zulu.95.filler
Ukuvula izivalo
Ngabe isivalo sebhodlela le-peanut butter yakho siqine kangangoba kulukhuni ukusivula- Nantu usizo!
Ngesikhathi izinto ezifakwa emabhodleleni zenziwa, kuba khona umoya omncane ongenayo osiza isivalo sikwazi ukuvaleka ngci nokwenza ukudla kuhlale kufreshi futhi kuhlale isikhathi eside. Ngabe mhlawumbe yiwo lo moya owenza isivalo siqine kakhulu.
Zimbili izindlela zokusixegisa. Okokuqala, zama ukusixegisa ngamanzi antukuntuku ozowathela kusona. Noma, okwesibili thatha isipuni sokhuni, noma isibambo sommbese ulokhu usishaya ekugcineni kwesivalo sebhodlela.
Ukuze ukwazi ukubambisisa isivalo ezivaleke kakhulu, beka i-tea towel emanzi uyizungezise kusona.
Ujusi kalamula!
Ayikho into efana nokukhama ujusi kalamula ukuze ulimi lwakho ekuzweni izinto lusebenze kahle. Uma uthenga ulamula usuke ufuna ukuwusebenzisa. Nazi izindlela zokuwusebenzisa...
Ngaphambi kokukhama ulamula, ucwilise endishini yamanzi ashisayo imizuzu engu-15, uzomangala ukuthola ukuthi kuphuma uketshezi oluningi kangakanani.
Wake wazama ukukhamela ulamula enhlanzini yakho kwaze kwatheleka isivakashi sakho ebusweni etafuleni- Gwema lokhu ngokuba uwubhoboze ngemfoloko izikhathi ezimbalwa.
Ukugeza i-corn
Ayikho into enambitheka kamnandi kuneklamuzelayo i-sweetcorn ebrayiwe yathoswa ngemajarini. Ave imnandi! Ngabe kodwa akukucasuli okusasilika okukuyo- Indlela elula yokukususa wukuba ukuphale nge-vegetable brush ngaphansi kwamanzi agijimayo ngaphambi kokuba uyipheke.
Ukungcolisa kwe-sauce
Izingane ziyayithanda i-tomato sauce...ngisho ngabe ifakwe kuphi. Kodwa kunzima ukuyithela kuze kudingeke ukuba zitshekise ibhodlela zilishaye esinqeni bese iphuma kakhulu igcwala yonke indawo. Ikhona indlela yokugwema lokhu! Ukungavumi ukuphuma kwayo kudalwa wumoya ebhodleleni. Okufanele ukwenze ukuze iphume kahle, wukufaka i-straw (noma ummbese) phakathi ebhodleleni.[z]
Izinkinga ezincane zasemakhishini zingagcina sezizinkulu. Nazi izeluleko zokwenza impilo ibe lula
Okungakusiza ekhishini
BONA ZULU - May 2007
