zulu.952.health
Ezempilo
Vikela ingane yakho
Ekugcineni usuyatholakala umgomo wokuvikela isifo se-pneumococcal esibulala abangaphezu kwesigidi ngonyaka ikakhulu izingane emazweni asathuthukayo.
Izingane eziningi zibulawa yi-pneumonia, kodwa kungenzeka zikhubazwe yi-meningitis noma zingezwa emadlebeni. Lokho kungavikeleka ngomgomo omusha osetshenziswa neminye yezingane - ezinyangeni eziyisithupha, ezingu-12 kuthi ekugcineni kube yizinyanga ezimbili.
Ukubaluleka kwempilo
Ibaluleke kangakanani impilo yengane yakho" Umgomo i-MMR umahhala emitholampilo kahulumeni, kodwa omusha wesifo se-pneumococcal ubiza cishe R420 ngaphambi kwe-tax kanti ungawuthola kuphela kuma-private doctors, emitholampilo nasemakhemisi. Omama baseSoweto abawubona ngesikhathi uhlolwa, bathi wenza izimanga empilweni yezingane, bazowuthenga.
angu-1 825 ngonyaka.
Sinamaphupho
IQINISO:
Kuthande ukuba umzali
"Abantu abazoba abazali kufanele bathole isikhathi sokuphumula. Ukwenza lokhu lapho ukhulelwe, nangeminyaka yokuqala yomntwana kuzokwenza uthi 'Ngasithokozela ngempela leso sikhathi'.
"Nakekela ingane esesiswini. Abesilisa yibo abakwenza kahle lokhu kunabesimame.
"Ungajahi. Ingane yakho nawe ngeke nibe ne-stress esikhulu."
- Icashunwe encwadini kaSister Lilian ethi Pregnancy And Birth Companion (Human & Rousseau, R150)
ama-cells afayo emzimbeni -
adaleke sekwehlukana
Ngomzuzu 300 000 000
ama-living cells.
Hlala uphilile ngoPatricia McCracken
BONA ZULU - February 2006
Mabajime
"Kumnandi ukujima!" kufanele kube yinto oyizwayo ezinganeni zakho ngokwethulwa kohlelo lweMaking The Difference kulo nyaka. Kuhloswe ngayo ukujimisa izingane emva kwemibiko eyethusayo yokuthi u-40 percent wezingane zikaGrade 4 no-5 zakuleli azijimi ngokwanele. Cishe ezingamaphesenti angu-8 zikhuluphele. Ukugwema ukuba zikhulise okwezaseMelika, abakwaWoolworths, MySchool, Virgin Active nabeSports Science Institute, nabaxhasi babo banama-resource packs othisha ezikoleni ezingu-1000 eGoli, Pretoria, Cape Town naseThekwini.
Vula inhliziyo
Khombisa ukunakekela abaphethwe yinhliziyo. Thenga iDress Red sticker sikaR5 ugqoke okubomvu ngomhlaka 14 February - Valentine's Day. Imali eyoqoqwa iyoya kwaboHlelo lweziNgane iChildren's Programme yabeHeart Foundation - ngokusho kukaMichelle Kearney. Lokhu sekusize cishe izingane zaseSA ezevile ku-1,4 million. [z]
