zulu.960.cup
Adlala, kodwa lutho amagoli!
Njengoba sazibonela ngawethu okwenzeka eGermany, amazwe ase-Africa asaqhubeka nokusidumaza ngokwehluleka kwawo ukufaka amagoli
BONA ZULU – September 2006
nguMARK GLEESON
izithombe ngabeTOUCHLINE PHOTO
ELASE-AFRICA lalihlobe ngemibala yalo yesizwe kwiWorld Cup, kodwa enkundleni lakhombisa ngokusobala ukuthi lisenenkinga enkulu. Amazwe anjengeCote d’Ivoire neGhana aliqhakambisa ithalente lawo kodwa aphinda ahluleka ukufinyelela lapho amanye ake afinyelela khona.
YiGhana kuphela eyadlulela emzuliswaneni wesibili emazweni amahlanu ayemele i-Africa.
Ukudlala kwayo ngokuzimisela ngesikhathi ibhekene neBrazil emzuliswaneni wesibili kwayakhela ugazi kodwa ngabe sikhuluma olunye udaba ukuba iBlack Stars yafaka amagoli yasebenzisa amathuba amaningi eyawathola.
Kunalokho yagcina ishaywe ngo-3-0.
Amazwe ase-Africa ayawakha amathuba okufaka amagoli kodwa inkinga ibe sekuwafakeni.
Elase-Africa lisenenkinga yokungabi nabaqeqeshi abavuthwe kahle neyokungasimami kwebhola nokwenza ingabibikho inqubekela-phambili emazingeni aphezulu.
Ibhola lithandwa ngendlela emangalisayo e-Africa kanti abalandeli bayahluleka wukubekezela uma impumelelo ingekho.
ABAQEQESHI nabadlali bashintshwa njalo kanti lokho kwenza kungabi lula ukuthi amaqembu esizwe enze izinhlelo ezizothatha isikhathi eside.
Uma senza isibonelo, izwe lase-Ivory Coast elaba neshwa lokukleliswa namazwe anzima ebholeni (anjenge-Argentina, i-Netherlands, neSerbia and Montenegro), linabadlali abasebancane abangenza ezibukwayo ngomuso.
Abaningi babheke ukuthi leli lizwe liyobe likwifayineli yeWorld Cup ka-2010 eyobe iseSouth Africa.
Emva kokuba elase-Ivory Coast liwine umdlalo walo wokugcina elaliwudlala neSerbia and Montenegro – nokuyilapho sabona khona leli lizwe elalishaywa ngamagoli amabili libuya liwina umdlalo kwiFIFA World Cup – umqeqeshi walo uHenri Michel wabeka phansi izintambo wayosebenza eMiddle East.
Sengathi neGhana izohlukana nomqeqeshi wayo uRatomir Dujkovic waseSerbia phezu kwezimanga azenza njengoba afaka iBlack Stars kumafayineli eFIFA World Cup okokuqala ngqa yabuye yadlulela emzuliswaneni wesibili.
Ngesikhathi uDujkovic efika e-Accra ngoDecember 2004, leli qembu lalilele isithathu kuyiBafana Bafana eyayiphezulu ngesikhathi kuhlungelwa eyeWorld Cup kodwa ukungashaywa kwaleli lizwe kwenza kwaba yilona eliya eGermany.
Naye wahlanganisa iqembu labadlali abasebancane abanekhono elabonakala kahle mhla bedlala neCzech Republic neMelika emidlalweni abayiwina. Kodwa ukuhamba kwakhe kungayikhubaza kakhulu iGhana njengoba kuyiyona ezosingatha imidlalo ye-African Nations Cup ekuqaleni kuka-2008.
ELASE-TUNISIA lisazomgcina umqeqeshi walo ongowaseFrance uRoger Lemerre phezu kokuba lashaya into ephansi kwiWorld Cup. Ladlala i-draw eyodwa emidlalweni emithathu kanti labuye laba neshwa lokulinyalelwa abadlali balo abamqoka abanjengoFrancileudo dos Santos.
Elase-Angola, elamangaza abaningi njengoba lakwazi ukungena kulo mqhudelwano, kumele lizishaye isifuba ngoba ladlala ama-draw amabili lashaywa yiGermany. I-Togo nayo yadumaza kakhulu.
ElaseTogo lalinenkinga yempi elaliyilwa ngaphandle kwenkundla lapho kwakunokungaboni khona ngaso linye ngendaba yamabhonasi nokungaziphathi kahle kweziphathimandla zakhona nokuyizinto ezalithikameza kakhulu.
Ukuphikisana ngendaba yemali kunokugxila emdlalweni kwasehlisa isithunzi se-Africa.
Ukubika kwabadlali ngenkohlakalo yeziphathimandla zakhona kwaholela ekutelekeni kwabadlali kanti nomqeqeshi walo u-Otto Pfister ongowaseGermany wagcina elidubile.
Manje elase-Africa selibheke ku-2010 okulindelwe lukhulu kuwona – kodwa okwenzeka eGermany kwalahlisa ithemba.[z]
Indlela eya ku-2010
I-Ghana yiyo kuphela emazweni ase-Africa eyadlula emzuliswaneni wokuqala kwiWorld Cup eGermany.
KWESOKUDLA: UMoustapha Salifou (kwesobunxele) noJean-Paul Abalo baseTogo bevimba uThierry Henry waseFrance.
BONA ZULU – September 2006
NGEZANSI KWESOBUNXELE: URatomir Dujkovic ongumqeqeshi weGhana.
KWESOBUNXELE: U-Aruna Dindane weCote d’Ivoire.
