppe waya kwelinye iqembu, kwathi owathatha isikhundla sakhe, wangaba nalo mdlali wase-Africa ezinhlelweni zakhe.
LO mdlali ongubude obungu-1,9 metre wehliselwa esikimini esincane. Umsebenzi wakhe wokudlala wawungayi ndawo. UGuy Lacombe, omunye owayengumqeqeshi wentsha kwiLe Mans wathatha ushansi wamsayinisa kwi-En Avant Guingamp eyayidlala ngaphansi kukaFirst Division.
“Wayeziqeqesha kahle kodwa futhi kudingeka ukuba azibonelele ngokuba asheshe alale, adle ngendlela eyiyo,” kusho uWesterloppe.
ULacombe ukholwa wukuthi uDrogba kwiGuingamp kulapho azibonakalisa khona eshaya amagoli angu-29 kwisizini nengxenye.
“UDidier kwamthatha esikhulu isikhathi ukuba abe nokuzethemba. Kwathi lokho uma kwenzeka, wangabe esabheka emumva,” kusho yena.
Ukudlala kahle kwiGuingamp kwaholela ekutheni asayiniswe yi-Olympique de Marseille. I-Marseille yayibhekene nesikhathi esinzima, kodwa uDrogba wakhombisa elikhulu ikhono washaya amagoli angu-19 wawina nomklomelo wokuba ngumdlali wonyaka eFrance.
UKUSAYINA kwakhe ngo-£24 million kwiChelsea ngoJuly 2004 kwaba wukuqopha umlando kuleli qembu ngaleso sikhathi. UDrogba wakwazi futhi ukuba azibonakalise kwiPremier League, nokuyilapho ashaya igoli emdlalweni wakhe wesithathu elishaya ngekhanda bedlala ne-Crystal Palace.
Ukudonseka komsipha esiswini kwamenza wangadlala isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezimbili, kodwa futhi waba ngowesibili elandela uThiery Henry ngokushaya amagoli.
UDrogba washaya amagoli angu-16 emidlalweni engu-40 ngesizini yakhe yokuqala. IChelsea yawina isicoco seligi okwesibili eminyakeni engu-50, neCarling Cup, lapho uDrogba washaya igoli esikhathini esengeziwe kwifayineli behlula iLiverpool ngo-3-2 eMillennium Stadium.
Wayiqala kahle isizini ka-2005/6 nokuyilapho washaya amagoli amabili kwiCommunity Shield bedlala ne-Arsenal. Wawina imiklomelo yokuba yi-man-of-the-match emidlalweni emibili abayiwina ngo-4-1, owodwa bedlala neLiverpool e-Anfield, omunye bedlala neWest Ham United, nokuyilapho ashaya igoli lokuqala, wakhela uHernán Crespo elesibili.
EMVA kwalokho kwaqubuka indida ngesikhathi uDrogba esolwa ngokukhwabanisa iChelsea iwina ngo-2-0 idlala neManchester City. Wabonakala ethinta ibhola ngesandla ngaphambi kokuba ashaye igoli lakhe lesibili nokuyinto abamaphepha abayibiza ngokuthi yi-“hand of Drog” beyisusela esehlakalweni sikaDiego Maradona i-“hand of God”.
Waphinde futhi wasolwa ngokudayiva aziwise emva kokudlalwa kabi. Wakubeka kanje exoxisana nabeBBC: “Ngesinye isikhathi ngiyadayiva, kokunye ngingawi” - nakuba asheshe wazikhuza kulokho kuphawula kwakhe.
“Ukudlala kabi” kuzomncisha amathuba okungenela i-golden moment emlandweni webhola ezweni laseCôte d’Ivoire…
UDrogba wasiza izwe lakhe iCôte d’Ivoire ukuba liphumelele ukungenela imidlalo yendebe yomhlaba eGermany ngo-2006 okokuqala ngqa emlandweni, nokuyilapho ashaya khona amagoli angu-9 emidlalweni yokuhlunga - nokungelinye lamarekhodi aphambili emidlalweni yamazwe omhlaba.
EGermany iCôte d’Ivoire yaqhathwa namazwe ayingozi okwakukhona kuwo iSerbia And Montenegro, iNetherlands ne-Argentina. NgoJune 10, 2006 uDrogba washaya igoli lokuqala ngqa leCôte d’Ivoire kwiWorld Cup emdlalweni wabo wokuqala bedlala ne-Argentina, kodwa ngeshwa bagcina ngokwehlulwa ngo-2-1.
I-Côte d’Ivoire yakhishwa kulo mqhudelwano emva kokwehlulwa yiNetherlands ngo-2-1. Emdlalweni wabo wokugcina bedlala neSerbia And Montenegro bagcina sebewina ngo-3-2 emva kokukhava u-2-0 nokwakungumdlalo wabo wokugcina eqoqweni lamaqembu ababeqhathwe nawo.
Ngeshwa uDrogba waphoqeka ukuba angadlali kulo mdlalo abaphumelela kuwona ngoba wayekhishiwe.
Etshela abeTV yaseGermany wathi “uyaziqhenya” ngabadlali bezwe lakhe ngoba benze i-Africa yonkana yaziqhenya nayo ngabo.
NGOKUGXEKWA abemithombo yezindaba eBrithani, uDrogba kwabikwa ukuthi ucabanga ukubuyela emumva kwiMarseille. Kodwa ngoJune nyakenye wavuselela ikontileka yakhe wathi uzimisele ukudlala nabadlali abasha abafana noMichael Ballack, Andriy Shevchenko, Salomon Kalou noMikel John Obi.
Njengoba iChelsea isihlele ukudlala indlela ye-4-4-2 emva kokudlala eye-4-3-3, lokhu kuzosiza ukuba adlale kahle ngokubambisana no-Andriy Shevchenko phambili.
Kule sizini uDrogba simbone eyeka ijezi elingunombolo 15 aligqoke kuChelsea kusukela ngo-2004, wagqoka elingunombolo 11 elashiywa nguDamien Duff, aligqoka futhi noma edlalela izwe lakhe.
NgoFebruary 2007, wayeseshaye amagoli angu-28 kuyo yonke imiqhudelwano yeChelsea kanti kwakunguye owayehamba phambili kwiLigi enamagoli angu-17.
Ngo-March 2007, wavotelwa njengoMdlali woNyaka wase-Africa.[z]
BONA ZULU – May 2007
KWESOBUNXELE: UDidier nomklomelo wakhe wokuba nguMdlali woNyaka e-Africa.
NGENHLA KWESOKUDLA: UDrogba ngumdlali osezakhele olukhulu ugazi kubalandeli.
BONA ZULU – May 2007
u
t
UDrogba usezibonakalisile ebholeni
NGENHLA: UDrogba edlala eqenjini lakhe iChelsea.
BONA ZULU – May 2007
