zulu.959.ronaldo
“Abanye abadlali bawagoba kahle amabhola, bakhahlele, noma baphase kahle kodwa uRonaldo muhle kukona kokuthathu,” kusho omunye wababhali bezebhola.
indaba ngu-ISAAC KWELA
izithombe ngabeTOUCHLINE PHOTO
Uyashesha ebholeni
BONA ZULU – January 2007
Isihlabani esinguCristiano Ronaldo
NguRonaldo wesibili
ukuvelela emdlalweni webhola emhlabeni,
kanti abanye
bathi ungcono kakhulu kuno ‘bizo’ wakhe
waseBrazil...
NAKUBA uZinedane ashaya umdlali ngekhanda emdlalweni wokugcina weNdebe yoMhlaba, kodwa ezigidini ngezigidi zabalandeli bamaNgisi, uRonaldo nguye “owayemubi” emidlalweni yeNdebe yoMhlaba eGermany ngo-2006. Ngabe nguye futhi owadala ukuthi uzakwabo adlala naye kuManchester United uWayne Rooney akhishwe enkundleni ngesikhathi iPortugal idlala neNgilandi emdlalweni owawunzima?
Lokho akusilo iqiniso – isinqumo sathathwa wunompempe. Konke lokho akuzange kudale ukuba abalandeli bahhahhabuze uRonaldo noma kunini uma ephethe ibhola - nakweminye imidlalo.
Lo mdlali ungu-1,85 metres ukuphakama kanti uyingozi kakhulu uma ephethe ibhola.
Unezinyawo ezisheshayo kanti udume ngokweqa ibhola ngendlela esheshayo. Omunye wabahlaziyi bezebhola wathi, “uyakwazi ukugoba ibhola, ukulishaya ngekhanda, ukumaka nokuwina umdlalo…”
“Akanqeni ukujika adlule kunoma yimuphi umdlali wasemuva, kanti futhi uyawagoba amabhola ngokufanayo noDavid Beckham ebe ekhahlela ngelikhulu ishodi.
“Akekho noyedwa umdlali othakaselwa ukubukwa abaningi e-Europe njengalo mdlali esikhuluma ngaye kusukela kwavela omunye uRonaldo (waseBrazil) owazakhela igama kwi-Ajax neBarcelona.”
UCRISTIANO Ronaldo dos Santos Aveiro wazalwa ngomhlaka 5 February 1985, eFunchal, esiqhingini samaPutukezi eMadeira.
Igama elithi “Ronaldo” akulona igama elijwayelekile ePortugal (sekuyimanje njengoba abalandeli bembongela ngalo) kanti waliqanjwa nguyise elisusela kulowo owayengumongameli waseMelika uRonald Reagan. Lokhu akakwenzanga ngezizathu zombusazwe kodwa wakwenza ngoba uReagan kwakuyiqhawe lakhe (ubaba kaRonaldo) emidlalweni yamabhayisikobho!
Njengezihlabani zebhola eziningi, uRonaldo naye ngomunye wabadlali abaqala ukukhahlela ibhola besebancane njengoba aqala eneminyaka emithathu nokwathi lapho eseneminyaka eyisithupha lwagqama uthando lwakhe lomdlalo webhola.
Ngo-1995, wayesekhombisa okukhulu ukudlondlobala kangangoba amaqembu amabili amakhulu aseMadeira iCS Marítimo neCD Nacional, womabili ayesha amashushu efuna ukusayinisa lo mfana owayeneminyaka elishumi wagcina ethathwe ngelokugcina kulawa angenhla.
Okunye okwalandela wukuba adlulele eqenjini iSporting Lisbon. Lapha kulapho athola khona ukuqeqeshwa okusezingeni eliphezulu wafaka amagoli amabili emdlalweni wakhe wokuqala ngqa waleli qembu, wajoyina iqembu lesizwe ngaphansi kwe-UEFA emqhudelwaneni wabeminyaka engaphansi kwengu-17.
USir Alex Ferguson wamqaphela ngo-2003 ngesikhathi iSporting Lisbon yehlula iManchester United ngo-3-1.
URonaldo wakhombisa ikhono elihle ekugijimeni ngasezimpondweni nokwathi emva kwalo mdlalo, abadlali be-United babengawuvali umlomo ngekhono lalo mfana omncane, bathi kungangcono adlale eqenjini labo kunokuba baphinde babhekane naye.
Ngaleso sikhathi i-United yayidinga umuntu ozodlala esiswini ngakwesokudla emva kokushiywa wuDavid Beckham eya kwiReal Madrid…
UCRISTIANO waqala ukudlala umdlalo wakhe wokuqala kwiManchester United engena endaweni yomunye umdlali emizuzwini engu-60 ngesikhathi bedlala neBolton Wanderers e-Old Trafford.
Ngaleso sikhathi i-United yayihamba phambili ngo-1-0. Emizuzwini embalwa engenile uRonaldo wawina iphenathi eyashaywa phakathi nguRuud van Nistelrooy.
Lo mdlalo waphela iManchester United isiwina ngo-4-0 kanti igalelo lakhe uRonaldo kuwona lalituswa abathandi bebhola noma kuphi.
Nakuba kunjalo, kodwa futhi zibekhona nezigameko ezingezinhle. Ugxekwa ngokuba nomona nebhola enkundleni nokuba nenhliziyo encane.
Wakhishelwa ngaphandle emdlalweni ababewudlala neManchester City kanti futhi i-UEFA yammisa emdlalweni owodwa ngokwethuka abalandeli beBenfica ngendlela “yokumisa umunwe” emdlalweni we-UEFA Champions League ngoDecember 2005.
Ngesikhathi edlalela iPortugal emdlalweni wobungani bedlala neLuxembourg wathola ikhadi eliphuzi ngokuphusha uJeff Strasser emqaleni emva kokuba uStrasser emdlalise kabi.
Uthini ngesigigaba sikaRooney?
Unompempe uHoracio Elizondo wachaza emva komdlalo ukuthi ikhadi elibomvu walikhiphela ukudlala kwakhe kabi uCarvalho.
“Kwakuwukudlala kabi kukaRooney nokuyikho okwamtholisa ikhadi elibomvu,” kusho yena etshela izintatheli. Ukugijima kukaRonaldo eya kuye akuhlanganise lutho nesinqumo sikanompempe.
“Ngokwami kwakuyisenzo sekhadi elibomvu leso,” kusho unompempe u-Elizondo.
Lokhu akubaphathanga kahle abalandeli bamaNgisi kangangoba okwesikhashana kwabukeka sengathi uRonaldo wayengeke esaphindela kwiManchester United.
Watshela izintatheli wathi “ngicabanga ukuhamba kwiManchester ngoba isimo asisihle ukuba ngingaqhubeka ngidlale khona.” Engxoxweni aba nayo nabeTV yamaPutukezi wathi akazange aziphathe kabi kanti ngeke asolwe ngokwenza ayengakwenzela izwe lakhe.
Waphinde wagcizelela ukuthi ngeke aqhubeke ahlale futhi asebenze endaweni lapho abantu bengamthandi khona, wathi angathokoza ukuhamba eNgilandi.
Kodwa ekugcineni, emva kokuba u-Alex Ferguson noWayne Rooney bemncengile ukuba ahlale, uRonaldo wasayina ikontileka entsha esizomenza ukuba ahlale kwi-United kuze kube ngu-2010.
Njengamanje abalandeli beManchester United bayamthanda. Washaya igoli emdlalweni wakhe wokuqala weLigi emva kweWorld Cup ka-2006.
“Uhlale ezimisele ngokuwina, ufakana ugqozi kanti futhi uzokuba ngumdlali omkhulu emhlabeni,” kusho uSir Alex Ferguson.
“Unekhono elimangalisayo,” kusho ukapteni we-United uRoy Keane. “Ngicabanga ukuthi uyisihlabani sangomuso se-United kanti kuningi okusengalindelwa kuyena.”
Nathi ngokunjalo silindele lukhulu kuyena.[z]
Ngisho noFreddie Ljungberg imbala akulula ukuvimba uRonaldo.
BONA ZULU – January 2007
u
t
Isihlabani esinguCristiano Ronaldo
BONA ZULU – January 2007
URonaldo edlula kuHjalte Norregaard.
